ITestamente eliDala 2022
Ngo-Okthoba 3–9. U-Isaya 58–66: “Uyakufika eSiyoni uMhlengi”


“Ngo-Okthoba 3–9. U-Isaya 58–66: ‘Uyakufika eSiyoni uMhlengi”,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: iTestamente EliDala 2022 (2021)

“Ngo-Okthoba 3–9. U-Isaya 58–66,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
UJesu efundisa esinagogeni

Jesus in the Synagogue at Nazareth (UJesu esinagogeni eNazaretha), ngo-GregK. Olsen

Ngo-Okthoba 3–9.

U-Isaya 58–66

“Uyakufika eSiyoni uMhlengi”

Njengoba ufunda u-Isaya 58–66, cabanga ukuthi amazwi ka-Isaya akulethela kanjani injabulo nethemba ngeksasa.

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Ekuqaleni kobufundisi Bakhe basemhlabeni, uJesu Kristu wahambela esinagogeni eliseNazaretha, okuyisigodi akhulela kuso. Lapho Wema ukuze afunde imibhalo engcwele, wavula incwadi ka-Isaya, wafunda lokhu esikwazi manje njengo Isaya 61:1–2. Wabe esekhuluma ethi, “Namhlanje ugcwalisekile lombhalo ezindlebeni zenu.” Lesi kwaba ngesinye sezimemezelo eziqonde kakhulu zoMsindisi zokuthi kwakuNguye oGcotshiweyo, “ozobopha izinhliziyo ezaphukileyo” futhi “ashumayele ukukhululwa kwabathunjiweyo” (bheka uNgokukaLuka 4:16–21). Lombhalo wagcwaliseka ngempela ngalolosuku. Futhi, njengezinye iziphrofetho eziningi zika-Isaya, uyaqhubeka nokugcwaliseka osukwini lwethu. UMsindisi uyaqhubeka nokwelapha bonke abanezinhliziyo eziphukileyo abeza Kuye. Kusanabathunjiwe abaningi okumele kushunyayelwe kubo ukukhululwa. Futhi kuneksasa eliqhakazile okufanele sililungiselele—isikhathi lapho iNkosi izodala “izulu elisha nomhlaba omusha” (u-Isaya 65:17) futhi “iveze ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke” (u-Isaya 61:11). Ukufunda u-Isaya kuvula amehlo ethu kulokho iNkosi esikwenzile, ukuthi Yenzani, nokuthi yini esazoyenzela abantu Bayo.

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

U-Isaya 58:3–12

Ukuzila ukudla kuletha izibusiso.

Lamavesi abonisa ukuthi kuma-Israyeli amaningi asendulo, ukuzila ukudla kwakungumthwalo omkhulu kunesibusiso. Iningi lethu lingazizwa ngaleyo ndlela ngezinye izikhathi. Uma ungathanda ukuthola incazelo ethe xaxa nenhloso ekuzileni kwakho ukudla, funda u-Isaya 58:3–12 ukuthola izimpendulo zeNkosi kumbuzo othi “Sizileleni ukudla?” Ngokubonile wena empilweni yakho, ukuzila ukudla “kungazikhulula kanjani izibopho zobubi” futhi “kwephule onke amajoka” na? (U-Isaya 58:6). Ukuzila ukudla kukulethele kanjani izibusiso ezichazwe ku-Isaya 58:8–12? Ngabe u-Isaya 58:3–12 uyithinta kanjani indlela ocabanga ngayo ngokuzila ukudla na?

--  - -

U-Isaya 59:9–21; 61:1–3; 63:1–9

UJesu Kristu unguMsindisi noMhlengi wami.

Ku Isaya 58–66 uzothola izinkomba eziningi ngomsebenzi wenhlawulo kaJesu Kristu. Nazi izibonelo ezimbalwa, kanye neminye imibuzo ukukusiza uzindle ngazo.

  • U-Isaya 59:9–21. Ungasifingqa kanjani isimo sangokomoya sabantu abachazwe emavesini 9–15? Yini ekuhlaba umxhwele ngokuchazwa “komelayo” kumavesi 16–21 nangesivumelwano asenza nalabo abaphendukela Kuye na?

  • U-Isaya 61:1–3. UJesu Kristu ukubusise kanjani ngezindlela ezichazwe kulamavesi? Yiziphi “izindaba ezinhle” akulethele zona? Ngabe ukunike kanjani ubuhle esikhundleni somlotha na?

  • U-Isaya 63:7–9. Yimuphi “umusa kaJehova” ongakhuluma ngawo na? Yimiphi imizwa ekhuthazwa yilamavesi ngoMsindisi enhliziyweni yakho na?

Yikuphi okunye okukhomba kuMsindisi okutholayo ku-Isaya 58–66?

Bheka futhi ku-Mosiya 3:7; IMfundiso neziVumelwano 133:46–53.

Isithombe
owesifazane owokhela isibani samafutha sobumba esibanini esiphethwe ngezandla zendoda

“UJehova uyakuba-ngukukhanya okuphakade kuwe” (u-Isaya 60:19). A Gift of Light [Isipho sokuKhanya, ngu-Eva Timothy

U-Isaya60; 62

“UJehova uyakuba-ngukukhanya okuphakade kuwe.”

U-Isaya60 no62 ukhuluma ngokukhanya nobumnyama, amehlo nokubona, ukufundisa ukuthi ivangeli likaJesu Kristu lizolibusisa kanjani izwe ezinsukwini zokugcina. Funa lemiqondo ikakhulukazi ku-Isaya 60:1–5, 19–20; 62:1–2. Njengoba ufunda lezi zahluko, zindla ngendlela uNkulunkulu aqoqa ngayo abantwana Bakhe ebumnyameni beze ekukhanyeni Kwakhe. Iyini indima yakho kulomsebenzi na?

Bheka futhi ku 1Nefi 22:3–12; u 3Nefi 18:24; IMfundiso Nezivumelwano 14:9. -

U-Isaya 64:1–5; 65:17–25; 66

UKristu uzobusa emhlabeni phakathi neMinyaka eyiziNkulungwane.

U-Isaya wakhuluma ngosuku lapho “izinhlupheko zakuqala zikhohlakele” (Isaya 65:16). Yize lesi siphrofetho sinokugcwaliseka okuningana, ngomqondo ophelele, lolosuku lusazofika—lapho uJesu Kristu ezobuyela emhlabeni futhi amise isikhathi sokuthula nokulunga esibizwa ngokuthi Iminyaka eyiziNkulungwane. U-Isaya walichaza lolusuku oluzayo ku-Isaya 64:1–5; 65:17–25; 66. Qaphela ukuthi uwasebenzise kaningi kangakanani amagama anjengokuthi “thokoza” nokuthi “ukujabula.” Zindla ngokuthi kungani ukubuya koMsindisi kuzoba usuku lokujabula kuwe. Yini ongayenza ukulungiselela ukuza Kwakhe?

Bheka futhi ImiBhalo yoKholo 1:10 -

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

U-Isaya 58:3–11.Amalungu omndeni angawuqonda kangcono umlayezo ka-Isaya mayelana nokuzila ukudla uma belingisa uhlobo lokuzila oluchazwe ku-Isaya 58:3–5 kanye nohlobo lokuzila oluchazwe ku-Isaya 58:6–8. Singakwenza kanjani ukuzila kwethu ukudla kufane “nokuzila ukudla okukhethwe [nguNkulunkulu]” na? Yiziphi izibusiso esizibonile ngokuzila ukudla?

U-Isaya 58:13–14.Uyini umehluko phakathi “kokuthola injabulo [yethu]” nokuthola “ukujabula … kuJehova” ngeSabatha na? Singalenza kanjani iSabatha libe “yintokozo”?

U-Isaya 60:1–5.Njengoba ufunda u-Isaya 60:1–3, amalungu omndeni angavula isibani lapho amavesi ekhuluma ngokukhanya bese esicisha uma amavesi ekhuluma ngobumnyama. Ivangeli likaJesu Kristu lifana kanjani nokukhanya kithi? Yini u-Isaya ayibone kusengaphambili ukuthi izokwenzeka ngesikhathi abantu baNkulunkulu babelana ngokukhanya kwevangeli na? (bheka u-Isaya 60:3–5).

U-Isaya 61:1–3.UMsindisi uzigcwalise kanjani iziphrofetho zika-Isaya kulamavesi na? Ungamema amalungu omndeni ukuthi afune izithombe zoMsindisi abazizwa zibonisa lezi zici zomsebenzi Wakhe (izithombe zingatholakala kumaphephabhuku eBandla noma ku Gospel Art Book). Ningase futhi nicule iculo ngokuthi uMsindisi usibusisa kanjani.

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

-

Ukuthuthukisa Ukuzifundela

Lungisa indawo yakho. Indawo esikuyo ingathinta ikhono lethu lokufunda. Thola indawo yokufunda imibhalo engcwele lapho ungathola khona amandla woMoya. (Bheka ku Teaching in the Savior’s Way, 15.)

Isithombe
UJesu esibhakabhakeni

“Vuka ukhanye; ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza, inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho” (u-Isaya 60:1). ukuKhanya nokuPhila, ngu Mark Mabry

Shicilela