ITestamente eliDala 2022
NgoNovemba 14–20. U-Amose; U-Obadiya: “Funani uJehova, Niphile”


“NgoNovemba 14–20. U-Amose; U-Obadiya: ‘Funani uJehova, Niphile’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoNovemba 14–20. U-Amose; U-Obadiya,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
ubuso bukaJesu obukhanyiswe ngamakhandlela egumbini elimnyama

Isinkwa Sokuphila, nguChris Young

NgoNovemba 14–20.

U-Amose; U-Obadiya

“Funani uJehova, Niphile”

UMoya oNgcwele ungavula ingqondo yakho nenhliziyo yakho emiyalezweni esezwini likaNkulunkulu ehloselwe wena kuphela. Ucabanga ukuthi yini iNkosi efuna uyifunde kulelisonto na?

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

UNkulunkulu wakhetha inzalo ka-Abrahama ukuba ibe ngabantu Bakhe besivumelwano ukuze babe “yisibusiso” kubo bonke abantu (bheka uGenesise 12:2–3). Kodwa esikhundleni salokho, ngesikhathi sobufundisi buka-Amose, abantu abaningi besivumelwano babecindezela abampofu futhi bengabanaki abaphrofethi, benza izenzo zabo zokukhonza ezazingenalutho futhi ezazingasho lutho (bheka u-Amose 2:6–16). Kuliqiniso, izizwe ezazibazungezile nazo zazinecala lezono ezinkulu (bheka u-Amose1; 2:1–5), kodwa lokho akukaze kube izaba kubantu bakaNkulunkulu (bheka u-Amose 3:2). Ngakho-ke uNkulunkulu wathumela umelusi ovela kwaJuda ogama lakhe lingu-Amose ukuba ashumayele ngokuphenduka eMbusweni wakwa-Israyeli. Kamuva, uNkulunkulu waphinde wamemezela ngomphrofethi u-Obadiya ukuthi yize uMbuso wakwaJuda wawusubhujisiwe, iNkosi yayizobaqoqa ibabusise abantu Bayo futhi. Abantu besivumelwano babephambukile eNkosini, bobabili abaprofethi bafakaza, kepha babengeke balahlwe ingunaphakade. Lapho uNkulunkulu embula izimfihlo Zakhe ezincekwini zaKhe abaprofethi (bheka u-Amose 3:7), singakuthatha njengophawu lokuthi usafuna ukusisiza siphile ngokuvumelana nezivumelwano esazenza Naye.

Ukuthola okwengeziwe ngencwadi ka-Amose no-Obadiya, bheka “u-Amose” kanye n“no-Obadiya” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

U-Amose 3:1–8; 7:10–15

INkosi yembula iqiniso ngabaphrofethi Bayo.

Ku Amose 3:3–6, umphrofethi u-Amose wethula izibonelo ezimbalwa zezimbangela nemiphumela: ngoba ibhubesi lithola inyamazane, ibhubesi liyabhonga; ngoba isicupho esinesiyengo sibekelwe inyoni, inyoni iyabanjwa. - Ku mavesi 7–8, u-Amose wasebenzisa lomqondo kubaphrofethi. Yini ebangela ukuthi umphrofethi aphrofethe na? Yini enye oyifundayo ngabaphrofethi njengoba ufunda u-Amose 7:10–15? Zindla ngokuthi kungani ubonga ukuthi iNkosi isalokhu “yembula imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi” (u-Amose 3:7). Ngabe leliqiniso liphakamisani kuwe ngoNkulunkulu na?

Bheka futhi IMfundiso Nezivumelwano 1:38; 21:4–8; 35:13–14.

U-Amose 4–5

“Funani uJehova, Niphile.”

Njengoba ufunda u-Amose 4:6–13, qaphela izahlulelo iNkosi eyazithumela kubantu bakwa-Israyeli. Ngabe lamavesi aphakamisani ngalokho iNkosi eyayinethemba lokuthi kwakuzokwenzeka emva kwalokhu okwenzekile na? (bheka futhi uHelamani 12:3). Cabanga ngesivivinyo osanda kudlula kuso. Yize ukulingwa kwakho kungenzeka akuthunyelwanga nguNkulunkulu, zindla ngokuthi kungakunika kanjani amathuba okumfuna.

Funda ku-Amose 5:4, 14–15, bese uzindla ukuthi iNkosi ibe “nomusa” kangakanani kuwe (ivesi15) njengoba ubuyifunile, ngisho nangezikhathi zakho zokulingwa.

- -

U-Amose 8:11–12

Izwi leNkosi linganelisa ukulamba nokoma ngokomoya.

Sonke sihlangabezana nezikhathi zokulamba nokoma ngokomoya, kepha asikho isidingo sokuthi “sizulazule ulwandle nolwandle” (Amose 8:12) sifuna okuthile okuzosanelisa. Siyazi ukuthi yini ezokwanelisa leyo ndlala engokomoya, futhi sibusiswe ngezwi leNkosi ngobuningi. Njengoba ufunda u-Amose 8:11–12, cabanga ngokuthi kungani indlala iyisiqhathaniso esihle sokuphila ngaphandle kwezwi likaNkulunkulu. Yikuphi okunye ukuqonda okutholayo ku NgokukaMathewu 5:6; NgokukaJohane 6:26–35; 2 Nefi 9:50–51; 32:3; u-Enoshe 1:4–8?

- -

Isithombe
iqembu lentsha limi phambi kwethempeli

Singaba ngabasindisi eNtabeni iSiyoni ngokwenza umsebenzi wethempeli nowomlando womndeni.

U-Obadiya 1:21

Bangobani “abasindisi … entabeni yaseSiyoni” na?

UMongameli Gordon B. Hinckley wanikeza ukuhumusha okukodwa okungaba yikho kwenkulumo ethi “abasindisi entabeni yaseSiyoni,” exhumanisa leyo nkulumo nomsebenzi wethempeli nowomlando womndeni: “[Ethempelini] siba ngabasindisi ngokoqobo eNtabeni iSiyoni. Kusho ukuthini lokhu? Njengoba noMhlengi wethu wanikela ngempilo yaKhe njengomhlatshelo wokulwela bonke abantu, futhi ngokwenza lokho waba nguMsindisi wethu, kanjalo nathi, ngesilinganiso esincane, lapho senza umsebenzi wokumela ethempelini, siba abasindisi kulabo abakolunye uhlangothi abangenandlela yokuqhubekela phambili ngaphandle kokuthi benzelwe okuthile emhlabeni” (“Closing Remarks,” Ensign noma iLiyahona, Nov. 2004,105).

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

U-Amose 3:7.Ungabuyekeza imilayezo eminingana yakamuva evela kuMongameli weBandla bese uxoxa ngalokho iNkosi ekwembulayo emndenini wakho ngaye. Kungani kubalulekile ukuba nomphrofethi ohola iBandla na? Sazi kanjani ukuthi ungumphrofethi weqiniso na? Ngabe senzani ukulandela iseluleko sakhe na?

U-Amose 5:4.Umndeni wakho ungakha isithombe esizolengiswa ekhaya lakho nalelivesi. Kusho ukuthini ukufuna iNkosi na? Simfuna kanjani? Yiziphi izibusiso esizitholayo uma senza lokho? Ungamema amalungu omndeni wakho ukuba abelane futhi axoxe ngamanye amavesi afundisa ngokufuna iNkosi, njengo NgokukaMathewu 7:7–8; Etere 12:41; kanye neMfundiso Nezivumelwano 88:63.

U-Amose 8:11–12.Abantwana bangakuthokozela ukwenza izenzo ezihambisana nemishwana kulamavesi. Uma imizimba yethu ilambile noma yomile, senzani? Uma imimoya yethu ilambile noma yomile, senzani? Ngabe ukuBuyiselwa kwevangeli kuyanelisa kanjani indlala yethu yasemoyeni na?

U-Obadiya 1:21.Kungasho ukuthini ukuba “abasindisi… entabeni yaseSiyoni” na? (Ukuthola incazelo okungahle kube yiyo, bheka okwashiwo nguMongameli Gordon B. Hinckley ngaphansi kwesihloko esithi “Amasu Okuzifundela Imibhalo Engcwele.”) Yimuphi kokhokho bethu odinga izimiso ezisindisayo na? Yini esizoyenza ukubasiza?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Sebenzisa umculo ukumema uMoya futhi ufunde imfundiso. Ukulalela noma ukufunda amazwi eculo kungakusiza ufunde imigomo yevangeli. - (Bheka encwadini yokufundisa ethi Teaching in the Savior’s Way, 22.)

Isithombe
IThempeli laseSanto Domingo Dominican Republic

IThempeli laseSanto Domingo Dominican Republic

Shicilela