Umyalezo wanyanga zonke weFor the Strength of Youth (Okwakha Intsha), NgoNovemba 2024
Ukulandela uKristu
Okucashuniwe
Ukulandela uJesu Kristu akusikona ukwenza okuvamile noma okwezikhathi ezithile. Kuwukuzinikela okuqhubekayo kanye nendlela yokuphila okufanele isiqondise ngaso sonke isikhathi nakuzo zonke izindawo. Izimfundiso Zakhe kanye nesibonelo Sakhe ziqondisa indlela yawo wonke umfundi kaJesu Kristu. …
Imiyalelo kaNkulunkulu isinikeza amandla asiholayo futhi azinzile ezimpilweni zethu. …
Enye yezimfundiso zoMsindisi wethu ibonakala idinga ukugcizelelwa kabusha ezimweni zosuku lwethu.
Lesi yisikhathi samagama amaningi ahlabayo nabuhlungu kwezokuxhumana emphakathini futhi kwesinye isikhathi nasemindenini yethu. …
Yini okufanele bayifundise abalandeli bakaKristu futhi bayenze kulesi sikhathi sezokuxhumana esinobuthi? Zazithini izimfundiso kanye nezibonelo Zakhe? …
… Sidinga ukuthandana futhi senze okuhle kubo bonke. Sidinga ukugwema ingxabano futhi sibe abalamulayo kukho konke ukuxhumana kwethu. Lokhu akusho ukuyekethisa izimiso zethu nezinto eziza kuqala kithi kodwa siyeke ukuhlasela abanye ngokhahlo ngenxa yezimiso zabo. Yilokho okwenziwa yiSibonelo sethu Esiphelele enkonzweni Yakhe. Yileso isibonelo Asibekela sona ngesikhathi Esimema ukuthi Simlandele. …
Njengabalandeli bakaKristu, sifundisa futhi sifakaza ngoJesu Kristu, Isibonelo sethu Esiphelele. Ngakho-ke masimlandele ngokudela umbango. Uma sesiphishekela imigomo esiyithandayo ngezenzoi emphakathi, masifanelekele izibusiso Zakhe ngokusebenzisa ulimi nezindlela zabalamulayo. Emindenini yethu kanye nobunye ubudlelwano bomuntu siqu masigweme okunokhahlo nenzondo.
© 2024 by Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe-Monthly For the Strength of Youth Message, November 2024. Zulu. 19345 783