ITestamente eliDala 2022
NgoSepthemba 12–18. U-Isaya 13–14; 24–30; 35: “Umsebenzi Omuhle noMangalisayo”


“NgoSepthemba 12–18. U-Isaya 13–14; 24–30; 35: ‘Umsebenzi Omuhle noMangalisayo,’” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: iTestamente eliDala 2022 (2021)

“NgoSepthemba 12–18. U-Isaya 13–14; 24–30; 35,” Wozani, Ngilandeleni—Incwadi Yomuntu Ngamunye Nemindeni: 2022

Isithombe
UJoseph Smith ebona uBaba oseZulwini noJesu Kristu esiXhobeni seMithi esiNgcwele.

isiXhobo seMithi esiNgcwele, nguBreny Borup

NgoSepthemba 12–18

U-Isaya13–14; 24–30;35

“Umsebenzi Omuhle noMangalisayo”

UMongameli BonnieH. Cordon wafundisa wathi, “Imibhalo engcwele ikhanyisa imiqondo yethu, yondle imimoya yethu, iphendule imibuzo yethu, ikhulise ithemba lethu eNkosini, futhi isisize sigxilise izimpilo zethu Kuye” (“Trust in the Lord and Lean Not,” iLiyahona, Meyi 2017,7).

Bhala Okufika Emqondweni Wakho

Okukodwa iNkosi ecela abaprofethi ukuba bakwenze ukuthi baxwayise ngomphumela wesono. Mayelana nabaprofethi beTestamente eliDala, lokhu kwakujwayele ukuchaza ukutshela ababusi abanamandla bemibuso emikhulu ukuthi kumele baphenduke noma babhubhe. Kwakuwumsebenzi oyingozi, kepha u-Isaya wayengenavalo, futhi izexwayiso zakhe aziqondisa emibusweni yesikhathi sakhe—kubandakanye u-Israyeli, uJuda, namanye amazwe ayesondelene nawo—zazikhombisa isibindi (bheka ku Isaya 13–23).

Kepha, u-Isaya wayephinda abe nomlayezo wethemba. Noma ukubhubha okwakuprofethiwe kwagcina kuyehlele lemibuso, u-Isaya wabona ithuba lokubuyiselwa nokuvuselela. INkosi yayimema abantu Bayo ukuba babuyele Kuyo. Yayizokwenza “isihlabathi esibengezelayo … sibe yichibi, isigagadu sibe yimithombo yamanzi” (U-Isaya 35:7). Yayizokwenza “umsebenzi omuhle nomangalisayo” (U-Isaya 29:14), ibuyisele ku-Israyeli izibusiso eyamthembisa zona. U-Isaya nabanye abaphila ngaleso sikhathi abaphilanga ukubona lomsebenzi omuhle. Kepha siyabona ufezeka manje. Empeleni, siyingxenye yawo!

Isithombe
uphawu lokuzifundela

Amasu Okuzifundela Imibhalo

U-Isaya 13: 13–11; 19–22; 14: 1–20

Imibuso emibi yasemhlabeni nababusi bayo bazowa.

U-Isaya 13–14 ubizwa ngokuthi “umthwalo” (womlayezo oyisiprofetho mayelana) neBabele (U-Isaya 13:1) IBabele yake yaba umbuso omkhulu onombusi onamandla, kepha manje isingumlando wasemandulo. Ngakho-ke, kungani umlayezo obhekiswe eBabele ubalulekile kithi na? Emibhalweni engcwele, iBabele imele impakamo, okwasemhlabeni, kanye nesono, futhi namhlanje sizungeziwe yilokhu. Cabanga ngalokhu okumele okunye ngesikhathi ufunda U-Isaya 13:1–11, 19–22; 14:1–20. Ungase ucabange imibuzo ekanje:

  • Ngabe izexwayiso ezibhekiswe kwiBabele zifana kanjani neziprofetho ngomhlaba ngaphambi kokuBuya kwesiBili koMsindisi na? (Bheka U-Isaya 13:1–11; IMfundiso neziVumelwano 45:26–42).

  • Yikona kuphi okufanayo okubonayo phakathi kwempakamo yenkosi yaseBabele nempakamo kaSathane na? (bheka ku-Isaya 14:4–20; Mose 4:1–4). Yiziphi izexwayiso ozitholela zona kulamavesi na?

  • Ngabe uMsindisi unikeza kanjani “[impumezo] ebuhlungwini bakho, nasekuhluphekeni kwakho”? (U-Isaya 14:3.)

Isithombe
UJesu egqoke izembatho ezibomvu

Uyeza Futhi Ukuzophatha futhi Abuse, nguMary R. Sauer

U-Isaya 24:21–23; 25:6–8; 26:19; 28:16

Imibhalo ka-Isaya ingikhomba kuJesu Kristu.

Izimfundiso zika-Isaya zivame ukuphatha umsebenzi woMsindisi, obala kuwo umnikelo wenhlawulo, uVuko kwabaFileyo, nokuBuya kwesiBili. Yikuphi okuphathelene nomsebenzi Wakhe okufika emqondweni ngesikhathi ufunda lamavesi alandelayo: U-Isaya 24:21–23; 25:6–8; 26:19; 28:16? Yimiphi eminye imibhalo oyitholayo ekukhumbuza ngoMsindisi na?

Bheka futhi ku Isaya 22:22–25.

U-Isaya 24:1–12; 28:7–8; 29:7–10; 30:8–14

Ukuhlubuka kuchaza ukujikela iNkosi nabaprofethi Bayo.

Ukuxwayisa ngomphumela wokujikela iNkosi nokunqaba abaprofethi Bakhe, u-Isaya wasebenzisa izingathekiso ezehlukene. Kulokhu kubalwa umhlaba ongenalutho (U-Isaya 24:1–12), ukudakwa (U-Isaya 28:7–8), ukulamba nokoma (U-Isaya 29:7–10), nesitsha noma udonga okuphukile (U-Isaya 30:8–14). Uma ubheka okubhalwe kulamavesi, kungani kubalulekile ukuthi sigcine izivumelwano zethu? Cabanga ngokwenzayo ukuhlala uneqiniso eNkosini nasezincekwini Zayo.

Bheka futhi kuM. Russell Ballard, “Stay in the Boat and Hold On!iLiyahona, Nov. 2014, 89–92;

U-Isaya 29; 30:18–26;35

INkosi iyakwazi ukubuyisa izinto ezilahlekile noma eziphukile.

Uma abantu noma imiphakathi ijikela iNkosi, uSathane ufuna sicabange ukuthi imphumela ayisuseki. Kepha, u-Isaya wachaza ezinye izinto ezinhle ezizokwenziwa yiNkosi uma abantu bephenduka futhi baye Kuyo. Yikuphi okufundayo ku-Isaya 29:13–24; 30:18–26;35 ngeNkosi, uthando Lwayo, namandla Ayo na?

Indlela eyodwa iNkosi eveza ngayo amandla Ayo esikhathini sethu ukuBuyiselwa kweVangeli. U-Isaya 29 uqukethe imibhalo embalwa eqondene nezehlakalo zokuBuyiselwa. Isibonelo:

Yimiphi imicabango obe nayo ngokuBuyiselwa kweVangeli ngesikhathi ufunda lemibhalo na?

Bheka futhi “UkuBuyiselwa kweVangeli likaJesu Kristu ngokuPhelele: IsiMemezelo semiNyaka engamaKhulu amaBili esibhekiswe emHlabeni” (ChurchofJesusChrist.org).

Isithombe
uphawu lokufunda ningumndeni

Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele Ningumndeni Nangobusuku Bomndeni

U-Isaya 25:4–9Ngabe umndeni wakho usuke wasizwa isibusiso sokuba nendawo ephephile yokuhlala ngesikhathi sesivunguvungu noma umthunzi ngosuku olushisayo ehlobo na? (bheka uvesi 4). Xoxa ngalokhu ngesikhathi ufunda lamavesi nezinye izincazelo ngeNkosi ezitholakala ku-Isaya 25:4–9. INkosi ifana kanjani nalezi zincazelo na?

U-Isaya 25:8–9; 26:19.Ukukhombisa izithombe zoMsindisi eGetsemane, esiphambanweni, nangemuva kokuba aVuke kwabaFileyo kungasiza umndeni wakho ubone ukuxhumana phakathi kwalamavesi noJesu Kristu (Bheka ku Gospel Art Book, nos. 56, 57, 58,59). Cela umndeni wakho ukuba wabelana ngokuthi kungani “siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe” (u-Isaya 25:9).

U-Isaya 29:11–18.Lamavesi angasiza umndeni wakho uchaze “umsebenzi omuhle nomangalisayo” (uvesi 14) wokuBuyiselwa kwevangeli nokuza kweNcwadi kaMormoni. Kungani lezi zinto zizinhle futhi zimangalisa kithi na? Cela amalungu omndeni athole izinto ekhaya lakho ezimele izibusiso ezimangazayo zokuBuyiselwa kwevangeli.

U-Isaya35.Umndeni wakho ungase uthokozele ukudweba izithombe zezithombe ezikulesi sahluko ezisisiza ukuthi siqonde indlela uJesu Kristu akha ngayo iSiyoni osukwini lwethu. Yikuphi esikufundayo kulezi zithombe na? Thina singasiza kanjani emsebenzini Wakhe na?

Ukuze uthole amanye amasu okufundisa abantwana, bheka uhlelo lwalelisonto encwadini yokufundisa ethi Come, Follow Me––For Primary.

­

Ukuthuthukisa Ukufundisa Kwethu

Vumelani abantwana baveze ukuhlakanipha kwabo. Ngesikhathi abantwana bakha into ephathelene nomgomo wevangeli, kuyabasiza ukuthi bewuqonde kangcono lowomgomo. Badedeleni bakhe, badwebe, badwebele, babhale, futhi badale. (Bheka encwadini yokufundisa ethi Teaching in the Savior’s Way, 25.)

Isithombe
UMariya noJohane bebheke uJesu esiphambanweni

“Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simhlalele, uyakusisindisa” (Isaya 25:9). uJames Tissot (French, 1836–1902). Nkosikazi, Bheka Indodana Yakho (Stabat Mater), 1886–1894. Opaque watercolor over graphite on gray wove paper, Image: 11 11/16 x 6 in. (29.7 x 15.2 cm). Brooklyn Museum, Purchased by public subscription, 00.159.300

Shicilela