Amasu Okufunda
HJS, NgokukaJohane 1


HJS, NgokukaJohane 1:1–34. Qhathanisa noJohane 1:1–34

Ivangeli likaJesu Kristu selokhu lashunyayelwa kusukela ekuqaleni. UJohane umBhabhadisi ngu-Eliyasi olungisa indlela kaKristu, kanti uJesu Kristu ungu-Eliyasi obuyisela zonke izinto futhi nokuza ngaye insindiso.

1 Ekuqaleni ivangeli lashunyayelwa ngeNdodana. Futhi ivangeli kwakuyizwi, futhi izwi lalikuyo iNdodana, futhi iNdodana yayinoNkulunkulu, futhi iNdodana kwakungeka Nkulunkulu.

2 Yiyo eyayikhona ekuqaleni enoNkulunkulu.

3 Zonke izinto zenziwa nguye; futhi ngaphandle kwakhe akukho lutho olwenziwa.

4 Ivangeli lalikuye, futhi ivangeli lalingukuphila, nokuphila kwakungukukhanya kwabantu;

5 Futhi ukukhanya kwakhanya emhlabeni, kodwa umhlaba awukuqondanga.

6 Kwakukhona indoda eyayithunyiwe isuka kuNkulunkulu, igama layo elalinguJohane.

7 Nguye owezela ubufakazi emhlabeni, ukuzofakaza ngokukhanya, ukuzofakaza ngevangeli ngeNdodana, kubo bonke, ukuze ngaye abantu bakholwe.

8 Wayengekhona lokho kukhanya, kodwa wezela ukuzofakaza ngalokho kukhanya,

9 Okwakungu kukhanya kweqiniso, okukhanyisela wonke umuntu oza emhlabeni;

10 Ngisho iNdodana kaNkulunkulu. Yona eyayisemhlabeni, futhi umhlaba wenziwa yiyo, kodwa umhlaba awuyazanga.

11 Weza kwabakhe, futhi abakhe abamemukelanga.

12 Kodwa kwabaningi abamemukela, kubo wabanika amandla okuba ngamadodana kaNkulunkulu; kuphela kulabo abakholwa egameni lakhe.

13 Wazalwa, hhayi ngegazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa kaNkulunkulu.

14 Futhi lelo lizwi lenziwa inyama, futhi lahlala phakathi kwethu, futhi sayibona inkazimulo yakhe, inkazimulo enjengeyoZelwe Yedwa kaBaba, ogcwele umusa neqiniso.

15 UJohane wafakaza ngaye, futhi wamemeza, ethi, Lona nguye engakhuluma ngaye; Yena oza emva kwami, okhethwa ngaphezu kwami, ngokuba wayengaphambi kwami.

16 Ngokuba ekuqaleni wayekhona uLizwi, ngisho iNdodana, eyenziwe inyama, futhi yathunyelwa kithi ngentando kaBaba. Futhi abaningi abakholwayo egameni lakhe bayofumana ukuphelela kwakhe. Futhi ukuphelela kwakhe sonke sikufumene, ngisho ukungafi nokuphila okuphakade, ngomusa wakhe.

17 Ngokuba umthetho wanikwa ngoMose, kodwa ukuphila neqiniso kweza ngoJesu Kristu.

18 Ngokuba umthetho wawungowomyalelo wenyama, owawuletha ukufa; kodwa ivangeli kwakungelamandla okuphila okungapheliyo, ngoJesu Kristu, iNdodana eZelwe Yodwa, esesifubeni sikaBaba.

19 Futhi akukho muntu owake wabona uNkulunkulu noma ngasiphi isikhathi, ngaphandle kokuba uNkulunkulu efakaze ngeNdodana; ngokuba ngaphandle kwayo akukho muntu ongasindiswa.

20 Futhi lona ngumbhalo kaJohane, ngesikhathi amaJuda ethumela abaphristi namaLevi esuka eJerusalema, ukuzombuza ukuthi; Ungubani wena na?

21 Futhi wavuma, wangaphika ukuthi wayengu-Eliyasi; kodwa wavuma, ethi; Angisiye uKristu.

22 Futhi bambuza, bethi; Pho ungu-Eliyasi kanjani na? Wathi, Angisiye lowo-Eliyasi owayezobuyisela zonke izinto. Futhi bambuza, bethi, Ngabe ungulowo mphrofethi na? Waphendula wathi, Cha.

23 Emva kwalokho bathi kuye, Ungubani wena na? Ukuze sinike impendulo kulabo abasithumileyo. Uthini ngawe na?

24 Wathi, Ngiyizwi lomemeza ehlane othi, Yenzani indlela yeNkosi iqonde, njengoba asho umphrofethi u-Isaya.

25 Futhi labo ababethunyiwe babevela kubaFarisi.

26 Futhi bambuza, futhi bathi kuye; Pho ubhabhadiselani uma ungesiye, uKristu, noma u-Eliyasi owayezobuyisela zonke izinto, noma lowo mphrofethi na?

27 UJohane wabaphendula, ethi; Mina ngibhabhadisa ngamanzi, kodwa kukhona omi phakathi kwenu, eningamaziyo;

28 Nguye engifakaza ngaye. Ungulowo mphrofethi, ngisho u-Eliyasi, okunguyena, oza emva kwami, okhethwa ngaphezu kwami, umchilo wesicathulo sakhe ngingafanele ukuwuthukulula, noma indawo yakhe engingafanele ukuyigcwalisa; ngokuba uyobhabhadisa, hhayi kuphela ngamanzi, kodwa ngomlilo, nangoMoya oNgcwele.

29 Ngosuku olulandelayo uJohane wabona uJesu eza kuye, futhi wathi; Bheka iMvana kaNkulunkulu, esusa izono zomhlaba!

30 Futhi uJohane wafakaza ngaye kubantu, ethi, Lona nguye engathi ngaye; Emva kwami kuza indoda ekhethwa ngaphezu kwami; ngokuba wayengaphambi kwami, futhi ngamazi, futhi nokuthi kufanele abonakaliswe ku-Israyeli; ngakho-ke ngize ukuzobhabhadisa ngamanzi.

31 Futhi uJohane wafakaza, ethi; Ngesikhathi ebhabhadiswa yimi, ngabona uMoya wehla njengejuba lisuka ezulwini, futhi lahlala phezu kwakhe.

32 Futhi ngamazi; ngokuba lowo ongithumileyo ukuba ngibhabhadise ngamanzi, lowo wathi kimi; Phezu kwalowo oyobona uMoya wehlela kuye, futhi uhlala kuye, lowo nguye obhabhadisa ngoMoya oNgcwele.

33 Futhi ngabona, futhi ngafakaza ukuthi lona yiNdodana kaNkulunkulu.

34 Lokhu kwakwenzeka eBethabara, ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane ayebhabhadisa khona.

HJS, NgokukaJohane 1:42. Qhathanisa noJohane 1:42

UKhefase usho ukuthi “ngumboni” noma “yitshe.”

42 Futhi wamletha kuJesu. Futhi kwathi uJesu embheka, wathi, Wena unguSimoni, indodana kaJona, wena uyobizwa ngoKhefase, okungukuthi, ngokuhunyushwa, umboni, noma itshe. Futhi babengabadobi. Futhi bashiya konke masinyane, futhi balandela uJesu.

Shicilela