Amasu Okufunda
HJS, Ⅰ kwabaseKorinte 7


HJS, Ⅰ kwabaseKorinte 7:1–2, 5, 26, 29–33, 38. Qhathanisa nencwadi Ⅰ kwabaseKorinte 7:1–2, 5, 26, 29–38

UPawulu ufundisa ukuthi umshado uyathandeka. Kodwa labo ababizelwe ukuba ngabefundisi bamsebenzela kangcono uNkulunkulu uma bengashadile ngesikhathi besese msebenzini yabo yobufundisi.

1 Manje maqondana nezinto enangibhalela zona, nithi, Kuhle ukuba indoda ingamthinti owesifazane.

2 Nokho, ngithi, ukugwema ukuhlobonga, yileyo naleyo ndoda mayibe nomfazi wayo, futhi lowo nalowo wesifazane makabe neyakhe indoda.

5 Ningehlukani omunye komunye, ngaphandle uma kungokuvumelana okwesikhashana, ukuze nizinikele ekuzileni ukudla nasekukhulekeni; futhi nibuyelane ndawonye futhi, ukuze uSathane anganilingi ngenxa yokungakwazi ukuzibamba kwenu.

26 Ngakho-ke ngicabanga ukuthi lokhu kuhle kulolusizi lwamanje, ukuthi indoda ihlale kanjalo ukuze yenze okukhulu okuhle.

29 Kodwa ngikhuluma kini enibizelwe ebufundisini. Ngalokhu ngithi, bafowethu, isikhathi esisele sesi sifishane, ukuba nithunyelwe ebufundisini. Ngisho nalabo abanabafazi, bayoba nabafana nabangenabo; ngokuba nibiziwe futhi nakhethwa ukuba nenze umsebenzi weNkosi.

30 Futhi labo abalilayo, kuyoba sengathi abalili; futhi labo abajabulayo, kuyoba sengathi abajabuli, futhi nabo abathengayo, kuyoba sengathi abanalutho;

31 Futhi labo abasebenzisa lomhlaba, kube sengathi abawusebenzisi; ngokuba isimo salomhlaba siyedlula.

32 Kodwa ngicela, bafowethu, ukuthi nikhulise ubizo lwenu. Ngifisa ningabi nokukhathazeka. Ngokuba lowo ongaganiwe, unaka izinto ezingezeNkosi, ukuthi angayijabulisa kanjani iNkosi; ngakho-ke uyanqoba.

33 Kodwa lowo oganiweyo, unaka izinto okungezomhlaba, ukuthi angamjabulisa kanjani umfazi wakhe; ngakho-ke kunomehluko, ngokuba uvimbelekile.

38 Kanjalo-ke lowo owendayo wenza kahle; kepha lowo ongendi wenza kahle kakhulu.

Shicilela