Amasu Okufunda
HJS, NgokukaMarku 9


HJS, NgokukaMarku 9:3. Qhathanisa noMarku 9:4

UJohane umBhabhadisi useNtabeni yokuGuqulwa.

3 Futhi kwavela kubo u-Eliyasi enoMose, noma ngamanye amazwi, uJohane umBhabhadisi noMose; futhi babekhuluma noJesu.

HJS, NgokukaMarku 9:40–48. Qhathanisa noMarku 9:43–48

UJesu uqhathanisa ukunqunywa kwesandla noma unyawo olonayo nokuyeka ubudlelwano obungaholela umuntu ekudukeni.

40 Ngakho-ke, uma isandla sakho sikonisa, sisuse; noma uma umfowenu ekona futhi engavumi futhi engasishiyi, uyosuswa. Kungcono ukuba ungene empilweni uyisigoga, kunokuba ube nezandla zombili, uye esihogweni.

41 Ngokuba kungcono kuwe ukungena empilweni ngaphandle komfowenu, kunokuba wena nomfowenu niphoswe esihogweni; emlilweni ongeke ucinywe, lapho nempethu yabo ingafiyo, futhi lapho umlilo ongasoze wacinywa khona.

42 Futhi phezu kwalokho, uma unyawo lwakho lukonisa; lususe; ngokuba lowo oyisibonelo sakho, ohamba ngaye, uma eba ngumoni, uyosuswa.

43 Kungcono ukuba wena, ungene uxhuga empilweni, kunokuba ube nezinyawo zombili uphoswe esihogweni; emlilweni ongasoze wacinywa.

44 Ngakho-ke, wonke umuntu makame noma awe, ngokwakhe, futhi kungabi ngenxa yomunye; noma kungabi ngokuthembela komunye.

45 Funani uBaba, futhi kuyokwenziwa ngalesosikhathi eniyokucela ngaso, uma nicela ngokukholwa, nikholwa wukuthi niyofumana.

46 Futhi uma ihlo lakho elikubonelayo, lowo obekwe ukuba akulinde ukuze akutshengise ukukhanya, liphambuka futhi likona, likhiphe.

47 Kungcono ukuba ungene embusweni kaNkulunkulu, unehlo elilodwa, kunokuba unamehlo amabili ulahlwe esihogweni somlilo.

48 Ngokuba kungcono ukuba wena usindiswe, kunokuba uphoswe esihogweni nomfowenu, lapho impethu yabo ingafiyo khona, futhi nalapho umlilo ungacinywa khona.

Shicilela