“Novemba 28–Disemba 4. UNahume; UHabakuki; UZefaniya: ‘Izindlela Zakhe Zaphakade’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)
“Novemba 28–Disemba 4. UNahume; UHebakuki; UZefaniya,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022
Novemba 28–Disemba 4
UNahume; UHabakuki; UZefaniya
“Izindlela Zakhe Zaphakade”
Ungafunda imibhalo engcwele impilo yakho yonke kepha uqhubeke nokufunda okusha. Ungacabangi ukuthi kumele ukuqonde konke njengamanje. Thandazela usizo lokuthi ubone imiyalezo oyidingayo namuhla.
Bhala Okufika Emqondweni Wakho
Ukufunda iTestamente eliDala kujwayele ukuchaza ukufunda iziprofetho ngokubhubha. INkosi yayivamise ukubiza abaprofethi ukuba baxwayise abantu abenza okubi ukuthi ukwehlulela Kwayo kwakuza kubo. Ubufundisi bukaNahume, Habakuki, noZefaniya buyisibonelo esihle. Benikeza imniningwane esabekayo, laba baprofethi balanda ngokuwa kwamadolobha, ngaleso sikhathi, ayebukeka eqinile futhi enamandla—iNiniva, iBabele, kanye neJerusalema imbala. Kepha kwakuyizinkulungwane zeminyaka edlule lapho. Kungani kubalulekile ukufunda lezi ziprofetho namuhla na?
Noma ngabe lamadolobha anempakamo nobubi abhubha, impakamo nobubi kusakhona. Emhlabeni namuhla, singazithola sizungezwe ububi lobo obabuzondwa ngabaprofethi bakudala. Singase sibuthole nasezinhlizwyeni zethu. Lezi ziprofetho zeTestamente eliDala zikhombisa ukuthi iNkosi izizwa kanjani ngempakamo nobubi, futhi zisifundisa ukuthi singabuflathela lobubi. Mhlawumbe yileso isizathu esisodwa esenza ukuthi siqhubeke nokufunda lezi ziprofetho zasemandulo namuhla. UNahume, uHabakuki, noZefaniya, nabanye, kwakungabona nje abaprofethi bokubhubha—babengabaprofethi benkululeko. Izincazelo zokubhubha zihambisana nezimemo zokuza kuKristu nokuthola umusa Wakhe: “Funani uJehova …; funani ukulunga; funani ukuthobeka” (UZefaniya 2:3). Lena kwakuyindlela Yakhe emandulo, futhi indlela Yakhe namuhla. “Izindlela Zakhe Zaphakade” (UHabakuki 3:6).
Ukuthola lezi zincwadi ezifinqgiwe, bheka “UNahume,” “UHabakuki,” no “Zefaniya” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele
Amasu Okuzifundela Imibhalo
INkosi inamandla futhi inomusa.
Umsebenzi kaNahume kwakuwukubikezela ngokubhubha kweNiniva—idolobha elikhulu laseSyria, elahlakaza abakwa-Israyeli futhi lalimiza amaJuda. UNahume waqala ngokuchaza ulaka lukaNkulunkulu namandla Akhe amakhulu, kepha waphinde wakhuluma ngomusa nokulunga kukaNkulukulu. Ungacabanga ngokubheka amavesi kwisigaba 1 akusiza uqonde lezi zimilo—kanye nezinye zikaNkulunkulu ozitholayo. Kungani kubalulekile ukwazi lokhu ngakunye ngeNkosi na?
Abanye bengakuthola kulukhuni ukuhlanganisa imfundiso ethi “INkosi ilungile” (UNahume 1:7) nemfundiso ethi “uphindisela kwabamelene naye” (UNahume 1:2). ENcwadini kaMormoni, indodana ka-Alima uKoriyantoni wayenemibuzo ecishe ifane “mayelana nokulunga kwaNkulunkulu nokujeziswa konesono” (Alima 42:1). Ukufunda kabanzi ngomusa kaNkulunkulu nendlela okuhambisana ngayo nokulunga, funda impendulo ka-Alima kuKoriyantoni ku Alima 42.
Ngingayithemba intando kaNkulunkulu nesikhathi Sakhe.
Ngisho abaprofethi babuye babe nemibuzo ngezindlela zikaNkulunkulu. UHabakuki, owayephila ngesikhathi sobubi obabugcwele eJuda, waqala umbhalo wakhe ngemibuzo ayeyibhekise eNkosini (Bheka ku Habakuki 1:1–4). Ungazifingqa kanjani izinkathazo zikaHabakuki na? Ngabe wena wake waba nemizwa ecishe ifane na?
INkosi yaphendula imibuzo kaHabukuki ngokuthi yayizothumela amaKaledi (abaseBabiloni) ukuzojezisa amaJuda (bheka ku Habakuki 1:5–11). Kepha uHabakuki wayesakhathazekile, ngoba kwakubukeka kungalungile ukuthi iNkosi ibuke nje “omubi [Babiloni] egwinya olungileyo [uJuda] kunaye” (bheka amavesi 12–17). Yikuphi okutholayo ku Habakuki 2:1–4 okukugqugquzelayo ukuthi uthembe iNkosi uma unemibuzo engaphendulekile?
Isigaba 3 sencwadi kaHabakuki ngumthandazo wendumiso kuNkulunkulu kanye nokukhombisa ukholo Kuye. Ngabe yikuphi okukuhlaba umxhwele ngamagama kaHabakuki emavesini 17-19 na? Ngabe lamavesi ahluke kanjani ngokuzwakala kunalawa aku Habakuki 1:1–4 na? Cabanga ngokuthi ungalikhulisa kanjani ukholo lwakho kuNkulunkulu, noma impilo ibukeka ingalunganga.
Bheka futhi kumaHeberu 10:32–39; 11; IMfundiso neziVumelwano 121:1–6; Robert D. Hales, “Waiting upon the Lord: Thy Will Be Done,” iLiyahona, Nov. 2011, 71–74.
“Funani uJehova, nina nonke bathobekileyo bomhlaba.”
UZefaniya waprofetha ukuthi abantu bakwaJuda babezobhubha ngokuphelele ngenxa yabaseBabiloni ngenxa yobubi babo. “Ngiyakuqothula nokuqothula konke, kusuke ebusweni bomhlaba, [k]usho uJehova” (UZefaniya 1:2). Kepha, uZefaniya waphinda wathi “insali” izogcinwa (UZefaniya 3:13). Ngesikhathi uzifunda lezi ziprofetho, naka ukuziphatha okwahola amaJuda namanye amaqembu ekutheni abhubhe—bheka ikakhulukazi ku Zefaniya 1:4–6,12; 2:8, 10,15; 3:1–4. Bese ubheka izimilo zabantu uNkulunkulu ayezobagcina—bheka ku Zefaniya 2:1–3; 3:12–13, 18–19. Ucabanga ukuthi iNkosi ikubekele muphi umlayezo kulamavesi na?
UZefaniya 3:14–20 uchaza intokozo yabalungile emuva kokuba iNkosi “ [i]xoshile izitha zakho” (vesi 15). Yiziphi izibusiso ezithenjisiwe kulamavesi ezikugqamelayo na? Kungani kubalulekile kuwena ukuthi wazi ngalezi zibusiso na? Ungase uqhathanisa lamavesi nezehlakalo ezichazwe kabanzi ku 3 Nefi 17 bese ucabanga ngokuthi uJesu Kristu uzizwa kanjani ngabantu Bakhe—kubala nawe.
Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni
-
UNahume 1:7.Ngabe iNkosi “iyinqaba” kanjani na? Mhlawumbe umndeni wakho ungakha inqaba elula ekhaya lenu bese uxoxa ngo Nahume 1:7 ngesikhathi uphakathi. Yini eyenza usuku lwethu lube wusuku “lwezinkathazo” na? Ngabe uJesu Kristu nevangeli Lakhe kusiqinisa kanjani na? Thina sikhombisa kanjani ukuthi “siyamethemba”?
-
UHabakuki 2:14.Singasiza kanjani ukufeza isiprofetho esitholakala kulelivesi na?
-
UHabakuki 3:17–19.Yikuphi esikufundayo ngesibonelo sikaHabakuki kulamavesi na?
-
UZefaniya 2:3.Ningadlala umdlalo lapho amalungu omndeni kumele ethole amagama athi “ukulunga” noku “thobeka” ekhasini elinamanye amagama amaningi. Angaxoxa ngezibonelo zokulunga nokuthobeka azibone kumuntu ngamunye emndenini. Ngabe kuchaza ukuthini ukufuna ukulunga nokuthobeka na?
-
UZefaniya 3:14–20.Yikuphi esikutholayo ku Zefaniya 3:14–20 okusenza sifune “ukucula, … sijabule futhi sithokoze ngenhliziyo yonke”? Mhlawumbe umndeni wakho ungacula amaculo afike emqondweni ngesikhathi ufunda lamavesi.
Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.