ITestamente eliDala 2022
NgoDisemba 19–25. UKhisimusi: “Simhlalele, Uyakusisindisa”


“NgoDisemba 19-25. UKhisimusi: ‘Simhlalele, Uyakusisindisa,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoDisemba 19-25. UKhisimusi,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
Umntwana uJesu esongwe ngendwangu emhlophe elele otshanini

Ngokuba Sizalelwa Umntwana, nguSimon Dewey

NgoDisemba 19-25

UKhisimusi

“Simhlalele, Uyakusisindisa”

Ngalesi sikhathi saKhisimusi, cabanga ngendlela iTestamente eliDala elikhulise ngayo ubufakazi bakho ngoJesu Kristu kulonyaka wonke.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

ITestamente eliDala liqukethe umoya wokulindela ngentokozo. Ngendlela ethize, licishe lifane nesikhathi sikaKhisimusi. Kuqala ku-Adamu no-Eva, abaphatriyakhe beTestamente eliDala, abaprofethi, ababhali bezinkondlo, nabantu ababebheke phambili belindele izinsuku ezingcono, ezigcwele ithemba lokuvuselelwa nokukhululwa nguMesiya. Futhi abakwa-Israyeli babelidinga kakhulu lelothemba—noma babethunjiwe eGibhithe noma eBabele noma beboshiwe ngenxa yesono sabo noma ukuvukela. Kukho konke, abaprofethi babakhumbuza ukuthi uMesiya, uMkhululi, wayezoza “ezomemezela ukukhululwa kwabathunjwa” (U-Isaya 61:1).

Lelo themba laqala ukufezeka ngesikhathi uJesu Kristu ezalwa eBetlehema. UMkhululi omkhulu wa-Israyeli wazalelwa wabekwa emkhombeni (bheka ngokukaLuka 2:7). Kepha wayengayena uMkhululi nje wabakwa-Israyeli basemandulo. Weza ukuzokhulula wena—ukuzotshatha ubuhlungu bethu, ukuzothwala ukudabuka kwakho, ukuzolinyazwa ngenxa yeziphambeko zakho, ukuze nangemivimbo ya[khe] siphilisiwe thina (bheka ku Isaya 53:4–5). Yingakho uKhisimusi ugcwele ukulinda okuyintokozo ngisho nanamuhla. Sekudlule iminyaka eyizi-2000 eza uMesiya, futhi uyaqhubeka ukuza ezimpilweni zethu uma simfuna.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

Ngiyathokoza kuMhlengi wami.

UKhisimusi waziwa njengesikhathi esiyintokozo ngenxa yentokozo elethwa uKristu emhlabeni. Ngisho abantu abangamdumisi uJesu njengendodana kaNkulunkulu bajwayele ukuzwa injabulo yaKhisimusi. Cabanga ngentokozo oyizwayo ngenxa ngokuthi uBaba oseZulwini wathumela iNdodana Yakhe.

Eminyakeni engamakhulu ngaphambi kokuthi uMsindisi azalwe, abaprofethi beTestamente eliDala nabo bezwa intokozo ngesikhathi bekhuluma ngoMesiya ozayo. Funda lemibhalo elandelayo, bese ucabanga ngokuthi kungani yayingabaluleka kulabo ababelindele umsebenzi woMsindisi: AmaHubo 35:9; U-Isaya 25:8–9; 44:21–24; 51:11; UZefaniya 3:14–20; uMose 5:5–11. Kungani lemibhalo ibalulekile kuwe?

Bheka futhi kuRussellM. Nelson, “Joy and Spiritual Survival,” Ensign noma iLiyahona, Nov. 2016, 81–84.

Izimpawu zingangisiza ngikhumbule uJesu Kristu.

Amasiko amaningi ahambiselana noKhisimusi angaba nezimpawu ezisikhomba kuKristu. Imihlobiso eme njengenkanyezi ingamela inkanyezi ekhazimulayo eyakhanya ngobusuku bokuzalwa kukaKristu (bheka NgokukaMathewu 2:2). Abaculi bangasikhumbuza izingelosi ezavela kwabelusi (bheka NgokukaLuka 2:13–14). Ngesikhathi ufunda iTestamente eliDala kulonyaka, kungaba ukuthi ubone izimpawu eziningi ezimele uMsindisi. Ezimbalwa zibaliwe ngaphansi. Cabanga ngokufunda lokhu bese ubhala okukufundisayo Ngaye.

Yiziphi ezinye izimpawu, imibhalo, kanye nezindaba ezitholakala emibhalweni engcwele ezifakaza ngoJesu Kristu na?

Bheka futhi ku 2 Nefi 11:4; Mosiya 3:14–15; Mose 6:63

“Negama Lakhe Liyakuthiwa uMluleki Omangalisayo.”

UJesu Kristu ubizwa ngamagama amaningi ahlukile. Yimaphi amagama owatholayo kulamavesi alandelayo? AmaHubo 23:1; 83:18; U-Isaya 7:14; 9:6; 12:2; 63:16; U-Amose 4:13; UZakariya 14:16; Mose 7:53. Yimaphi amanye amagama ongawacabanga na? Ungase futhi ujabalulelele amagama aJesu Kristu owotholayo kwizihlabelelo zikaKhisimusi. Ngabe igama ngalinye linomthelela kanjani endleleni ocabanga ngayo Ngaye na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

Amasiko kaKhisimusi angasikhomba kuJesu Kristu.Imindeni yabakwa-Israyeli yayinamasiko, njengePhasika kanye neminye imicimbi, okwakumele ikhombe izinhliziyo zayo nemiqondo yayo eNkosini (bheka ku Eksodusi 2). Yimaphi amasiko enziwa umndeni wakho ngesikhathi sikaKhisimusi anisiza nigxile kuJesu Kristu na? Yimaphi amasiko owaziyo ayenziwa kumlando womndeni wakho na? Ningase nicabange ngokuxoxa njengomndeni ngamasiko eningase nifune ukuwaqala. Izibonelo zingabandakanya ukusiza umuntu oswele (ukuthola amasu. Bheka ku ComeuntoChrist.org/light-the-world), ukumema umngani ukuba azobuka umlayezo wobuMongameli bokuQala waKhisimusi nawe (broadcasts.ChurchofJesusChrist.org), ukubhala iculo lakho likaKhisimusi, noma ukuthola indlela ehlukile yokwabelana ngomlayezo wokuzalwa kukaKristu.

“Umntwana uKristu: Indaba yokuZalwa kwaJesu.”Ungawasiza kanjani amalungu omndeni ukuba azwe ubungcwele nentokozo yokuzalwa kukaKristu na? ningafunda ndawonye ku NgokukaMathewu 1:18–25; 2:1–12; NgokukaLuka 1:26–38; 2:1–20. Umuntu ngamunye angakhetha umuntu endabeni yombhalo ongcwele abelane ngokuthi lowo muntu ubezizwa kanjani ngoMsindisi. Amalungu omndeni nawo angabelana ngemizwa yawo Ngaye.

Ukuthola uMsindisi kwiTestamente eliDala.Ngesikhathi ulungisela ukufunda ngempilo kaKristu kwiTestamente eliSha onyakeni ozayo, cabanga ngokubuyekeza nomndeni wakho ngalokho abakufundile Ngaye kwiTestamente eliDala. Ungabuyekeza uhlelo lwalensiza kanye neminye imibhalo yakho ukukusiza ukhumbule lokho okufundile. ­ Yiziphi iziprofetho noma izindaba ezisigqamelile na? Yikuphi esikufundile ngoMsindisi na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Lalela amalungu omndeni wakho. “Ukulalela yisenzo sothando. Kudinga ukuthi sizikhathaze kakhulu ngokusenhliziyweni yomunye umuntu kunokuthi yikuphi okulandelayo ohlelweni lwethu. Ngesikhathi unaka ngesineke imiyalezo [yamalungu omndeni] ephimisiwe nengaphimiswanga, uzoqala ukuqonda kangcono izidingo zawo, izinkathazo zawo, kanye nezifiso zawo. Umoya uzokusiza ukwazi ukubafundisa” (Teaching in the Savior’s Way, 34).

Isithombe
UMary nomntwana uJesu emkhombeni Nabelusi

UkuZalwa kukaJesu, nguN. C. Wyeth

Shicilela