ImiBhalo eNgcwele
Yingani Ufunda Imibhalo Engcwele?


“Yingani Ufunda Imibhalo Engcwele?” Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele (2021)

“Yingani Ufunda Imibhalo Engcwele?” Amasu Okufunda Imibhalo Engcwele

Isithombe
UKristu umisa isidlo esingcwele phakathi kwamaNefi, ngu-Andrew Bosley

Yingani Ufunda Imibhalo Engcwele?

Lapho sifunda ngenkuthalo imibhalo engcwele, sisondela kuJesu Kristu futhi siliqonda kangcono ivangeli Lakhe kanye nomhlatshelo ohlawulayo. Umprofethi uNefi wasikhuthaza ngale ndlela:

“Ngalokho-ke, kufanele niphikelele ngokwethembeka kuKristu, ninethemba elimsulwa elipheleleyo, kanye nothando lukaNkulunkulu kanye nolwabantu bonke. Ngalokho-ke, uma niyophikelela,nizitike ngezwi likaKristu, futhi nibekezele kuze kufike ekugcineni, bhekani, kusho kanje uBaba: Niyoba nokuphila okuphakade” (2 Nefi 31:20).

Isithombe
umndeni ufunda imibhalo engcwele

Izimfundiso ezivela emibhalweni engcwele zizosisiza ukuthi sibuyele kuBaba wethu oseZulwini. Abaprofethi bethu bezinsuku zokugcina basicelile ukuthi siyifunde njalo umuntu ngamunye futhi, lapho kufanele khona, njengemindeni. Basimeme ukuba sifunde ezintweni ezenzeka kulabo abasemibhalweni engcwele futhi sisebenzise ukulandisa kwemibhalo engcwele nezimfundiso ezimpilweni zethu namhlanje, njengoba uNefi eluleka ku 1 Nefi 19:23. Abaprofethi basendulo nabanamuhla basimeme ukuba siyifunde imibhalo engcwele futhi “[si]zitike ngamazwi kaKristu” (2 Nefi 32:3).

Isithombe
indoda ifunda imibhalo engcwele

UMongameli uRussell M. Nelson naye wafundisa leli qiniso elibalulekile mayelana “ngokuzitika” ngemibhalo engcwele:

“Ukuzitika kusho okungaphezu kokuzwa ukuthi kunambitheka kanjani. Ukuzitika kusho ukunambitha. Sinambitha imibhalo engcwele ngokuyifunda ngomoya wokuthola okuthile ngentokozo nokulalela ngokwethembeka. Uma sizitika ngamazwi kaKristu, alotshwa ‘ezibhebheni eziyinhliziyo zenyama’ [2 KwabaseKorinte 3:3]. Aba yingxenye ebalulekile yesimilo sethu” (“Living by Scriptural Guidance,” Ensign, Nov. 2000, 17).

Lapho sisenza njalo isifundo semibhalo engcwele sisodwa nalapho sinomndeni, thina kanye nemindeni yethu singaqondiswa, sivikelwe, futhi sakhiwe sivikeleke ukuba silwe nezinselelo eziningi zosuku lwethu.

Shicilela