Amasu Okufunda
HJS, U-Isaya 42


HJS, U-Isaya 42:19–23. Qhathanisa no-Isaya 42:19–22

INkosi ithumela inceku Yayo kulabo asebe khethe ukungaliboni nokungalizwa iqiniso; labo abalalelayo futhi bahloniphe bazo pheleliswa du.

19 Ngokuba ngizothumela inceku yami kini eniyizimpumputhe; yebo, isithunywa esizovula amehlo ezimpumputhe, futhi sivule izindlebe zezithulu;

20 Futhi bayopheleliswa nakuba besekungabonini kwabo, uma bezolalela isithunywa, inceku yeNkosi.

21 Nina ningabantu, nibona izinto eziningi, kodwa aniqapheli; nivula izindlebe ukuba nizwe, kodwa anizwa.

22 INkosi ayithokozile ngabantu abanjalo, kodwa ngenxa yokulunga kwayo izowukhulisa umthetho futhi iwenze uhlonipheke.

23 Nina ningabantu abaphangiweyo nabamukiweyo; izitha zenu; zonke, zinicuphile emigodini, futhi banicashise ezindlini zamatilongo; baniphangile, futhi akekho onikhululayo; baniphangile, futhi akekho othi, Buyisela.

Shicilela