ITestamente eliDala 2022
Ngo-Okthoba 31–Novemba 6. UDaniyeli 1–6: “Akakho Omunye UNkulunkulu Ongophula”


“Ngo-Okthoba 31–Novemba 6. UDaniyeli 1–6: ‘Akakho Omunye UNkulunkulu Ongophula,”’ Wozani, Ngilandeleni–Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“Ngo-Okthoba 31–Novemba 6. UDaniyeli 1–6,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
uDaniyeli echaza iphupho lenkosi

Daniel Interprets Nebuchadnezzar’s Dream (uDaniyeli Uchaza Iphupho likaNebukhadinesari), nguGrant Romney Clawson

Ngo-Okthoba 31–Novemba 6

UDaniyeli 1–6

“Akakho Omunye UNkulunkulu Ongophula”

IGosa uRichard G. Scott wachaza ukuthi ukubhala phansi okuyalelwe nguMoya “kukhombisa uNkulunkulu ukuthi ukuxhumana Kwakhe kungcwele kithina. Ukubhala phansi kuzophinda kukhulise ikhono lethu lokusikhumbula isambulo” (“How to Obtain Revelation and Inspiration for Your Personal Life,” i-Ensign noma i Liahona, yangoMeyi 2012,46).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Cishe akekho noyedwa umuntu oyoke akusongele ngokukuphonsa esithandweni somlilo noma emphandwini wezingonyama ngenxa yokholo lwakho kuJesu Kristu. Kepha akekho kithi odlula kule mpilo ngaphandle kokulingwa ngokokholo. Sonke singazuza esibonelweni sabantu abanjengoDaniyeli, uShadiraki, uMeshaki, no-Abedi-Nego, abathunjwa besayizinsizwa ngumbuso waseBabiloni onamandla (bheka II AmaKhosi 24:10–16). Laba bantu abasha babezungezwe wusiko ababengalwazi elinamagugu ahlukile, futhi babhekana nezilingo ezinkulu zokulahla izinkolelo namasiko abo alungileyo. Kodwa-ke bahlala bethembekile ezivumelwaneni zabo. NjengoJosefa eGibithe no-Esteri ePheresiya, uDaniyeli nabangane bakhe eBhabhiloni balugcina ukholo lwabo kuNkulunkulu, futhi uNkulunkulu wenza izimangaliso ezisakhuthaza amakholwa kuze kube namuhla.

Ngabe bawathola kanjani amandla okuhlala bethembekile na? Benza lezozinto ezincane neziwubala uNkulunkulu asicele sonke ukuba sizenze—ukukhuleka, ukuzila ukudla, ukukhetha abangane abahle, ukwethembela kuNkulunkulu, kanye nokuba wukukhanya kwabanye. Njengoba siqiniswa ngokwenza lezi zinto ezincane neziwubala, singabhekana namabhubesi nezithando zomlilo ezimpilweni zethu ngokholo.

Ukuze uthole ulwazi olufingqiwe ngencwadi kaDaniyeli, bheka isihloko esithi “UDaniyeli” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

UDaniyeli1; 3; 6

Ngingathembela eNkosini lapho ukholo lwami luvivinywa.

Ngomqondo othile, sonke sihlala eBabiloni. Izwe elisizungezile ligcwele izilingo eziningi ezibangela ukuthi silahle imigomo yethu futhisizibuze ukholo lwethu kuJesu Kristu. Njengoba ufunda UDaniyeli1, 3, no 6, qaphela izindlela uDaniyeli, uShadiraki, uMeshaki, no-Abedi-Nego abacindezelwa ngazo ukuthi benze izinto ababezazi ukuthi zazingalungile. Ngabe wake wazizwa ucindezelwa ukuba ulahle izinkolelo zakho na? Ngabe yikuphi okufundayo kulamadoda okungakusiza ukuthi uthembele eNkosini lapho ubhekene nokuphikiswa na?

Incwadi kaDaniyeli neminye imibhalo eminingi iqopha okwenzeka lapho ukukholwa okukhulu kwaholela ezimangalisweni ezinkulu. Kodwa-ke kuthiwani uma ukholo lwethu lungaholeli ezimangalisweni esizifunayo na? (Isibonelo, bheka u-Alima 14:8–13). Ngalokho okufunde ku Daniyeli 3:13–18, ucabanga ukuthi uShadiraki, uMeshaki, no-Abedi-Nego babengawuphendula kanjani lombuzo na? Isibonelo sabo singayithinta kanjani indlela ohlangabezana ngayo nezilingo zakho zokholo na? - -

Incwadi kaDaniyeli iyakhombisa futhi ukuthi ukukhetha okulungileyo komuntu kungaholela kanjani abanye ekukholweni okukhulu eNkosini. Yiziphi izibonelo zalokhu ozithola ezahlukweni1, 3, naku6? Zindla ngemiphumela izinqumo zakho ezingaba nayo kwabanye (bheka ku NgokukaMathewu 5:16).

Bheka futhi kuDieter F. - -

Isithombe
abafana abane etafuleni benqaba inyama abayinikwa yindoda

Umfanekiso kaDaniyeli nabangane bakhe benqaba ukudla kwenkosi, nguBrian Call

UDaniyeli 2

IBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina lingumbuso kaNkulunkulu emhlabeni.

Ngesambulo, uDaniyeli wabona ukuthi iphupho likaNebukadinesari lalibikezela imibuso yezwe yesikhathi esizayo, kanye nombuso kaNkulunkulu wesikhathi esizayo, “ongasoze wachithwa” (UDaniyeli 2:44). “IBandla yilowo mbuso owaprofethwa wezinsuku zokugcina,” IGosa uD. Todd Christofferson wafundisa wathi, “awudalwanga ngumuntu kepha wamiswa nguNkulunkulu wezulu futhi wagingqika njengetshe ‘elaqheshulwa entabeni kungengazandla’ ukugcwalisa umhlaba” (“Why the Church,” Ensign noma i Liahona, Nov. 2015,111). Cabanga ngombuso kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina njengoba ufunda izincazelo ngetshe ku Daniyeli 2:34–35, 44–45. Yikuphi ukufana okubonayo phakathi kwetshe nombuso na? Ngabe ubona kanjani ukuthi umbuso kaNkulunkulu ugcwalisa umhlaba namuhla?

- -- 

UDaniyeli 3:19–28

UMsindisi uzongilekelela ezilingweni zami.

Yikuphi ukuqonda okuza kuwe njengoba ufunda ngomfanekiso wesine ovela esithandweni somlilo noShadiraki, noMeshaki, no-Abedi-Nego? Lendaba ingakusiza kanjani ezilingweni obhekene nazo na? Ungathola imininingwane eyengeziwe ku Mosiya 3:5–7; Alima 7:11–13; IMfundiso neziVumelwano 61:36–37; 121:5–8.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

UDaniyeli 1–2.Njengoba nifunda uDaniyeli1 kanye no2 ndawonye, ningabheka izibusiso uDaniyeli nabangane bakhe abazithola ngokungadli inyama yenkosi newayini. - Ungase uqhathanise lezo zibusiso nezethembiso zeNkosi kithi njengoba sigcina imiyalo Yakhe, njengeZwi LokuHlakanipha (bheka IMfundiso Nezivumelwano 89:18–21). INkosi isibusise kanjani ngokuphila iZwi LobuHlakani na?

UDaniyeli 3.Ungawusiza kanjani umndeni wakho ukuthi ufunde ngale ndaba eku Daniyeli 3na? - Yini esihlaba umxhwele ngoShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego na? Yiziphi izimo esibhekana nazo eziyinselela ekukholweni kwethu futhi ezidinga ukuthi sibonise ukuthi siyamethemba uNkulunkulu?

UDaniyeli 6:1–23.Umndeni wakho ungakujabulela ukulingisa izingxenye ezithile zendaba ku Daniyeli 6:1–23 (isibonelo, amavesi 10–12 noma 16–23). Sifundani esibonelweni sikaDaniyeli na? Yini esingayenza ukuze sifane naye ngokwengeziwe?

UDaniyeli 6:25–27.Ngokwalamavesi, yathinteka kanjani iNkosi uDariyu ngenkathi iNkosi ikhulula uDaniyeli ezingonyameni? Ungafunda futhi ku Daniyeli 2:47; 3:28–29 mayelana nokuthi iNkosi uNebukadinesari yathinteka kanjani ngendlela efanayo. Yimaphi amathuba esinawo okuthonya abanye? Xoxa ngezibonelo ozibonile zokuthi ukholo lwabanye abantu, kufaka phakathi namalungu omndeni, lube nomthelela muni kwabanye ngokuhle.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Fundisa imfundiso. Ivangeli leNkosi lihle ngobulula balo (bheka IMfundiso Nezivumelwano 133:57). Imidlalo elula nezingxoxo ezigxile emfundisweni ingamema uMoya oNgcwele ukuthi uthwale umlayezo wevangeli ungene ezinhliziyweni zomndeni wakho.

Isithombe
uDaniyeli emphandwini wezingonyama

Daniel in the Lion’s Den [uDaniyeli Emphandwini weziNgonyama], 1872. nguRivière, Briton (1840–1920). Credit: Walker Art Gallery, National Museums Liverpool/Bridgeman Images

Shicilela