Amasu Okufunda
HJS, Ⅱ kwabaseThesalonika 2


HJS, Ⅱ kwabaseThesalonika 2:2–3, 7–9. Qhathanisa nencwadi Ⅱ kwabaseThesalonika 2:2–9

USathane uzodala ukuwa noma ukuhlubuka ngaphambi kokubuya kweNkosi.

2 Ukuze ningasheshi ninyakaziswe engqondweni, noma nikhathazeke ngenxa yencwadi, ngaphandle kokuba niyithole isuka kithi; noma ngomoya, noma ngezwi, ngokuphathelene nokuthi usuku lukaKristu seluseduze.

3 Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba kuyokuba khona ukuhlubuka kuqala, futhi nomuntu wesono ambulwe, indodana yokulahlwa;

7 Ngokuba imfihlakalo yobubi obukhulu isiyasebenza, futhi nguye manje osebenzayo, futhi uKristu umvumele ukuba asebenze, kuze kugcwaliseke isikhathi lapho eyothathwa asuswe endleleni.

8 Futhi emuva kwalokho lowo omubi uyokwembulwa, iNkosi eyomqeda ngomoya womlomo wayo, futhi eyombhubhisa ngokukhanya kokuza kwayo.

9 Yebo, iNkosi, ngisho uJesu, ukuza kwakhe okungeke kube khona kuze kube ngemuva kokuhlubuka, ngokusebenza kukaSathane ngamandla onke, futhi nangezibonakaliso nangezimangaliso zamanga,

Shicilela