HJS, IsAmbulo 2:22. Qhathanisa nesAmbulo 2:22
Ababi baphonswa esihogweni.
22 Bheka, ngizomphosa esihogweni, nalabo abaphinga naye ekuhluphekeni okukhulu, ngaphandle uma bephenduka ezenzweni zabo.
HJS, IsAmbulo 2:26–27. Qhathanisa nesAmbulo 2:26–27
Labo abanqoba umhlaba ngokuhlonipha imiyalelo kaKristu bazobusa imibuso ezweni elizayo ngokholo, ngokulingana, nangokulunga.
26 Kuye onqobayo, nogcina imiyalelo yami kuze kube sekugcineni, ngizomnika amandla emibusweni eminingi;
27 Uyoyibusa ngezwi likaNkulunkulu; iyokuba ezandleni njengezitsha zobumba ezandleni zombumbi; futhi uyoyibusa ngokholo, ngokulingana nangokulunga, ngisho njengoba nami nginikwe nguBaba.