Amasu Okufunda
HJS, KwabaseRoma 7


HJS, KwabaseRoma 7:5–27. Qhathanisa nabaseRoma 7:5–25

NguKristu kuphela onamandla okushintsha imimoya yabantu ngokungenaku guqulwa ukuze kube khona ubuhle.

5 Ngokuba ngesikhathi sisenyameni, imizwa yesono, eyayingahambisani nomthetho, yasebenza kumalungu ethu ukuba iveze isithelo esiholela ekufeni.

6 Kodwa manje sikhululiwe emthethweni esasiboshwe kuwo, sifile emthethweni, ukuze sisebenze ngomoya omusha, hhayi ngobudala bomthetho.

7 Pho siyothini na? Umthetho uyisono na? UNkulunkulu uyaphika. Qha, angisazanga isono, kodwa ngomthetho; ngokuba angiyazanga inkanuko, ngaphandle kokuthi umthetho uthe, Ungafisi.

8 Kodwa isono, sathola ithuba ngomyalo, sasebenza kimi ukufisa zonke izinhlobo zokufisa. Ngokuba ngaphandle komthetho isono sasifile.

9 Ngokuba ngake ngaphila ngaphandle kokuphambuka emthethweni, kodwa kwathi ukuba kufike umyalelo kaKristu, isono savuka, futhi ngafa.

10 Futhi ngesikhathi ngingawukholwa umyalelo kaKristu owezayo, owawumiselwe ukunika ukuphila, ngawuthola ungibeka icala lokufa.

11 Ngokuba isono, sithola ithuba, sawuphika umyalelo, futhi sangikhohlisa; futhi ngaso ngabulawa.

12 Nokho, ngawuthola umthetho ungcwele, nomyalelo ungcwele, futhi ulungile, futhi umuhle.

13 Pho ngabe lokho okuhle kwenza ukufa kimi na? UNkulunkulu uyaphika. Kodwa yisono, ukuze kuvele kuyisono ngalokho okuhle okwenza ukufa kimi; ukuze isono, ngomyalelo, sibe sibi kakhulu.

14 Ngokuba siyazi ukuthi umyalelo ungokomoya; kodwa ngesikhathi ngingaphansi komthetho, ngangisahamba ngokwenyama, ngigqilazekile ngaphansi kwesono.

15 Kodwa manje sengingokomoya; ngokuba lokho engiyalwe ukuba ngikwenze, ngiyakwenza; futhi lokho engiyalwe ukuba ngingakuvumeli, angikuvumeli.

16 Ngokuba engikwazi ukuthi akulungile, ngeke ngikwenze; ngokuba lokho okuyisono, ngiyakuzonda.

17 Uma-ke ngingakwenzi lokho engingeke ngikuvumele, ngivumelana nomthetho, ukuthi muhle; futhi angilahlwa ngecala.

18 Manje-ke, akusemina engenza isono; kodwa ngifuna ukusinqoba leso sono esihlala kimi.

19 Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi, enyameni yami, akuhlali lutho oluhle; ngokuba ukufisa kukhona kimi, kodwa ukwenza lokho okuhle angikutholi, kuphela kuKristu.

20 Ngokuba okuhle engangizokwenza ngesikhathi ngingaphansi komthetho, angikutholi kukuhle; ngakho-ke, angikwenzi.

21 Kodwa okubi engangingeke ngikwenze ngaphansi komthetho, ngikuthola kukuhle; lokho, ngiyakwenza.

22 Manje uma ngikwenza lokho, ngosizo lukaKristu, ngangingeke ngikwenze ngaphansi komthetho, angikho ngaphansi komthetho; futhi akusophinde kwenzeke ukuba ngifune ukwenza okungalungile, kodwa ukusinqoba isono esihlala kimi.

23 Ngithola-ke ukuthi ngaphansi komthetho, ngesikhathi ngangifisa ukwenza okuhle ububi babukhona kimi; ngokuba ngijabula emthethweni kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi.

24 Manje ngibona omunye umthetho, ngisho umyalelo kaKristu, futhi ubhalwe engqondweni yami.

25 Kodwa amalunga ami alwa nomthetho wengqondo yami, futhi okungiletha ebugqilini bomthetho wesono esikumalunga ami.

26 Futhi uma ngingasinqobi isono esikimi, kodwa ngenyama ngisebenzela umthetho wesono; O mina muntu wosizi! ngubani oyongikhulula kulomzimba wokufa na?

27 Ngiyambonga uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu, ngenxa yalokho, ukuthi kanjalo ngengqondo mina uqobo lwami ngisebenzela umthetho kaNkulunkulu.

Shicilela