ImiBhalo eNgcwele
Amasu Okwenza Ngcono Ukuzifundela Imibhalo Engcwele


“Amasu Okwenza Ngcono Ukuzifundela Imibhalo Engcwele,” Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele (2021)

“Amasu Okwenza Ngcono Ukuzifundela Imibhalo Engcwele,” Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele

Isithombe
owesifazane efunda imibhalo engcwele

Amasu Okwenza Ngcono Ukuzifundela Imibhalo Engcwele

Nazi izindlela ezilula zokukhulisa ukufunda kwakho izwi likaNkulunkulu emibhalweni engcwele.

Khulekela Intshisekelo

Imibhalo engcwele iqukethe izwi likaNkulunkulu. Lapho uyifunda, cela uBaba wakho oseZulwini ukuthi akuqondise futhi wamukele uMoya Wakhe ukuba ukusize uyiqonde.

Bheka Amaqiniso ngoJesu Kristu

Imibhalo engcwele isifundisa ukuthi zonke izinto zifakaza ngoKristu (bheka ku 2 Nefi 11:4; uMose 6:63), ngakho-ke mfune ezenzekweni, ezindabeni, nasezimfundisweni zemibhalo engcwele. Cabanga ukuphawula noma ukudwebela amavesi afundisa ngoMsindisi nokuthi ungamlandela kanjani.

Bheka Amagama Nemishwana Ekufaka Ugqozi

Kungenzeka uthole ukuthi amagama nemishwana ethile emibhalweni engcwele ikuhlaba umxhwele, sengathi yayibhalelwe wena uqobo. Kungaba sengathi iqondene nawe uqobo futhi ingakufaka ugqozi. Cabanga ngokuyidwebela leyomishwana emibhalweni yakho engcwele noma uyibhale encwadini yakho yokufunda.

Bheka Amaqiniso Evangeli

Kwesinye isikhathi amaqiniso evangeli (avame ukubizwa ngemfundiso noma imigomo) abekwa kucace, kwezinye izikhathi kukhulunywa ngawo ngesibonelo esithile noma ngendaba ethile. Zibuze uthi, “Ngabe yimaphi amaqiniso evangeli afundiswa kulamavesi na?”

Lalela uMoya

Naka imicabango nemizwa yakho, ngisho noma ibonakala ingahlangene nalokho okufundayo. Leyomizwa kungenzeka kube yizona zinto uBaba oseZulwini afuna uzifunde futhi uzizwe.

Isithombe
owesifazane efunda imibhalo engcwele 2

Yifanise Nempilo Yakho Imibhalo Engcwele

Cabanga ngokuthi ngabe izindaba nezimfundiso ofunda ngazo ziyithinta kanjani impilo yakho. Isibonelo, ungazibuza uthi, “Ngabe yiziphi izinto engidlule kuzo ezifana nalokhu engikufundayo na?” noma uthi “Ngingasilandela kanjani isibonelo salomuntu osemibhalweni engcwele na?”

Buza Imibuzo

Ukubuza imibuzo ngevangeli kungakusiza unqume ukuthi yini ozoyifunda. Ngesikhathi uyifunda imibhalo engcwele, kukhona imibuzo engafika emqondweni wakho. Lemibuzo kungenzeka ihambisane nalokho okufundayo noma nempilo yakho nje yonke. Dlinza ngalemibuzo, futhi ufune izimpendulo ngesikhathi usaqhubeka nokufunda imibhalo engcwele. Ngemva kwesifundo sakho, buza ukuthi yini enye uNkulunkulu angafuna uyifunde, bese ubheka izimpendulo phakathi kwamahora nezinsuku ezizayo.

Sebenzisa Okungakusiza Ukufunda Imibhalo Engcwele

Ukuze uthole olunye ulwazi ngamavesi owafundayo, sebenzisa izenezelo, kanye ne ziHloko zemiBhalo eNgcwele(scriptures.ChurchofJesusChrist.org), nokunye okungakusiza ufunde.

Cabanga Ngomongo Wendaba Emibhalweni Engcwele

Ungathola izimfundiso ezibalulekile ngombhalo ongcwele uma ucabanga ngokuthi wawubhalwe esimweni esinjani—izimo noma indawo yombhalo ogcwele. Isibonelo, ukwazi ngemvelaphi nezinkolelo zabantu umprofethi ayekhuluma nabo kungakusiza ube nokuqonda ngenhloso yamazwi akhe.

Isithombe
indoda ifunda imibhalo

Yibhale Phansi Imicabango Nemizwa Yakho

Ziningi izindlela zokubhala imizwa efika kuwe ngesikhathi ufunda. Isibonelo, ungadwebela lawomagama noma imishwana enenzuzo kuwe bese imicabango yakho uyibhala khona emibhalweni engcwele ngesikhathi ufunda. Ungazigcinela futhi incwajana ozobhala kuyo ulwazi olusithekile, imizwa yakho, nemicabango efikayo kuwe. Noma ungabhala umbuzo owubuze ngaphambi kokuqala isifundo sakho, ulandelwe izimpendulo oqondiswe kuzo.

Funda Amazwi abaProfethi nabaPhostoli beziNsuku zokuGcina

Funda ukuthi bafundisani abaprofethi nabaphostoli bezinsuku zokugcina ngemigomo oyithola emibhalweni engcwele. Imiyalezo yabo iyatholakala kwi-“General Conference,” “Magazines,” nakwamanye amaqoqo akuMthombo woLwazi weVangeli.

Funda Izindaba

Funda izindaba emibhalweni engcwele, ufuna ukuqonda umongo wazo (isikhathi, indawo, isikhulumi, nabalaleli). Izindaba zemibhalo engcwele ezilandiswa ngemifanekiso ziwusizo olukhulu yalokhu, ikakhulukazi kubatwana nakumalungu angajwayelene kakhulu nemibhalo engcwele.

Abelana Ngolwazi Olutholayo

Ukuxoxa ngolwazi olusithekile olutholayo ngesikhathi ufunda kuyindlela enhle yokufundisa abanye futhi kuyasiza ukuqinisa ukuqonda kwakho lokho okufundile.

Kuphile Lokho Okufundayo

Ukufunda imibhalo engcwele kungasifaka ugqozi futhi kusiholele ekutheni sishintshe indlela esiphila ngayo. Lalela lokho uMoya okukhuthaza ukuba ukwenze ngesikhathi ufunda, bese uzinikela ukuthi ukwenze lokho okhuthazwa ngakho.

Shicilela