Amasu Okufunda
HJS, NgokukaMarku 16


HJS, NgokukaMarku 16:3–6. Qhathanisa noMarku 16:4–7; noLuka 24:2–4

Izingelosi ezimbili zibingelela abesifazane abasethuneni lomSindisi.

3 Kodwa bathi bebheka, babona ukuthi itshe lase ligingqiwe lasuswa, (ngokuba lali likhulu,) futhi nezingelosi ezimbili zihlezi phezu kwalo, zigqoke izingubo ezinde ezimhlophe; besaba.

4 Kodwa izingelosi zathi kubo, Ningesabi; nifuna uJesu waseNazaretha, owabethelwa; uvukile; akekho lapha; bhekani indawo lapho ababemlalise khona;

5 Futhi hambani, nitshele abafundi bakhe noPetru, ukuthi uhambe kuqala kunani ukuya eGalile; niyombona lapho njengoba eshilo kini.

6 Futhi bona, bengena ethuneni, bayibona indawo lapho babemlalise khona uJesu.

Shicilela