ITestamente eliDala 2022
NgoNovemba 21–27. UJona; uMika: “Wenamela Umusa”


“NgoNovemba 21–27. UJona; UMika: ‘Wenamela Umusa,’” Wozani Ngilandeleni––Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoNovemba 21–27. UJona; uMika,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
indoda ekhasa osebeni lolwandle nomkhomo olwandle ngemuva kwayo

Jonah on the Beach at Ninevah (UJona osebeni lolwandle lwaseNineve), nguDaniel A. Lewis

NgoNovemba 21–27

UJona; UMika

“Wenamela Umusa”

Njengoba ubhala imizwa yakho, cabanga ngokuthi izimfundiso ezikuJona nakuMika zihlobana kanjani nalokhu okufunde emibhalweni engcwele.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

UJona wayesemkhunjini oya eTharishishi. Akukho lutho olungalungile ngokuhamba ngomkhumbi uye eTharishishi, ngaphandle kokuthi kukude neNineve, lapho uJona okwakufanele aye khona ukuhambisa umyalezo kaNkulunkulu. Ngakho-ke kwathi uma umkhumbi uhlangabezana nesiphepho esikhulu, uJona wazi ukuthi kungenxa yokungalaleli kwakhe. Ngokuphikelela kukaJona, amatilosi ayekanye naye amphonsa ekujuleni kolwandle ukuvimba isiphepho. Kwabukeka sengathi kwakuwukuphela kukaJona nobufundisi bakhe. Kodwa iNkosi yayingamlahlanga uJona—njengoba nje ingazange ibalahle abantu baseNineve futhi njengoba nje ingasilahlile nathi. Njengoba uMika afundisa, iNkosi ayithokozi ngokusilahla, kodwa “wenamela umusa.” Uma siphendukela kuYe, “uyakubuye asibekezelele, anyathele phansi ububi bethu; futhi uyakuphonsa zonke izono [zethu] ekujuleni kolwandle” (UMika 7:18–19).

Ukubuka konke kwezincwadi zikaJona noMika, bheka “UJona” no “Mika” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

UJona 1–4; UMika 7:18–19

INkosi inomusa kubo bonke abaphendukela kuYo.

Phakathi kwezinye izinto, incwadi kaJona ikhombisa ukuthi iNkosi inesihe kangakanani uma siphenduka. Njengoba ufunda uJona, funa izibonelo zesihe saYo. Zindla ngokuthi usibone kanjani lesosihe empilweni yakho. Yini oyifundayo engakusiza ukuba ube nesihe ngokwengeziwe kwabanye na?

Ukuzwa isihe seNkosi kuvame ukukhuthaza imizwa yothando nokubonga. Kodwa-ke, “kwaba-kubi kakhulu kuJona” futhi “wathukuthela” (UJona 4:1) lapho iNkosi yenzela abantu baseNineve isihe, ababeyizitha zakwa-Israyeli. Yikuphi okwakungenza uJona azizwe ngalendlela na? Ngabe wena wake waba nemizwa ecishe ifane na? Ucabanga ukuthi yini iNkosi eyayizama ukusiza uJona ukuba ayiqonde esahlukweni4?

Zindla ngezimfundiso eziku UMika 7:18–19. Lamaqiniso ayengamsiza kanjani uJona ukuthi aguqule isimo sengqondo yakhe ngeNkosi nangabantu baseNineve na?

Bheka futhi NgokukaLuka 15:11–32. -

Isithombe
abantu ababili abakhuluma ngasemfuleni

Singabelana ngevangeli nabantwana baNkulunkulu.

UJona1; 3–4

Bonke abantwana baNkulunkulu badinga ukulizwa ivangeli.

INineve yayiyingxenye yombuso wase-Asiriya, isitha sakwa-Israyeli esasaziwa ngobudlova nesihluku. KuJona, cishe kwakubukeka kungenangqondo ukuthi abantu baseNineve babekulungele ukwamukela izwi likaNkulunkulu futhi baphenduke. Noma kunjalo, njengoba uMongameli Dallin H. Oaks efundisile: “Akufanele nanini sizibeke njengabehluleli ukuthi ngubani okulungele nongakulungele. INkosi iyazazi izinhliziyo zabo bonke abantwana Bayo, futhi uma sikhulekela intshisekelo, Izosisiza sithole abantu Abaziyo ukuthi ‘balungele ukulizwa izwi’ (u-Alima 32:6)” (“Sharing the Restored Gospel,” Ensign noma iLiyahona, Nov. 2016, 58–59). Ufundani kuJona3 okukukhuthaza ukuba wabelane ngevangeli ngisho nalabo abangabonakala bengakulungele ukushintsha na?

Kungasiza ukuqhathanisa isimo sengqondo sikaJona (bheka UJona1; 3–4) nemizwa ka-Alima neyamadodana kaMosiya (bheka uMosiya 28:1–5; u-Alima 17:23–25).

Bheka futhi u3Nefi 18:32.

UMika 4:11–13; 5:8–15; 7:5–7

UJesu Kristu wacaphuna imibhalo kaMika.

Kuyaziwa ukuthi uMsindisi wacaphuna emazwini ka-Isaya namaHubo. Ubuwazi ukuthi Wabuye wacaphuna emazwini kaMika kaningana? Cabanga ngezibonelo ezilandelayo, uzindle ukuthi kungani lezi ziqephu zazibalulekile kuMsindisi. Kungani zibalulekile kuwe na?

UMika 4:11–13 (bheka u 3Nefi 20:18–20). INkosi yaqhathanisa ukuqoqwa kwezinsuku zokugcina nokuvunwa kukakolweni (bheka futhi uAlma 26:5–7; IMfundiso Nezivumelwano 11:3–4). Ngabe lokhu kuqhathanisa kusho ukuthini kuwe ngokuqoqwa kuka-Israyeli na?

UMika 5:8–15 (bheka u 3Nefi 21:12–21). Lamavesi asho ukuthini kuwe ngabantu baNkulunkulu (“insali kaJakobe”) ezinsukwini zokugcina na?

UMika 7:5–7 (bheka ku NgokukaMathewu 10:35–36). Ngokwalamavesi, kungani kubalulekile “ukumbheka uJehova” kuqala na? Kungani lesiseluleko sibalulekile namuhla?

UMika 6:1–8

“UJehova ifunani kuwe?”

UMika usimema ukuba sicabange ukuthi kungaba njani “ukusondela kuJehova, [si]khothame kuNkulunkulu ophakeme” (uMika 6:6). Ngabe amavesi 6–8 asho ukuthini kuwe mayelana nokuthi yini ebalulekile eNkosini njengoba ihlola impilo yakho na?

Bheka futhi NgokukaMathewu 7:21–23; 25:31–40. -

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

UJona 1–4.Abantwana bakho bangakuthokozela ukwenza izenzo ezikhuluma ngendaba kaJona, njengokuzenza ngathi uyabaleka, ukwenza imisindo njengolwandle olunesivunguvungu, noma ukwenza sengathi ugwinywa yinhlanzi enkulu. Buza amalungu omndeni ukuthi afundani kulokho okwenzeka kuJona. -

UJona3.Ngabe uJona wafundani ngokwabelana ngevangeli na? Ngabe ubani esaziyo ukuthi angabusiseka ngokuzwa umyalezo wevangeli elibuyisiwe likaJesu Kristu na?

UMika 4:1–5.Ngokwalamavesi, yini ezoletha ukuthula nempumelelo kubantu beNkosi na? Yini esingayenza ukusiza ukugcwalisa lesi siphrofetho emakhaya ethu na?

UMika 5:2.Ungakhombisa isithombe sikaJesu esengumntwana nonina (bheka kwi Global Art Book, no.33) kolunye uhlangothi lwegumbi nesithombe saMadoda Ahlakaniphileyo kolunye. Fundani ndawonye UMika 5:2 no NgokukaMathewu 2:1–6. Ngabe isiprofetho sikaMika sawasiza kanjani Amadoda Ahlakaniphileyo ukuthola uJesu na? Amalungu omndeni angasondeza isithombe saMadoda Ahlakaniphileyo eduze kwesithombe sikaJesu. -

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Thola uthando lukaNkulunkulu. Njengoba ufunda imibhalo engcwele, cabanga ngokuqaphela ubufakazi bothando lukaNkulunkulu obugqame kuwe. Isibonelo, bheka ukuthi uNkulunkulu walubonisa kanjani uthando Lwakhe kubantwana Bakhe endabeni kaJona.

Isithombe
indoda ephonswa olwandle

Umfanekiso wenziwe nguKevin Carden

Shicilela