ITestamente eliDala 2022
Ngo-Okthoba 17–23. UJeremiya 30–33; 36; IsiLilo 1; 3: “Ngiyakuphendula Ukukhala Kwabo Kube Ngukujabula”


“Ngo-Okthoba 17-23. UJeremiya 30–33; 36; IsiLilo 1; 3: ‘Ngiyakuphendula Ukukhala Kwabo Kube Ngukujabula,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022 (2021)

“Ngo-Okthoba 17-23. UJeremiya 30–33; 36; IsiLilo 1; 3,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
umbhalo waJeremiya umprofethi

Ukukhala kukaJeremiya umprofethi, kuthathwe esiKoleni aseNzarene

Ngo-Okthoba 17-23

UJeremiya 30–33; 36; IsiLilo 1; 3

“Ngiyakuphendula Ukukhala Kwabo Kube Ngukujabula”

Ngesikhathi ubhala okufika emqondweni wakho, cabanga ngendlela imigomo etholakala kuJeremiya nasencwadini yesiLilo ehambisana ngayo nezinto ozifundile kwiTestamente eliDala.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngesikhathi iNkosi ibiza uJeremiya ukuba abe umprofethi, yamtshela ukuthi umsebenzi wakhe kwakuzoba “ukusiphula nokudiliza” (UJeremiya 1:10)—futhi eJerusalema kwakukuningi ububi okwakumele busiphulwe futhi budilizwe. Kepha lokhu kwakuyingxenye yomsebenzi kaJeremiya—wayebizelwe “[no]kwakha nokutshala” (UJeremiya 1:10). Yikuphi okwakungakhiwa noma kutshalwe kulokhu okubi okwakushiywe ukuvukela kwa-Israyeli? Ngendlela efanayo, uma isono noma izinkinga zishiya izimpilo zethu zibhidlikile, singaphinde sakhe kanjani kabusha siphinde sitshale futhi? Impendulo itholakala “eGatsheni lokulunga” (UJeremiya 33:15) UMesiya uletha “isivumelwano esisha”(UJeremiya 31:31)—esidinga okukhulu kunokuzinikela okungatheni noma ukukhombisa ukuzinikela ngaphandle kuphela. Umthetho Wakhe kumele ube “ezibilinini [zethu],” ubhalwe “ezinhlizwyeni [zethu].” Kuchaza lokho ukuthi iNkosi “uNkulunkulu [wethu]” nokuthi nathi “singabantu [Bakhe]” (UJeremiya 31:33). Kuwumsebenzi wansuku zonke, futhi sisawenza amaphutha futhi sinesizathu sokukhala ngesinye isikhathi. Kepha, uma sikhala, sinalesi sethembiso eNkosini: “Ngiyakuphendula ukukhala kwabo kube ngukujabula” (UJeremiya 31:13).

­

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

UJeremiya 30–31; 33

INkosi izokhipha u-Israyeli lapho uthunjelwe khona bese iyawuqoqa.

Ku Jeremiya 30–31; 33 iNkosi yavuma “isililo, nokukhala umunyu” (UJeremiya 31:15) abakwa-Israyeli ababezokuzwa ngesikhathi bethunjwa. Kepha, wabanikeza amazwi enduduzo nethemba. Yimaphi amagama atholokala kulesisahluko ocabanga ukuthi aduduza aphinde anikeza abakwa-Israyeli ithemba na? Yiziphi izethembiso ozitholayo eziphuma eNkosini ziya kwabantu Bayo na? Ngabe lezi zethembiso zikuthinta kanjani wena namuhla na?

UJeremiya 31:31–34; 32:37–42

“Bazoba ngabantu bami, futhi ngizoba uNkulunkulu wabo.”

Noma abakwa-Israyeli babephule isivumelwano sabo neNkosi, uJeremiya waprofetha ukuthi iNkosi yayizomisa “isivumelwano saphakade” futhi “esisha” nabantu Bayo (UJeremiya 31:31; 32:40). Isivumelwano esisha nesaphakade ‘ukuphelela kwevangeli likaJesu Kristu [bheka IMfundiso neziVumelwano 66:2]. Siba sisha njalo uma sembulwa kabusha emuva kwesikhathi sokuhlubuka. Ngesaphakade ngoba yisivumelwano sikaNkulukulu futhi sijatshulelwe kuzo zonke izikhathi zevangeli lapho abantu bekulungele khona ukusithola”

Ngesikhathi ufunda uJeremiya 31:31–34; 32:37–42, cabanga ukuthi kusho ukuthini kuwena ukuba yingxenye yabantu besivumelwano baNkulunkulu. Ngabe lamavesi athinta kanjani indlela obona ngayo ubudlelwano besivumelwano bakho noNkulunkulu na? Kuchaza ukuthini ukuba nomthetho wakhe obhalwe enhlizyweni yakho? (Bheka ku uJeremiya 31:33).

Bheka futhi ku uJeremiya 24:7; AmaHeberu 8:6–12.

Isithombe
intombazane ifunda imibhalo engcwele

Imibhalo engcwele ingasigqugquzela ukuba siphenduke futhi sibheke iNkosi.

UJeremiya 36

Imibhalo Engcwele inamandla okungisusa kokubi.

INkosi yatshela uJeremiya ukuba alobe iziprofetho zakhe “[ku]umqulu wencwadi” noma encwadini, echaza ukuthi uma abantu bengezwa lezi ziprofetho, “mhlawumbe … [babuye], kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi ngibathethelele amacala abo nezono zabo” (UJeremiya 36:2–3). Ngesikhathi ufunda uJeremiya 36, cabanga ukubhala ngendlela labantu abazizwa ngayo ngalezi ziprofetho:

iNkosi:

uJeremiya:

uBaruki:

uJehudi neNkosi uJehoiakim:

u-Elnathan, uDelaya, noGemariya:

Cabanga ngokuthi uzizwa kanjani ngemibhalo engcwele nendima yayo empilweni yakho. Ngabe ikusize kanjani uflathele okubi na?

Bheka futhi kuJulieB. Beck, “My Soul Delighteth in the Scriptures,” Ensign noma iLiyahona, Meyi 2004, 107–9

IsiLilo 1; 3

INkosi ingakususa ukudumala esikuzwayo ngenxa yesono.

Incwadi yesiLilo iqukethe izinkondlo ezibhalwe emuva kokubhubha kweJerusalema nethempeli layo. Ucabanga ukuthi kubaluleke ngani ukuthi lesisililo sigcinwe futhi sifakwe kwiTestamente eliDala? Cabanga ngokuthi izifanekiso encwadini yesiLilo 1 nesigaba 3 zikusiza kanjani uqonde usizi olukhulu elazwiwa u-Israyeli. Yimiphi imiyalezo oyibonayo ephathelene nethemba kuKristu na? (bheka ikakhulukazi IsiLilo 3:20–33; bheka futhi uNgokukaMathewu 5:4; uJakobe 4:8–10; u-Alima 36:17–20).

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

UJeremiya 31:3Ngabe uBaba oseZulwini noJesu Kristu basikhombise kanjani “uthando lwaphakade” lwabo na? Ukuveza izithombe zezinto uKristu asakhela zona noma azenza ngesikhathi sobufundisi Bakhe kungasiza umndeni wakho uzwe “isihe sakhe esinothando.”

UJeremiya 31:31–34; 32:38–41.Cabanga ukubhala uhlu lwezinto ezitholakala kulamavesi, iNkosi esithembisa zona uma senza izivumelwano Naye. Kungani lamavesi esifundisa ngokubaluleka kwezivumelwano zethu?

Amalungu omndeni angaphinde abhale (noma adwebe) ezinhlizyweni zephapha okuthile okukhombisa indlela abazizwa ngayo ngoMsindisi. Kuchaza ukuthini ukuba nomthetho wakhe obhalwe ezinhlizwyeni zethu? (Bheka ku Jeremiya 31:33). Siyikhombisa kanjani iNkosi ukuthi sifuna ukuba ngabantu Bayo na?

UJeremiya 36.Ungawusebenzisa kanjani uJeremiya 36 ukusiza umndeni wakho ufunde ngokubaluleka kwemibhalo engcwele? (Bheka izibonelo lapha amavesi 1–6, 10, 23–24, 27–28,32). Ungacela ilungu lomndeni elilodwa ukuthi lifunde ivesi kulesi sahluko ngesikhathi elinye ilungu libhala phansi, njengoba uBaruki enzela uJeremiya. Kungani sijabulela imizamo yabantu abanjengoBaruki, abagcina amazwi abaprofethi? Singenzani ukukhombisa iNkosi ukuthi siyawahlonipha amazwi Aye emibhalweni engcwele?

IsiLilo 3:1–17, 21–25, 31–32.Njengomndeni, ningakhuluma ngendlela imizwa esencwadini yesiLilo 3:1–17 ihambisana ngayo nemizwa esiba nayo uma sona. Ngabe imiyalezo kwamavesi 21–25, 31–32 ingaba nomthelela kanjani ezimpilweni zethu na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

­

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Funa isambulo. Ngesikhathi ucabanga osukwini, ungathola amanye amasu nemicabango ngemibhalo engcwele oyifundile. Ungacabangi ngokufunda ivangeli njengento oyakhela isikhathi, kepha njengento ohlezi uyenza. (Bheka encwadini yokufundisa ethi Teaching in the Savior’s Way, 12.)

Isithombe
Indoda emgedeni ibukeka idumele ngesikhathi idolobha lisha ngaphandle.

UJeremiya Elilela Ukubhubha KweJerusalema nguRembrandt van Rijn

Shicilela