Amasu Okufunda
HJS, NgokukaMarku 3


HJS, NgokukaMarku 3:21–25. Qhathanisa noMarku 3:28–30

UJesu uzozithethelela zonke izoni ngaphandle kwalabo abahlambalaza uMoya oNgcwele.

21 Kwase kuza amadoda athile kuye, embeka icala, ethi, Yingani wamukela izoni, njengoba uzenza iNdodana kaNkulunkulu na?

22 Kepha wabaphendula wathi, Ngiqinisile ngithi kini, zonke izono abantu abazenzileyo, uma bephenduka kuzo, ziyothethelelwa; ngokuba ngeza ukuzoshumayela ukuphenduka kubantwana babantu.

23 Nokuhlambalaza noma nakuphi abangahlambalaza ngakho, kuyothethelelwa kulabo abeza kimi, nabenza imisebenzi abangibona ngiyenza.

24 Kepha kukhona isono esingasoze sathethelelwa. Lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa; kepha usengozini yokufa. Labo bayodla ifa lokuvinjelwa kwaphakade.

25 Lokhu wakusho kubo ngokuba babethi unomoya ongcolileyo.

Shicilela