UkuHunyushwa okwenziwa nguJoseph Smith Isithasiselo IsanduleloLokhu okulandelayo yizingxenye ezikhethiweyo zokuHunyushwa kweBhayibheli leNkosi uJakobe okwenziwa nguJoseph Smith (HJS). INkosi yamtshela ngoMoya oNgcwele umPhrofethi uJoseph Smith ukuthi abuyisele amaqiniso emibhalweni yeBhayibheli leNkosi uJakobe ayeselahlekile noma ayeseshintshiwe kusukela ngesikhathi amagama okuqala abhalwa. Lamaqiniso abuyiselwe ayeyicacisa imfundiso futhi ayenza ngcono ukuqonda imibhalo engcwele. HJS, UGenesise HJS, UGenesise 1–8Lombhalo weBhayibheli wabuyiselwa nguJoseph Smith futhi ukhishwe kulo iGugu leNani eliKhulu njengoku Khethiweyo okuthathwe eNcwadini kaMose. HJS, UGenesise 9Emva kweziKhukhula, uNowa ucela iNkosi ukuba ingawuqalekisi futhi umhlaba. HJS, UGenesise 14UMekisedeki ubusisa u-Abrahama. Ubufundisi obukhulu buka Melkisedeki kanye namandla nezibusiso zobuPhristi buka Melkisedeki kuyachazwa. HJS, UGenesise 15U-Abrahama ufunda ngoVuko futhi ubona ubufundisi buka Jesu ngesikhathi esese mhlabeni. HJS, UGenesise 17Abantu bayahluleka ukuhlonipha izimiso zevangeli, kuhlanganisa nombhabhadiso. UNkulunkulu uchaza ngesivumelwano sokusoka nangobu dala bokukwazi ukuziphendulela kwabantwana. HJS, UGenesise 19ULoti umelana nobubi base Sodoma, futhi izingelosi ziyamvikela. HJS, UGenesise 21U-Abrahama ukhonza uNkulunkulu waphakade. HJS, UGenesise 48U-Efrayimi no Manase baba yizizwana zika-Israyeli. Abozalo luka Josefa bazomsindisa u-Israyeli ngokomoya ngezinsuku zokugcina, njengoba no Josefa wasendulo asindisa umndeni wakubo ngokwase mhlabeni. HJS, UGenesise 50UJosefa eGibithe uphrofetha ngo Mose ekhulula u-Israyeli ebugqilini; ngegatsha lozalo luka Josefa liholelwa ezweni elikude, lapho abayokhunjulwa khona ngokwezivumelwano zeNkosi; ngoNkulunkulu ebiza umphrofethi wezinsuku zokugcina okuthiwa ngu Joseph ukuba ahlanganise imibhalo ka Juda neka Josefa; nango Aroni esebenza njengo mkhulumeli ka Mose. HJS, U-Eksodusi HJS, U-Eksodusi 4INkosi akuyona enecala ngokuqina kwenhliziyo kaFaro. Bheka futhi uku HJS, U-Eksodusi 7:3, 13; 9:12; 10:1, 20, 27; 11:10; 14:4, 8, 17; inkomba ngayinye, uma ihunyushwe ngokuyikho, iyakhombisa ukuthi uFaro wayenza lukhuni yena uqobo inhliziyo yakhe. HJS, U-Eksodusi 18UJetiro ungumphristi omkhulu. HJS, U-Eksodusi 22Ababulali ngeke bayekwe baphile. HJS, U-Eksodusi 32INkosi izobahawukela abakwa-Israyeli abaphendukayo. HJS, U-Eksodusi 33Akukho muntu owonayo ongabona ubuso bukaNkulunkulu futhi aphile. HJS, U-Eksodusi 34UNkulunkulu ubhala umthetho ezibhebheni zamatshe ezazilungiswe ngu Mose kodwa ubuPhristi buka Melkisedeki kanye nezimiso zabo uyakususa kubantwana bakwa-Israyeli. Ubanika umthetho wemiyalelo yenyama. HJS, UDuteronomi HJS, UDuteronomi 10Eqoqweni lezibhebhe zamatshe lokuqala uNkulunkulu wembula isivumelwano saphakade sobuphristi obungcwele. HJS, USamuweli Ⅰ HJS, USamuweli Ⅰ 16Umoya omubi oza kuSawuli awuveli eNkosini. HJS, USamuweli Ⅱ HJS, USamuweli Ⅱ 12Isono esibi kakhulu sikaDavide asisuswa wuNkulunkulu. HJS, IziKronike Ⅰ HJS, IziKronike Ⅰ 21UNkulunkulu umisa ingelosi ukuba ibhubhise iJerusalema. HJS, IziKronike Ⅱ HJS, IziKronike Ⅱ 18INkosi ayibeki umoya omubi emilonyeni yabaphrofethi owenza bakhulume amanga. HJS, AmaHubo HJS, AmaHubo 11Ezinsukwini zokugcina abalungileyo bayobalekela entabeni yeNkosi. Kuyothi uma iNkosi isiza, iyobabhubhisa ababi ibasindise abalungileyo. HJS, AmaHubo 14Umqambi wamaHubo ubona ukulahleka kweqiniso ezinsukwini zokugcina futhi ulangazelela ukumiswa kweSiyoni. HJS, AmaHubo 24INkosi yeNkazimulo iyobahlenga abantu Bayo uma isiza. HJS, AmaHubo 109Kufanele sizikhulekele izitha zethu. HJS, U-Isaya HJS, U-Isaya 29Okwakushunyayelwa ngabaphrofethi basendulo eJerusalema kuyoshunyayelwa ezinsukwini zokugcina encwadini kaMormoni, eyavela “emhlabathini.” HJS, U-Isaya 42INkosi ithumela inceku Yayo kulabo asebe khethe ukungaliboni nokungalizwa iqiniso; labo abalalelayo futhi bahloniphe bazo pheleliswa du. HJS, UJeremiya HJS, UJeremiya 26INkosi ayiphenduki; ngabantu abaphendukayo. HJS, U-Amose HJS, U-Amose 7INkosi ayiphenduki; nangabantu ubaphendukayo. HJS, NgokukaMathewu HJS, NgokukaMathewu 3Abaphrofethi babikezela ngokuthi iBetlehema iyokuba yindawo lapho uMesiya eyozalelwa khona. HJS, NgokukaMathewu 4UJesu uholwa nguMoya, hhayi nguSathane. HJS, NgokukaMathewu 5Lowo ogcina imiyalelo nofundisa abanye lokho uyosindiswa. HJS, NgokukaMathewu 6INkosi ayisiholeli ekulingweni. HJS, NgokukaMathewu 7Ungahluleli ngokungekhona ukulunga. HJS, NgokukaMathewu 9UJesu uyawenqaba umbhabhadiso wabaFarisi; awubalulekile ngoba abamemukeli. Umemezela ukuthi Nguye owanika umthetho kaMose. HJS, NgokukaMathewu 11UJohane uMbhabhadisi ungu-Eliya owayezoza ukuzolungisa indlela yoMsindisi. HJS, NgokukaMathewu 12Lowo okhuluma ephikisa uMoya oNgcwele ngeke axolelwe. HJS, NgokukaMathewu 13Ngaphambi kokuphela komhlaba (ukubhujiswa kwababi), izithunywa ezivela ezulwini ziyoqoqa abalungileyo kwababi. HJS, NgokukaMathewu 16UJesu uyachaza ukuthi kusho ukuthini ukuthi “umuntu athathe isiphambano sakhe”: ukudela konke ukungamesabi uNkulunkulu nazo zonke izinkanuko zomhlaba ugcine imiyalelo Yakhe. HJS, NgokukaMathewu 17UJesu ufundisa ngo-Eliyasi ababili—omunye ukuzolungiselela nomunye ukuzobuyisela. HJS, NgokukaMathewu 18Abantwana abancane abanasidingo sokuphenduka. NgokukaMathewu 19Abantwana abancane bazosindiswa. HJS, NgokukaMathewu 12Umuntu kufanele aphenduke ngaphambi kokukholwa kuKristu. HJS, NgokukaMathewu 23Lowo osezulwini ungumdali wethu. HJS, NgokukaMathewu 26UJesu uqala ngokuhlephula isinkwa sesidlo esingcwele emva kwalokho uyasibusisa. Isidlo esingcwele yisikhumbuzo somzimba negazi likaJesu. NgokukaMathewu 27Ukufa kukaJuda kuyachazwa. HJS, NgokukaMarku HJS, NgokukaMarku 2INdodana yoMuntu iyiNkosi yeSabatha ngokuba Yiyo eyenza usuku lweSabatha. HJS, NgokukaMarku 3UJesu uzozithethelela zonke izoni ngaphandle kwalabo abahlambalaza uMoya oNgcwele. HJS, NgokukaMarku 7UJesu ubabeka icala labo abenqaba abaphrofethi nabangawuhloniphi umthetho kaMose. HJS, NgokukaMarku 8Yilowo nalowo othanda ukufela uJesu uyofumana insindiso. HJS, NgokukaMarku 9UJohane umBhabhadisi useNtabeni yokuGuqulwa. HJS, NgokukaMarku 12UNkulunkulu akayena uNkulunkulu wabafileyo, ngokuba uvusa abafileyo emathuneni abo. HJS, NgokukaMarku 14UJesu umisa isidlo esingcwele ukukhumbula umzimba negazi lakhe. HJS, NgokukaMarku 16Izingelosi ezimbili zibingelela abesifazane abasethuneni lomSindisi. HJS, NgokukaLuka HJS, NgokukaLuka 1UZakhariya, uyise kaJohane umBhabhadisi, wenza imisebenzi yobuphristi. HJS, NgokukaLuka 2Abafundisi ethempelini balalela uJesu futhi bambuza imibuzo. HJS, NgokukaLuka 3UKristu uzoza njengoba kuphrofethiwe ukuzoletha insindiso ku-Israyeli nakwabeZizwe. Ngoku phelela kwezikhathi uzoza futhi ukuzokwahlulela umhlaba. HJS, NgokukaLuka 6UJesu ufundisa ukuthi kungcono ukubekezelela ukuhlushwa kunokubangisana nesitha. HJS, NgokukaLuka 9Ukuzuza ingcebo yomhlaba akulingene nokulahlekelwa yimpilo yakho. HJS, NgokukaLuka 11Ukuphelela kwemibhalo engcwele kungukhiye wolwazi. HJS, NgokukaLuka 12UJesu uyachaza ukuthi ukuhlambalaza uMoya oNgcwele akusoze kwathethelelwa. HJS, NgokukaLuka 14Labo abamaziyo Umose nabaphrofethi bakholwa kuJesu. HJS, NgokukaLuka 16Umthetho kanye naba phrofethi kufakaza ngoJesu. AbaFarisi bafuna ukuwu bhubhisa umbuso. UJesu ufundisa ngomfanekiso wesicebi noLazaru. HJS, NgokukaLuka 17Umbuso kaNkulunkulu usufikile. HJS, NgokukaLuka 18Ukuthembela kwingcebo kuvimbela umuntu ukuba angene embusweni kaNkulunkulu. HJS, NgokukaLuka 21UJesu ukhuluma ngezinye zezimpawu zokuza Kwakhe. HJS, NgokukaLuka 23UJesu ucelela amasosha amaRoma ambethelayo intethelelo. HJS, NgokukaLuka 24Abesifazane babona izingelosi ezimbili ethuneni likaJesu. HJS, NgokukaJohane HJS, NgokukaJohane 1Ivangeli likaJesu Kristu selokhu lashunyayelwa kusukela ekuqaleni. UJohane umBhabhadisi ngu-Eliyasi olungisa indlela kaKristu, kanti uJesu Kristu ungu-Eliyasi obuyisela zonke izinto futhi nokuza ngaye insindiso. HJS, NgokukaJohane 4AbaFarisi bafuna ukumbulala uJesu. Wenza imibhabhadiso, kodwa abafundi Bakhe benza eminingi. HJS, NgokukaJohane 6Intando kaBaba wukuthi bonke bamemukele uJesu. Labo abenza intando kaJesu bayovuswa ovukweni lwabalungileyo. HJS, NgokukaJohane 13UJesu ugeza izinyawo zaba Phostoli ukuze agcwalise umthetho wamaJuda. HJS, NgokukaJohane 14Inkosi yobumnyama, noma uSathane, ungowalomhlaba. HJS, IzEnzo HJS, IzEnzo 9Labo abanoPawulu ekuphendukeni kwakhe bayakubona ukukhanya, kodwa abalizwa izwi noma abayiboni iNkosi. HJS, IzEnzo 22Induna yenkulungwane yamkhulula uPawulu ezibophweni zakhe. HJS, KwabaseRoma HJS, KwabaseRoma 3UPawulu ufundisa ukuthi umuntu ngeke enza ububi ngenhloso yokuletha ubuhle. HJS, KwabaseRoma 4Umuntu angasindiswa ngomusa kaJesu Kristu, hhayi ngemisebenzi ephathelene nokugcinwa komthetho kaMose. HJS, KwabaseRoma 7NguKristu kuphela onamandla okushintsha imimoya yabantu ngokungenaku guqulwa ukuze kube khona ubuhle. HJS, KwabaseRoma 8Labo abalandela izindlela zenyama ngeke bamthokozise uNkulunkulu. HJS, KwabaseRoma 13Labo abahlonipha abaphethe izakhamizi benza ukuhlonipha kwabo uNkulunkulu kube kukhulu futhi kupheleliswe. HJS, Ⅰ kwabaseKorinte HJS, Ⅰ kwabaseKorinte 7UPawulu ufundisa ukuthi umshado uyathandeka. Kodwa labo ababizelwe ukuba ngabefundisi bamsebenzela kangcono uNkulunkulu uma bengashadile ngesikhathi besese msebenzini yabo yobufundisi. HJS, Ⅰ kwabaseKorinte 15Mathathu amazinga enkazimulo oVukweni. HJS, Ⅱ kwabaseKorinte HJS, Ⅱ kwabaseKorinte 5UPawulu weluleka abaNgcwele ukuba bangaphili ngokwenyama. HJS, KwabaseGalathiya HJS, KwabaseGalathiya 3UMose ungumlamuleli wesivumelwano sokuqala, noma umthetho. UJesu Kristu ungumlamuleli wesivumelwano esisha. HJS, Kwabase-Efesu HJS, Kwabase-Efesu 4Ukuthukuthela okungalungile kuyisono. HJS, KwabaseKolose HJS, KwabaseKolose 2Imiyalelo eyenziwe ngabantu ibalulekile ekufundiseni izinto ezifana nokuzilawula, kodwa ayimhloniphi uNkulunkulu futhi ngeke yamsindisa umuntu. HJS, Ⅰ kwabaseThesalonika HJS, Ⅰ kwabaseThesalonika 4Labo bantu abalungileyo abaphilayo ngesikhathi kuza iNkosi ngeke babe nenzuzo ngaphezu kwabalungileyo asebafa. HJS, Ⅱ kwabaseThesalonika HJS, Ⅱ kwabaseThesalonika 2USathane uzodala ukuwa noma ukuhlubuka ngaphambi kokubuya kweNkosi. HJS, Ⅰ kuThimothewu HJS, Ⅰ kuThimothewu 2UKristu nguye iNdodana eZelwe Yodwa noMlamuleli. HJS, Ⅰ kuThimothewu 3IBandla lakhelwe phezu kwemfundiso esemqoka yokuthi uJesu weza emhlabeni waba ngofayo, wafundisa ivangeli, wase ebuyela kuYise. Qaphela lokhu: Ushintsho olunganakekile kulama vesi alandelayo lugcizelela ukuthi “insika nesisekelo seqiniso” nguJesu Kristu. HJS, Ⅰ kuThimothewu 6Labo abanokukhanya kokungafi (ivangeli) okuhleli kubo bangambona uJesu. HJS, KumaHeberu HJS, KumaHeberu 1Izingelosi ziyimimoya esebenzelayo. HJS, KumaHeberu 4Labo abaqinisa izinhliziyo zabo ngeke basindiswe; labo abaphendukayo bazongena ekuphumuleni kweNkosi. HJS, KumaHeberu 6Imigomo yemfundiso kaKristu iholela ekuphelelisweni. HJS, KumaHeberu 7UMelkisedeki wayengu mphristi ngokohlelo lweNdodana kaNkulunkulu. Bonke labo abemukela lobu buphristi bangaba njenge Ndodana kaNkulunkulu. HJS, KumaHeberu 11Ukukholwa yisiqiniseko ngezinto ezithenjwayo. HJS, EkaJakobe HJS, EkaJakobe 1Izinhlupho, hhayi izilingo, kuyasiza ukusingcwelisa. HJS, EkaJakobe 2Amalungu akufanele azise umuntu oyedwa kakhulu kunomunye. HJS, Ⅰ kaPetru HJS, Ⅰ kaPetru 3Eminye yemimoya esetilongweni yayingakwenzanga ukulunga ngezikhathi zikaNowa. HJS, Ⅰ kaPetru 4Ivangeli liyashunyayelwa kulabo abafileyo. HJS, Ⅱ kaPetru HJS, Ⅱ kaPetru 3Ezinsukwini zokugcina, abaningi bayoyiphika iNkosi uJesu Kristu. Ngesikhathi esebuya, kuyoba khona izibhicongo eziningi. Uma sibekezela ekulungeni, sizofumana umhlaba omusha. HJS, Ⅰ kaJohane HJS, Ⅰ kaJohane 2UKristu ungummeli wethu kuBaba uma siphenduka. HJS, Ⅰ kaJohane 3Noma ngubani ozelwe ngokukaNkulunkulu akaqhubeki nokwenza isono. HJS, Ⅰ kaJohane 4Ngabantu kuphela abakholwa kuNkulunkulu abangambona. HJS, IsAmbulo HJS, IsAmbulo 1UJohane umPhostoli uthola iziphrofetho ezisencwadini yesAmbulo. Uvakashelwa ngu Jesu Kristu kanye nengilosi. HJS, IsAmbulo 2Ababi baphonswa esihogweni. HJS, IsAmbulo 5Izinceku eziyishumi nambili zikaNkulunkulu zithunyelwa emhlabeni wonke. HJS, IsAmbulo 12UJohane uchaza ngezimpawu ezimele owesifazane, umntwana, intonga yensimbi, udrako, kanye noMikayeli. Impi eyaqala ezulwini iyaqhubeka emhlabeni. Qaphela ushintsho olukhona ngokulandelana kwama vesi emsebenzini woku HJS. HJS, IsAmbulo 19UNkulunkulu usebenzisa izwi likaKristu ukushaya izizwe.