“NgoNovemba 7–13. UHoseya 1–6; 10–14; UJoweli: ‘Ngibathande Ngesihle,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)
“NgoNovemba 7–13. UHoseya 1-6; 10-14; UJoweli,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022
NgoNovemba 7–13.
UHoseya 1–6; 10–14; UJoweli
“Ngibathande Ngesihle”
Cela uMoya ube yingxenye yokufunda kwakho uHoseya noJoweli. Naka imiyalezo oyitholayo enhlizyweni nasemqondweni evela kuMoya.
Bhala Okufika Emqondweni Wakho
Isivumelwano sika-Israyeli neNkosi kwakumele sibaluleke kangangokuthi iNkosi yasifanisa nomshado. Isivumelwano, njengomshado, sibandakanye ukuzinikela ingunaphakade, ukwenza izinto ndawonye, ukwakha impilo ndawonye, ukuzinikela ngokuphelele, futhi kakhulukazi, uthando olugcwele inhliziyo. Ukuzinikela okunje kwakuhamba nokulindelekile okusezingeni eliphezulu—futhi nemphumela emibi uma ungaziphathi kahle. Ngomprofethi uHoseya, uNkulunkulu wachaza imiphumela abakwa-Israyeli ababezobhekana nayo ngenxa yokuphula isivumelwano sabo. Kepha, umlayezo Wakhe kwakungekhona ukuthi “ngizonilahla ingunaphakade ngokungathembeki.” Kunalokho kwaba wukuthi “Ngiyakumyenga” (Bheka ku uHoseya 2:14–15). “Ngiyakuzimisela wena ube ngumkami,” kwasho iNkosi (uHoseya 2:19). “Ngiyakuphulukisa ukuhlehla kwabo, ngibathande ngesihle” (Hoseya 14:4). Lomlayezo ufana nalo asinikeza wona namuhla ngesikhathi sifuna ukuphila isivumelwano sethu ngothando nokuzinikela.
UJoweli wabelana ngomlayezo ofanayo: “niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba yena unomusa, unobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu” (uJoweli 2:13). “UJehova uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli” (uJoweli 3:16). Ngesikhathi ufunda uHoseya noJoweli, cabanga ngobudlelwane bakho neNkosi. Cabanga ngokuthi ukuthembeka Kwakhe kukugqugquzela kanjani ukuthi nawe wethembeke Kuye.
Ukubuka konke kwezincwadi zika-Hoseya noJoweli, bheka “uHoseya” no “Joweli” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.
Amasu Okuzifundela Imibhalo
INkosi ihlezi ingimema ukuba ngibuyele Kuyo.
Umka Hoseya, uGomer, akathembekanga kuye, futhi iNkosi yabala lesi sehlakalo esidabukisayo ukufundisa u-Israyeli ukuthi wayezizwa kanjani ngabo nezivumelwano zabo. Ngesikhathi ufunda ku Hoseya 1–3, cabanga ngokuthi iNkosi ibubuka kanjani ubudlelwano Bayo nabantu Bayo besivumelwano. Ungase ucabange ngezindlela nawe, njengabakwa-Israyeli, ongathembekanga ngazo kuNkulunkulu nangendlela afinyelela ngayo kuwe. Isibonelo, ngabe ku Hoseya 2:14–23 naku Hoseya 14 ufunda ini ngothando nomusa weNkosi. Ngabe wena umkhombisa kanjani uthando lwakho nokuzinikela na?
Bheka futhi kuDieter F. Uchtdorf, “Point of Safe Return,” iLiyahona, Meyi 2007, 99–101.
UHoseya 6:4–7; UJoweli 2:12–13
Ukuzinikela kuNkulunkulu kumele kuzwakale ngaphakathi, kungakhonjiswa ngaphandle kuphela.
INkosi yayala abantu Bayo ukuba banikele ngezilwane. Kepha noma ngabe abantu ezinsukwini zikaHoseya babethobela loyo mthetho, babephula imiyalelo ebaluleke kakhulu (Bheka kuHoseya 6:4–7). Ucabanga ukuthi kuchaza ukuthini ukuthi iNkosi “[ya]funa uthando, hhayi umhlatshelo; [no]kumazi uNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa”? (UHoseya 6:6). Ucabanga ukuthi kuchaza ukuthini ukuthi ukulunga kunjengamafu noma amazolo? Ukulunga kwethu kufanele kube njani na? (bheka u-Isaya 48:18; 1 Nefi 2:9–10).
Ungaphinde ufunde uNgokukaMathewu 9:10–13; 12:1–8 ukubona ukuthi uMsindisi wawusebenzisa kanjani uHoseya 6:6 emsebenzini Wakhe. Ngabe lemibhalo ikusiza kanjani ukuba uqonde amazwi kaHoseya?
Ngesikhathi ufunda uJoweli 2:12–13, kungakusiza ukwazi ukuthi ukuklebhula izingubo kwakuwuphawu lwangaphandle lokukhombisa ukuzila nokuzisola (ukuthola isibonelo bheka ku 2 IziKronike 34:14–21,27). Ngabe ukuklebhula izinhliziyo zethu kuhluke kanjani kunokuklebhula izembatho zethu?
Bheka futhi u-Isaya 1:11–17; uNgokukaMathewu 23:23; 1John 3:17–18
“Ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwayo yonke inyama.”
Ngesikhathi uJoweli eprofetha “ngosuku lweNkosi” waluchaza ngokuthi “usuku lobumnyama nolwesigayegaye,” “[o]lukhulu, [olu]sabeka kakhulu” (UJoweli 2:1–2,11). U-Israyeli ubhekane nezinsuku ezinkulu nezesabekayo emandulo, futhi abantu besivumelwano baNkulunkulu bazobhekana nokunye esikhathini esizayo. Yikuphi okukuchazayo ngesiyalo iNkosi eyasinikeza ku Joweli 2:12–17 na? Phinde futhi ubheke izibusiso azithembisile ku Joweli 2:18–32. Ngabe kungani izibusiso ezithenjisiwe kwamavesi 27–32 zibaluleke kakhulu ezinsukwini ezinjenganalezo ezichazwe ku Joweli 2, okubala khona usuku lwethu?
Ucabanga ukuthi kuchaza ukuthini ukuthi iNkosi “iyakuthulula uMoya [Wayo] phezu kwayo yonke inyama”? (UJoweli 2:28). Ngabe iziprofetho ku Joweli 2:28–29 zifezeka kanjani na? (Bheka Izenzo 2:1–21; Joseph Smith—Umlando 1:41.)
Ungaphinde ucabange ngalamazwi avela kuMongameli Russell M. Nelson: Ezinsukwini ezizayo, angeke ukwazi ukuphila ngokomoya ngaphandle kokuholwa, ukuyalwa, ukududuzwa nokufundiswa njalo nguMoya oNgcwele” (“Isambulo seBandla, Isambulo seziMpilo Zethu,” iLiyahona, Meyi 2018, 96). Kungani isambulo sibalulekile ukuze siphile ngokomoya? Ungakhulisa kanjani amandla akho okuthola isambulo somuntu siqu?
Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni
-
UHoseya 2:19–20.INkosi yasebenzisa isifaniso somshado ukuchaza ubudlelwano besivumelwano nabakwa-Israyeli. Umndeni wakho ungaxoxa ngokuthi umshado ungaba kanjani yisifaniso sezivumelwano zethu noNkulunkulu? Ngabe uHoseya 2:19–20 usisiza kanjani ukuba sazi ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani ngathi na? Singathembeka kanjani thina kwizivumelwano Naye na?
-
UHoseya 10:12.Abantwana bangase bekujabulele ukudweba iwashi bese behlela izindlela abangafuna ngayo iNkosi ngezikhathi ezihlukene osukwini.
-
UJoweli 2:12–13.Ukusiza umndeni wakho ukhulume ngo Joweli 2:12–13, ungabeka isithombe soMsindisi ecaleni elilodwa legumbi negama elithi sono kwelinye icala. Cela amalungu omndeni ukuba ashintshisane ngokubheka uphawu bese bebheka ngakuMsindisi ngesikhathi babelana ngezinto ezingasisiza siphendukele Kuye “ngezinhliziyo zethu zonke.” Gqugquzela amalungu omndeni ukuba acabange ngezingxenye zezimpilo zawo, okubala imisebenzi, isikole, nobudlelwano.
-
UJoweli 2:28–29.Kungachaza ukuthini ukuthi umoya “uthelwe” kithi? Mhlawumbe ungakukhombisa lokhu ngokuthela okungamanzi bese ukuqhathanisa neconsi.
Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.
-