Amasu Okufunda
HJS, NgokukaLuka 21


HJS, NgokukaLuka 21:24–26. Qhathanisa noLuka 21:25–26

UJesu ukhuluma ngezinye zezimpawu zokuza Kwakhe.

24 Manje lezi zinto wazikhuluma kubo, ngokuphathelene nokubhujiswa kweJerusalema. Futhi emva kwalokho abafundi bakhe bambuza, bethi, Nkosi, sitshele ngokuphathelene nokuza kwakho?

25 Futhi wabaphendula, wathi, Esizukulwanen lapho izikhathi zabeZizwe eziyogcwaliseka khona, kuyoba-khona izibonakaliso elangeni, nasenyangeni, nasezinkanyezini; naphezu komhlaba kuyoba-khona izinkathazo ezizweni nokudideka, njengolwandle namagagasi ebhonga. Umhlaba nawo uyoba nezinhlupho, ngokunjalo nolwandle olukhulu;

26 Izinhliziyo zabantu ziyoma ngenxa yokwesaba, nangenxa yokulindela lezo zinto eziza emhlabeni. Ngokuba amandla asezulwini ayonyakaziswa.

HJS, NgokukaLuka 21:32. Qhathanisa noLuka 21:32

Konke kuyogcwaliseka ngesikhathi izikhathi zabeZizwe sezigcwaliseka.

32 Ngiqinisile ngithi kini, lesi sizukulwane, isizukulwane ngesikhathi izikhathi zabeZizwe sezigcwaliseka, ngeke sedlule kuze konke kugcwaliseke.