ITestamente eliDala 2022
NgoDisemba 5–11. UHagayi; UZakariya 1–3; 7–14: “Zahlukaniselwe uJehova”


“NgoDisemba 5–11. UHagayi; uZakariya 1–3; 7–14: ‘Zahlukaniselwe uJehova,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoDisemba 5–11. UHagayi; uZakariya 1–3; 7–14,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
IThempeli laseLaie eHawaii

IThempeli laseLaie eHawaii

NgoDisemba 5–11

UHagayi; uZakariya 1–3; 7–14

“Zahlukaniselwe uJehova”

Ukufunda imibhalo engcwele kumema isambulo. Vuleleka kwimilayezo owembulelwa yona nguMoya oNgcwele njengoba ufunda uHagayi noZakariya.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ngemuva kokuthunjwa amashumi eminyaka, iqembu lama-Israyeli, mhlawumbe okubandakanya nabaphrofethi uHagayi noZakariya, lavunyelwa ukubuyela eJerusalema. Abanye kuleliqembu bakhumbula ukuthi iJerusalema yayibukeka kanjani ngaphambi kokubhujiswa. Cabanga indlela abazizwa ngayo ngesikhathi bebona imfucumfucu eyayikade ingamakhaya abo, izindawo zabo zokukhulekela nethempeli labo. Kulabo ababezibuza ukuthi ngabe ithempeli lalizophinde lifane nendlu yeNkosi “ekukhazimulweni kwalo kokuqala” (uHagayi 2:3), umphrofethi uHagayi wakhuluma amazwi akhuthazayo eNkosi: “Niqine, nonke nina-bantu bezwe, kusho UJehova, nisebenze: ngokuba nginani, … ningesabi.” “Ngiyigcwalise lendlu ngenkazimulo, … nginike ukuthula kulendawo.” (UHagayi 2:4–5, 7,9.)

Kodwa kwakungelona nje ithempeli elingcwele kuphela elalidinga ukwakhiwa kabusha. Ngezindlela eziningi, abantu bakaNkulunkulu base bengamanxiwa ngokomoya. Futhi ukwakha ithempeli elingcwele kuthatha okungaphezulu kokuqopha amatshe nokuwaqondanisa ukwakha udonga lwethempeli. Namuhla, amathempeli anombhalo othi “Wahlukaniselwe uJehova,” futhi lawo mazwi awasebenzi esakhiweni kuphela kodwa futhi ayindlela yokuphila. Ukuqopha lamagama “ezikhencezweni zamahashi” nakuwo “wonke amakhanzi eJerusalema” (uZakariya 14:20–21) kuyasiza kuphela uma kubhalwe nakuzo zonke izinhliziyo. Ubungcwele beqiniso budinga ukuthi amazwi nemithetho yeNkosi “isifice” (uZakariya 1:6), ivumele amandla Akhe aguqule isimo sethu ukuze sibe ngcwele njengaye (bheka uLevitikusi 19:2).

Ukubuka konke kwezincwadi zikaHagayi noZakariya, bheka “uHagayi” no “Zakariya” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

UHagayi1; 2:1–9

“Bhekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.”

Kwakunezinto eziningi ezibalulekile okwakufanele zenziwe ukwakha kabusha iJerusalema. Kepha ngemuva kweminyaka ecishe ibe yi-15 bebuyile abakwa-Israyeli, iNkosi ayithokozanga ngokuthi ukwakhiwa kabusha kwethempeli akuzange kubekwe eqhulwini (bheka uHagayi 1:2–5; bheka futhi uEzra 4:24). Njengoba ufunda uHagayi1; 2:1–9, cabanga ngemibuzo enjengalena: Yimiphi imiphumela ama-Israyeli abhekana nayo ngenxa yokuthi ayengakaqedi ukulakha ithempeli na? Yiziphi izibusiso iNkosi eyabathembisa zona uma babeqeda ukwakha indlu Yayo na? Ungathatha leli thuba ukuthi “ubheke enhliziyweni yakho izindlela zakho”—ukucabanga ngezinto eziza kuqala kuwe nokuthi ungazihlanganisa kanjani nezeNkosi.

Bheka futhi IMfundiso Nezivumelwano95. -

UZakariya 1–3; 7–8;14

INkosi ingangenza ngibe ngcwele.

Udadewethu uCarol F. McConkie wafundisa wathi: “Ubungcwele wukwenza izinqumo ezizogcina uMoya oNgcwele njengomqondisi wethu. Ubungcwele wukubeka eceleni ukuthambekela kwethu kwemvelo futhi sibe ‘ngongcwele ngenhlawulo kaKristu iNkosi’ [Mosiya 3:19]. … Ithemba lethu lobungcwele ligxile kuKristu, emuseni waKhe nasebubeleni baKhe” (“The Beauty of Holiness,” Ensign noma iLiyahona, yangoMeyi 2017, 9–10). Gcina lezi zimfundiso engqondweni yakho ngenkathi ufunda amazwi eNkosi, anikezwa ngomphrofethi uZakariya, enxusa u-Israyeli ukuthi abengcwele ngokwengeziwe: uZakariya 1:1–6; 3:1–7; 7:8–10; 8:16–17. Qaphela izinto iNkosi eyacela u-Israyeli ukuthi azenze ukuze abenze babengcwelise. Ukusiza kanjani wena ukuba ubengcwele ngokwengeziwe na?

UZakariya 2:10–11; 8:1–8; 14:9–11, 20–21 uchaza ukuthi impilo izoba njani osukwini oluzayo lapho sonke sihlala neNkosi esimweni sobungcwele. Ngabe lezi zincazelo zazingasho ukuthini kulabo ababakha kabusha iJerusalema ngesikhathi sikaZakariya na? Zisho ukuthini kuwe?

Isithombe
Ukungena kukaJesu kokunqoba eJerusalema

“Bheka, iNkosi yakho iza kuwe: ilungile, inensindiso; ithobekile, ikhwele imbongolo” (uZakariya 9:9). Triumphal Entry (Ukungena Kokunqoba), nguHarry Anderson

UZakariya 9:9–11; 11:12–13; 12:10; 13:6–7; 14:1–9

UJesu Kristu unguMesiya othenjisiwe.

Imibhalo eminingi kaZakariya ikhomba ebufundisini basemhlabeni bukaJesu Kristu kanye nokuZa Kwakhe kwesiBili. Qhathanisa lezi ziphrofetho ezilandelayo ezivela kuZakariya nezindima ezihlobene ezivela kwezinye izincwadi zemibhalo engcwele:

Yini oyifundile ngoMsindisi ngenkathi ufunda lezi zindima? Kungani kubalulekile kuwe ukuziqonda lezi zindima?

Bheka futhi IziHloko zemiBhalo Engcwele, “uMessiah”.

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

UHagayi 1:2–7.Lamavesi angenza umndeni wakho “ubheke enhliziyweni yakho izindlela zakho.” Mhlawumbe amalungu omndeni angalingisa imishwana eku vesi6. Lelivesi lisifundisani ngokwazisa izinto zomhlaba kunezinto zikaNkulunkulu na? Ningabonisana ndawonye mayelana nezinto eziza kuqala emndenini wakho. Siza umndeni wakho ubheke ukuthi yikuphi enikwenza kahle nokuthi ngabe yikuphi eningakuthuthukisa.

UHagayi 2:1–9.Ukwethula lamavesi, ungabelana ngendaba yethempeli iProvo City Center, elakhiwa kabusha lisuka etabernakele elithandekayo elalishisiwe (bheka isithombe kuloluhlelo). Njengoba umndeni wakho ufunda uHagayi 2:1–9, ungacela amalungu omndeni ukuthi acabange ngento ethile ezimpilweni zethu engafana nomsebenzi wokwakha kabusha ithempeli elalicekelwe phansi. Ngabe iNkosi isakha kanjani kabusha emva kwenhlekelele noma ubunzima na?

UZakariya 3:1–7.Lapho ufunda lamavesi, ungakhombisa umndeni wakho izingubo ezingcolile. Ngabe uJoshuwa wayezizwa kanjani lapho emi phambi kwengelosi egqoke izingubo ezingcolile na? Isono sifana kanjani nezingubo ezingcolile na? Ngabe UZakariya 3:1–7 usifundisani ngokuxolela na? Ningahlanza izingubo ndawonye futhi nikhulume ngamandla okuhlanza eNhlawulo yoMsindisi.

UZakariya 8:1–8.Yini esihlaba umxhwele ngombono kaZakariya ngekusasa leJerusalema na? Yini esiyithola lapho esingathanda ukuyibona emphakathini wethu? Singamema kanjani uMsindisi ukuthi “ahlale phakathi [kwethu]” na? -

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Thatha amathuba okuzihlola. Njengoba ufunda imibhalo engcwele, uzovama ukukhuthazwa ukuba uzindle ngokuzibophezela kwakho kuBaba oseZulwini nakuJesu Kristu. Thatha isinyathelo kokuzwayo okutholayo.

Isithombe
Umugqa wesikhathi okhombisa ukuthi iProvo Tabernacle eseProvo, eUtah, eMelika, yacekelwa phansi kanjani ngomlilo futhi yakhiwa kabusha njengethempeli iProvo City Centre

Shicilela