ITestamente eliDala 2022
Ngo-Okthoba 24-30. UHezekeli 1–3; 33–34; 36–37; 47: “Ngifake Phakathi Kwenu Umoya Omusha”


“Ngo-Okthoba 24–30. UHezekeli 1–3; 33–34; 36–37; 47: “Ngifake Phakathi Kwenu Umoya Omusha’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“Ngo-Okthoba 24–30. UHezekeli 1–3; 33–34; 36–37; 47,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
UJesu ehola izimvu

Come, Follow Me (Wozani, Ngilandeleni), nguScott Sumner

Ngo-Okthoba 24–30.

UHezekeli 1–3; 33–34; 36–37; 47

“Ngifake Phakathi Kwenu Umoya Omusha”

UHezekeli wamenyelwa ukuthi “adle” ngokomfanekiso izwi likaNkulunkulu––ukuze azigcwalise ngalo (bheka u Hezekeli 2:9–3:3,10). Uzozigcwalisa kanjani ngezwi likaNkulunkulu kulelisonto na?

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

UHezekeli wayengumprofethi ekudingisweni. Enamanye ama-Israyeli, wayethunjiwe futhi wathunyelwa eBhabhiloni eminyakeni eminingana ngaphambi kokuba iJerusalema libhujiswe ekugcineni. EJerusalema, uHezekeli wayengumpristi okhonza ethempelini. EBhabhiloni, wayephakathi “kwabathunjwa,” futhi “wayehlala lapho babehlala khona” (UHezekeli 3:15, emamayeleni angamakhulu ukusuka ethempelini futhi enethemba elincane lokubuyela endlini ethandekayo kaNkulunkulu. Kwathi ngolunye usuku uHezekeli waba nombono. Wabona “inkazimulo yeNkosi” (UHezekeli 1:28)––hhayi emuva ethempelini laseJerusalema kodwa khona lapho eBhabiloni phakathi kwabadingisiwe. Wabona ukuthi ububi obabuseJerusalema base bubukhulu kangangokuba ubukhona bukaNkulunkulu babungasekho (bheka u Hezekeli 8–11; 33:21).

Omunye wemisebenzi kaHezekeli kwakuwukuxwayisa ama-Israyeli ngemiphumela yokuhlubuka kwawo—isexwayiso esasinganakwa kakhulu. Kepha kukhona okwengeziwe emyalezweni kaHezekeli: waphrofetha ukuthi, yize izinto zaba zimbi, yayikhona indlela ebuyayo. Uma abantu bakaNkulunkulu bengasamukela isimemo sokuthi “balizwe izwi likaJehova” (UHezekeli 37:4), obekufile kungavuselelwa. “Inhliziyo yetshe” yayingashintshwa ibe “inhliziyo entsha” (UHezekeli 36:26). “Ngiyakuwufaka uMoya wami kini,” iNkosi yasho njalo kubo, “nize niphile” (UHezekeli 37:14). Futhi ezinsukwini zokugcina, iNkosi yayizosungula ithempeli elisha neJerusalema entsha, “futhi igama lomuzi kusukela kulolo suku liyakuthiwa, UJEHOVA ULAPHA” (UHezekeli 48:35).

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

UHezekeli 1–3

“Uyakukhuluma amazwi ami.”

Ukufunda ngobizo lukaHezekeli ebufundisini ku Hezekeli 1–3 kungakushukumisela ukuthi ucabange ngamathuba uNkulunkulu akunike wona okuthi “ukhulume ngamazwi [Akhe]” kwabanye (UHezekeli 3:4). Ku Hezekeli 2–3, qaphela amazwi Akhe okukhuthaza nokuyala uHezekeli. Yize abantu obasebenzelayo mhlawumbe bengebona abahlubuki njengabantu bakaHezekeli, cabanga ukuthi amazwi kaNkulunkulu kuHezekeli ayithinta kanjani indlela obheka ngayo ukukhonza kwakho eBandleni, ekhaya, nakwezinye izindawo.

Bheka futhi uHezekeli 33:1–9.

UHezekeli 33:10–19

INkosi ifuna ukuthethelela.

“Impela … izono zethu ziphezu kwethu,” kubuza ama-Israyeli ayeboshiwe, “pho siyakuphila kanjani na?” (UHezekeli 33:10). Iphendula, iNkosi yawafundisa amaqiniso abalulekile mayelana nokuphenduka nokuthethelelwa. Lemibuzo ingakusiza uzindle ngalawo maqiniso:

UHezekeli34

INkosi ingimema ukuba ngondle izimvu Zayo.

Ku Hezekeli34, iNkosi ibiza abaholi babantu Bayo ngokuthi “abelusi.” Njengoba ufunda, cabanga ukuthi lesihloko siphakamisani kuwe mayelana nokuthi kusho ukuthini ukuba ngumholi. Zingobani “izimvu” iNkosi efuna uzondle na? Ungasilandela kanjani isibonelo soMsindisi asibeka njengomelusi wethu na? (bheka amavesi 11–31).

Bheka futhi NgokukaJohane 21:15–17.

Isithombe
ugwadule noLwandle olungenaMpilo

UHezekeli wabona embonweni umfula ugeleza uvela ethempelini futhi uphilisa uLwandle olungenaMpilo.

UHezekeli37

INkosi iqoqa abantu Bayo futhi ibanikeze impilo entsha.

Ukuqoqwa kuka-Israyeli kuvezwe ku Hezekeli37 ngezimpawu ezimbili. Njengoba ufunda ngophawu lokuqala—amathambo afile abuyiselwa ekuphileni (bheka amavesi 1–14)—zindla ngalokho okufundayo ngokuqoqa u-Israyeli nhlangothi zombili zesisitho (bheka futhi uHezekeli 36:24–30).

Uphawu lwesibili (bheka amavesi 15–28) lubandakanya izinti ezimbili, izazi eziningi ezihumusha ngokuthi amabhodi okubhala okhuni ahlanganiswe nehenjisi. Induku yakwaJuda ingamela iBhayibheli (njengoba ingxenye enkulu yeBhayibheli yabhalwa yinzalo kaJuda), kanti induku kaJoseph ingamela iNcwadi kaMormoni (njengoba umndeni kaLehi kwakuyinzalo kaJosefa waseGibhithe). Unalokho engqondweni, ngabe lamavesi akufundisani ngendima yemibhalo ekuqoqweni kuka-Israyeli na? Ngabe u 2Nefi 3:11–13 (isiprofetho ngoJoseph Smith kanye neNcwadi kaMormoni) wengezani ekuqondeni kwakho na?

Bheka futhi 2Nefi 29:14.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

UHezekeli 33:1–5.Ukufanekisa lamavesi, elinye ilungu lomndeni lingazenza “umlindi” ngokubuka ngewindi bese litshela wonke umndeni ngokwenzeka ngaphandle. Umphrofethi wethu ophilayo ufana kanjani nomlindi kithi?

UHezekeli 33:15–16.Lamavesi asifundisani ngentethelelo esingayithola ngenxa kaJesu Kristu?

UHezekeli 36:26–27.Khombisa umndeni wakho amatshe njengoba nixoxa ngokuthi kusho ukuthini ukuba “nenhliziyo yetshe.” Bavumele bacabange amagama achaza “inhliziyo entsha” kanye “nomoya omusha” uMsindisi asinika wona (bheka uMosiya 3:19; 5:2).

UHezekeli 37:15–28.Amalungu omndeni angathola izinti ezimbili bese ebhala kolulodwa OkukaJuda (IBhayibheli) nakolunye OkukaJosefa (Incwadi kaMormoni) (bheka amavesi 16–19). Sebengabelana ngezindaba noma imibhalo evela eBhayibhelini naseNcwadini kaMormoni ezibasizayo bazizwe besondelene noMsindisi futhi babe “[ngabantu Bakhe]” (ivesi23).

UHezekeli 47:1–12.Lamavesi achaza umbono kaHezekeli wamanzi ageleza evela ethempelini futhi elapha uLwandle olungenaMpilo—ulwandle olunosawoti omningi kangangokuba izinhlanzi nezitshalo akunakuphila kulo. Abantwana bangakuthokozela ukudweba isithombe salo mbono. Afana nani amanzi ageleza evela ethempelini na? Ithempeli lisiza kanjani ukuselapha na? (bheka uHezekeli 47:8–9,11).

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Ungazami ukufundisa yonke into. Ungahle ungakwazi ukuhlola wonke amaqiniso akuHezekeli nomndeni wakho. Funa ukuqondiswa okungokomoya ukuze unqume ukuthi yini okufanele ugxile kuyo. (Bheka encwadini yokufundisa ethi Teaching in the Savior’s Way, 7.)

Isithombe
umfanekiso womfula ogeleza uvela ethempelini

“Bheka, amanzi aphuma phansi kombundu wendlu.… Konke okuphilayo okuswebezelayo kuphile ezindaweni zonke lapho ifika khona leyomifula” (uHezekeli 47:1,9). Isithombe esisetshenziswe ngaphansi kwelayisense evela kwa shutterstock.com.

Shicilela