ITestamente eliDala 2022
NgoDisemba 12–18. UMalaki: “Nginithandile, kusho uJehova”


“NgoDisemba 12–18. UMalaki: ‘Nginithandile, kusho uJehova,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoDisemba 12–18. UMalaki,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
Isifaniso sikaKristu

NgoDisemba 12–18

UMalaki

“Nginithandile, kusho uJehova”

Igama elithi Malaki lisho ukuthi “isithunywa sami” Ngesikhathi ufunda umlayezo kaMalaki kwabakwa-Israyeli, yimiphi imilayezo oyitholayo empilweni yakho na? Ngabe amazwi kaMalaki athinta kanjani isikhathi sethu?

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

“Nginithandile,” iNkosi yatshela abantu Bayo ngamazwi omprofethi uMalaki. Kepha abakwa-Israyeli, abahlupheka isikhathi eside ngenxa yezinkathazo nokuthunjwa, babuza iNkosi, “Usithande kanjani na?” (UMalaki 1:2). Kukho konke abakwa-Israyeli abadlula kukho, kufanele ukuthi bazibuza ukuthi ngabe impela umlando wasemandulo uyindaba yothando lukaNkulunkulu kubantu Bakhe besivumelwano.

Ngesikhathi ubuyekeza okufundile kwiTestamente eliDala kulonyaka, yibuphi ubufakazi obutholayo ngothando lukaNkulunkulu na? Kulula ukubona izibonelo eziningi zobuthaka bomuntu nokuvukela. Kepha kukho konke lokho, uNkulunkulu akakaze ayeke ukufinyelela ngothando. Ngesikhathi amadodana kaJakobe ephatha kabi umfowabo uJosefa, iNkosi yaqhubeka yakha indlela yokubasindisa esomisweni (bheka UGenesise 45:4–8). Ngesikhathi abakwa-Israyeli bekhalaza ehlane, uNkulunkulu wabaphilisa ngemana (bheka ku Eksodusi 16:1–4). Ngisho ngesikhathi abakwa-Israyeli bemlahla, babheka abanye onkulunkulu, futhi bahlakazeka, uNkulunkulu akabalahlanga ngokuphelele kepha wathembisa ukuthi uma bephenduka, uzobaqoqa futhi abahlenge “ngomusa omkhulu” (bheka U-Isaya 54:7).

Uma ubuka ngalendlela, iTestamente eliDala yindaba yothando lukaNkulunkulu olubekezelayo noluhlalayo. Futhi lendaba iyaqhubeka namuhla. “Kuyakuphuma iLanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo,” kwaprofetha uMalaki (UMalaki 4:2). UJesu Kristu weza, waletha ukulashwa ngokwenyama nongokomoya kubo bonke abeza Kuye. Ungubufakazi obukhulu bothando lukaNkulunkulu kwabakwa-Israyeli nakithi.

Ukuthola ulwazi olubanzi ngencwadi kaMalaki, bheka ku “Malaki” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

UMalaki 3:1–4

“Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini”

Esikhathini sikaMalaki, abakwa-Israyeli basebelakhe kabusha ithempeli eJersalema, kepha njengabantu, kwakusamele bakhe ubudlelwano babo noNkulunkulu. Ngesikhathi ufunda uMalaki, bheka imibuzo iNkosi eyabuza abakwa-Israyeli noma leyo abayibuza Yena. Cabanga ngokuzibuza imibuzo ecishe ifane (ezinye izibonelo zinikeziwe ngaphansi) ukukusiza uhlole ubudlelwane bakho neNkosi bese usondelana Nayo.

  • Ngabe ngilizwe ngayiphi indlela uthando lweNkosi na? (bheka ku Malaki 1:2).

  • Ngabe lokho engikunikeza iNkosi kuyayihlonipha ngempela na? (Bheka ku Malaki 1:6–11).

  • Yingaziphi izindlela okumele “ngibuyele” eNkosini ngazo na? (bheka ku Malaki 3:7).

  • Ngabe iNkosi ngiyayiphanga nganoma iyiphi indlela na? (bheka ku Malaki 3:8–11).

  • Ngabe ukuziphatha kwami ngezikhathi ezinzima kuyayiveza imizwa yami ngoNkulunkulu na? (bheka ku Malaki 3:13–15; bheka futhi ku 2:17).

Bheka futhi ku D. Todd Christofferson, “As Many as I Love, I Rebuke and Chasten,” kwiLiyahona, Meyi 2011, 97–100.

UMalaki 1:6–14

INkosi icela “umnikelo omsulwa.”

Amazwi eNkosi ku Malaki 1 aveza ukuthi abaPhristi bakwa-Israyeli babenikela ngezilwane ezinesici futhi ezinokugula ethempelini, lokho iNkosi eyayikunqabile (bheka ku Levitikusi 22:17–25). Ngabe leminikelo isho ukuthini ngemizwa yabaphristi eNkosini na?(Bheka ku Malaki 1:13). Kungani iNkosi isicele ukuba siyinike iminikelo yethu elunge kakhulu na? Cabanga ngeminikelo iNkosi ecele ukuthi uyenze. Yikuphi ongakwenza ukuze uyinike “umnikelo omsulwa” na? (UMalaki 1:11; bheka futhi ku 3:3).

Bheka futhi ku Moroni 7:5–14.

UMalaki 3–4

Iziprofetho zikaMalaki ziyafezeka ezinsukwini zokugcina.

Ngesikhathi uMsindisi evakashela eMelika, wacaphuna ku Malaki 3–4 ekhuluma namaNefi (bheka ku 3 Nefi 24–25). Ngonyaka ka-1823, ingelosi uMoroni yabelana ngezingxenye zesigaba esifanayo kuJoseph Smith (bheka ku Joseph Smith—Umlando 1:36–39; bheka futhi Imfundiso neziVumelwano 2). Ucabanga ukuthi kungani amazwi kaMalaki aphindwe kangaka emibhalweni engcwele na? (Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 27:9; 110:13–16; 128:17–18). Ngokubona kwakho, yimiphi imilayezo etholakala ku Malaki 3–4 oyibona ibaluleke kakhulu esikhathini sethu na?

Ngesikhathi uMoroni ephinda uMalaki 4:5–6 kuJoseph Smith, wakwenza “nomehluko omncane kwindlela esifundeka ngayo” eBhayibhelini (Joseph Smith—Umlando 1:36). Ngabe umehluko waMoroni wanezelela ngani ekuqondeni kwethu lesi siprofetho na? Ukufunda kabanzi ngokuza kuka-Eliya nokuthi lesi siprofetho sifezeka kanjani namuhla, bheka IMfundiso neziVumelwano 110:13–16 nomyalezo weGosa uDavid A. Bednar “The Hearts of the Children Shall Turn” (iLiyahona, Nov. 2011, 24–27). Kungani ubonga ukuthi u-Eliya usezile na?

Isithombe
U-Eliya evela kuJoseph Smith no-Oliver Cowdery eThempelini laseKirtland

Isithombe sika-Eliya evela kuJospeh Smith no-Oliver Cowdery eThempelini laseKirtland, nguRobertT. Barett

UMalaki 3:8–12

Ukukhokha okweshumi kuvula amafasitela asezulwini.

Ngesikhathi ufunda ku Malaki 3:8–12, cabanga ngokwehlele wena ngesikhathi ukhokha okweshumi. Ngabe umusho othi “ngingayikunivulela amafasitele asezulwini” (Vesi 10) usho ukuthini kuwe na?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

UMalaki 1:2.Umndeni wakho ungawuphendula kanjani umbuzo otholakala kuMalaki 1:2—”Usithande kanjani na?” Yikuphi ubufakazi bothando lukaNkulunkulu kithi na?

UMalaki 3:8–12Ngesikhathi ufunda kuMalaki 3:8–12, cela amalungu omndeni abelane ngemicabango nemizwa yawo mayelana nokweshumi. Yiziphi izibusiso zesikhashana esizibonile ngokukhokha okweshumi na? (bheka ku David A. Bednar, “The Windows of Heaven,” iLiyahona, Nov. 2013, 17–20) Amalungu omndeni angase akujabulele ukudweba izithombe ezimele lezi zibusiso kanye nokulengisa izithombe efasteleni.

UMalaki 3:13–18.Kuchaza ukuthini kithi ukuba ngabeNkosi nokuba “yigugu” Lakhe?

UMalaki 4:5-6Emuva kokufunda lamavesi, umndeni wakho ungabheka izimpendulo zalemibuzo ngesiprofetho sikaMalaki: Ubani na? Yini na? Nini na? Kuphi na? Ngobani na? (Bheka futhi IMfundiso neziVumelwano 2).

Ngabe siziphendula kanjani izinhliziyo zethu kobaba bethu na? Ngabe sibusiseka kanjani uma sikwenza na? ­ Sizokwenzani njengomndeni ukuthola lezi zibusiso na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

­

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Buza Imibuzo Ngesikhathi Ufunda Ngesikhathi uyifunda imibhalo engcwele, kukhona imibuzo engafika emqondweni wakho. Cabanga ngalemibuzo, bese ubheka izimpendulo.

Isithombe
Unkosikazi enyakazisa iduku elimhlophe emoyeni enokhokho abaningi emuva kwakhe

UHosanna waMourning, nguRose Datoc Dall. Unkosikazi obizwa ngokuthi uMourning ume ezweni lemimoya, ezungezwe okhokho bakhe. Uguba ukukhululwa kwabo ekuboshweni komoya.

Shicilela