Amasu Okufunda
HJS, KwabaseGalathiya 3


HJS, KwabaseGalathiya 3:19–20. Qhathanisa nabaseGalathiya 3:19–20

UMose ungumlamuleli wesivumelwano sokuqala, noma umthetho. UJesu Kristu ungumlamuleli wesivumelwano esisha.

19 Ngalokho-ke, umthetho wengezwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo kulowo okwenziwa kuye isethembiso emthethweni owanikwa uMose, owagcotshwa ngesandla sezingelosi ukuba abe ngumlamuleli walesi sivumelwano sokuqala (umthetho.)

20 Manje lomlamuleli kwakungeyena umlamuleli wesivumelwano esisha; kodwa munye umlamuleli wesivumelwano esisha, onguKristu, njengoba kubhaliwe emthethweni ophathelene nesethembiso esenziwa ku-Abrahama nenzalo yakhe. Manje uKristu ungumlamuleli wokuphila; ngokuba lesi yisethembiso uNkulunkulu asenza ku-Abrahama.

Shicilela