Amasu Okufunda
HJS, NgokukaJohane 4


HJS, NgokukaJohane 4:1–4. Qhathanisa noJohane 4:1–2

AbaFarisi bafuna ukumbulala uJesu. Wenza imibhabhadiso, kodwa abafundi Bakhe benza eminingi.

1 Ngakho-ke kwathi abaFarisi sebezwile ukuthi uJesu wenza futhi wabhabhadisa abafundi abaningi kakhulu kunoJohane,

2 Bafuna ngokukhuthala okukhulu izindlela ezithile ukuze bambulale; ngokuba abaningi bamemukela uJohane njengomphrofethi, kodwa babengakholelwa kuJesu.

3 Manje iNkosi yayikwazi lokhu, nakuba yona uqobo ingabhabhadisanga abaningi njengabafundi bayo;

4 Ngokuba yabavumela ukuba babhabhadise abaningi njengesibonelo, bahloniphane omunye nomunye.

HJS, NgokukaJohane 4:26. Qhathanisa noJohane 4:24

UNkulunkulu wethembisa uMoya wakhe kwabakholwa ngeqiniso.

26 Ngokuba kwabanjalo uNkulunkulu usethembise uMoya wakhe. Futhi labo abamkhonzayo, kufanele bamkhonze ngomoya nangeqiniso.

Shicilela