ITestamente eliDala 2022
Ngo-Okthoba 10-16. UJeremiya 1–3; 7; 16–18; 20: “Ngingakakubumbi Esiswini Ngakwazi”


“Ngo-Okthoba 10–16. UJeremiya 1-3; 7; 16–18; 20: ‘Ngingakakubumbi Esiswini Ngakwazi,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: ITestamente eliDala 2022 (2021)

“Ngo-Okthoba 10–16. UJeremiya 1–3; 7; 16–18; 20,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
umphrofethi ekhuluma nabantu

Jeremiah (UJeremiya), nguWalter Rane

Ngo-Okthoba 10-16.

UJeremiya 1–3; 7; 16–18; 20

“Ngingakubumbi Esiswini Ngakwazi”

IGosa uDavid A. Bednar wathi: “Enye yezindlela engizwa ngayo [iNkosi] isemibhalweni engcwele. Imibhalo engcwele yizwi leNkosi eliqoshwe kusengaphambili” (“‘Hear Him in Your Heart and in Your Mind,” ChurchofJesusChrist.org).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ekuqaleni, uJeremiya wayengacabangi ukuthi angaba ngumphrofethi olungile. Wakhononda wathi “Bheka, angikwazi ukukhuluma,” ngenkathi iNkosi imbiza okokuqala (UJeremiya 1:6). INkosi yamqinisekisa yathi, “Ngibeke amazwi ami emlonyeni wakho” (ivesi9). UJeremiya wayezizwa ukuthi “wayengumntwana” ongenalwazi (ivesi6), kodwa iNkosi yachaza ukuthi empeleni wayelungele ukwedlula lokho ayekucabanga—wayemiselwe lolubizo ngaphambi kokuba azalwe (bheka ivesi5). Ngakho-ke uJeremiya akakunakanga ukwesaba wakwamukela ukubizwa. Waxwayisa amakhosi nabapristi baseJerusalema ukuthi ukuzenza kwabo abantu abangcwele kwakungeke kubasindise ekubhujisweni. “Umntwana” owayecabanga ukuthi akakwazi ukukhuluma wezwa izwi likaNkulunkulu “enhliziyweni [yakhe] njengomlilo oshisayo” futhi wayengasakwazi ukuthula (UJeremiya 20:9).

Indaba kaJeremiya nayo iyindaba yethu. UNkulunkulu nathi wayesazi, ngaphambi kokuba sizalwe futhi wasilungiselela ukwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni. Phakathi kokunye, lowo msebenzi ufaka phakathi into uJeremiya ayibona kusengaphambili: ukuqoqa abantu bakaNkulunkulu, ngamunye ngamunye, ukuze “abayise eSiyoni” (uJeremiya 3:14). Futhi noma singazi kahle okufanele sikwenze noma sikusho, kufanele “singesabi…; ngokuba nginawe, kusho uJehova ”(uJeremiya 1:8,19).

Ukuze uthole ulwazi olufingqiwe ngencwadi kaJeremiya, bheka isihloko esithi “Jeremiya” kwiziHloko zemiBhalo eNgcwele.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

UJeremiya 1:4–19; 7:1–7; 20:8–10

Abaprofethi babizelwa ukukhuluma izwi leNkosi.

Njengoba ufunda kuJeremiya 1:4–19 mayelana nobizo lukaJeremiya lokuba ngumphrofethi, zindla ngeqhaza labaprofethi empilweni yakho. Ufundani ngabaprofethi emazwini eNkosi kuJeremiya na? (bheka futhi uJeremiya 7:1–7). Ukushumayela kukaJeremiya kwakwenqatshwa kaningi (bheka uJeremiya 20:8,10). Ufundani emazwini kaJeremiya kuJeremiya 20:9? Gcina lemicabango engqondweni ngenkathi ufunda izimfundiso zikaJeremiya. Yikuphi okutholayo kulezi zimfundiso okukukhuthazayo ukuthi ulalele abaphrofethi bezinsuku zokugcina na?

UJeremiya 1:5

UNkulunkulu wayengazi ngingakazalwa.

Ngaphambi kokuba uJeremiya azalwe, uNkulunkulu wayemazi futhi wamkhetha, noma wamugcoba ngaphambili kokuba azalwe, ukuze afeze umsebenzi othile emhlabeni (bheka uJeremiya 1:5). Ucabanga ukuthi kungani kwakubalulekile ukuthi uJeremiya akwazi lokhu?

UNkulunkulu futhi wakwazi nawe ngaphambi kokuba uzalwe futhi wakugcoba ngaphambili kokuba uzalwe ukuba ufeze imisebenzi ethile (bheka u-Alima 13:1–4; IMfundiso Nezivumelwano 138:53–56; u-Abrahama 3:22–23). Lolwazi lungenza mehluko muni empilweni yakho na? Uma usitholile isibusiso sakho esivela kumphatriyakhe, ungasibuyekeza ngomkhuleko bese ubuza uNkulunkulu ukuthi ungakufeza kanjani lokho anquma ukuthi ukwenze.

Bheka futhi iziHloko zemiBhalo eNgcwele, “Ukugcotshwa ngaphambilini kokuzalwa,” “Impilo eyandulela eyasemhlabeni,” topics.ChurchofJesusChrist.org.

Isithombe
umuntu emi ethangini lamanzi lasendulo

Abantu bakwa-Israyeli wasendulo babesebenzisa amathangi ukugcina amanzi ayigugu.

UJeremiya2; 7

“Bangishiyile umthombo wamanzi aphilileyo.”

Endaweni eyomile lapho ama-Israyeli ayehlala khona, abantu babegcina amanzi ayigugu emithonjeni engaphansi komhlaba ebizwa ngokuthi amathangi amanzi. Kungani ukuthola amanzi emthonjeni bekungaba ngcono kunokuthembela ethangini? Kusho ukuthini ukushiya “umthombo wamanzi aphilileyo” na? Ucabanga ukuthi ngabe “imithombo evuzayo” okukhulunywe ngayo kuJeremiya 2:13 ifana nani na? Njengoba ufunda uJeremiya2 kanye no7, qaphela ukuthi abantu babewashiya kanjani amanzi aphilayo eNkosi, futhi ucabange ukuthi uwemukela kanjani amanzi aphilayo empilweni yakho.

UJeremiya7 ubhekiswe kulabo abebengena “esangweni lendlu kaJehova … ukukhuleka kuJehova” (uJeremiya 7:2). Kodwa-ke ngaphezu kwalokhu kubonakala kwangaphandle kokuzinikela, babenecala lobubi obukhulu (bheka amavesi 2–11). Yimiphi imilayezo ocabanga ukuthi iNkosi ingaba nayo kuwe emavesini 21–23?

UJeremiya 3:14–18; 16:14–21

INkosi izobaqoqa abantu Bayo.

Ngenkathi uJeremiya ephrofetha ngokuqoqwa kuka-Israyeli owayehlakazekile, wathi kuzoba yinto enkulu kakhulu ukwedlula ngisho uFuduko eGibhithe (bheka uJeremiya 16:14–15). Ngomoya ofanayo, uMongameli Russell M. Nelson wathi: “Uthunyelwe emhlabeni ngaso kanye lesisikhathi … ukusiza ukuqoqa u-Israyeli. Akukho lutho okwenzeka kulomhlaba njengamanje okubaluleke ukudlula lokho [kuqoqwa]. … Lokhu kuqoqwa kufanele kusho konke kuwe” (nguRussellM. Nelson noWendyW. Nelson, “Hope of Israel” [worldwide youth devotional, ngoJuni3, 2018], isenezelo ku New Era nakwi Ensign, Agasti. 2018,12, ChurchofJesusChrist.org).

Njengoba ufunda uJeremiya 3:14–18; 16:14–21, yini ekukhuthazayo ngokuqoqwa kwa-Israyeli ezinsukwini zokugcina na? Ngabe lamavesi athini ngokuthi kwenzeka kanjani lokho kuqoqwa na? Yikuphi ukuqonda okwengeziwe okutholayo kumlayezo wonke kaMongameli Nelson ocashunwe ngenhla?

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

UJeremiya 1:5.Ungasebenzisa lelivesi ukukhuluma ngempilo yethu noBaba oseZulwini ngaphambi kokuba sizalwe. - Ukwazi ngempilo yethu eyandulela eyasemhlabeni kungayithinta kanjani indlela esiphila ngayo impilo yethu yasemhlabeni?

UJeremiya 2:13; 17:13–14.Ukusiza amalungu omndeni ukuthi abone lamavesi ngeso lengqondo, ungakhombisa ukuthi kwenzekani lapho ufaka amanzi esitsheni esiqhekekile noma esonakele. Yini engamelelwa “umthombo wamanzi aphilileyo” ‘nemithombo evuzayo’ na? (UJeremiya 2:13). Siphuza kanjani emanzini aphilileyo eNkosi na?

UJeremiya 16:16.UMongameli uRussell M. - Amalungu omndeni “angazingela” izinto eziseduze kwekhaya lakho futhi akhulume ngokuthi ungasiza kanjani “ukudoba” kanye “nokuzingela” u-Israyeli ohlakazekile.

UJeremiya 18:1–6.Ukuhlola lamavesi, ungaxoxa noma ubonise ukuthi isitsha sobumba senziwa kanjani. Yimuphi umyalezo uJehova awuphathele u-Israyeli kuJeremiya 18:1–6? Kusho ukuthini ukuba ubumba ezandleni zeNkosi? (bheka futhi u-Isaya 64:8). - -

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Sebenzisa izindaba. UMsindisi wayevame ukufundisa esebenzisa izindaba. Cabanga ngezindaba zempilo yakho ezingenza ukuthi umgomo wevangeli uphile. (Bheka encwadini yokufundisa ethi Teaching in the Savior’s Way, 22.)

Isithombe
ubumba esondweni lombumbi

“Bhekani, njengobumba esandleni sombumbi, ninjalo esandleni sami, nina ndlu ka-Israyeli” (uJeremiya 18:6).

Shicilela