UMyalezo waNyanga zonke weLiyahona, ngoNovemba 2024
INkosi uJesu Kristu Izobuya Futhi
Manje yisikhathi sokuthi wena kanye nami silungiselele Ukuza Kwesibili kweNkosi noMsindisi wethu, uJesu Kristu.
Bafowethu nodadewethu abathandekayo, ngiyabonga ngokuthi iNkosi ingibusisile ukuthi ngikhulume nani.
Kulengqungquthela, iNkosi ikhulume nathi ngezinceku Zayo. Ngiyaninxusa ukuba nifunde imilayezo yabo. Yisebenzise njengesivivinyo sokuqhathanisa ukuthi yini eyiqiniso nokuthi yini engelona ezinyangeni eziyisithupha ezizayo.
Ukugcinwa kanye nokulungiswa kweThempeli laseSalt Lake kanye nezinye izindawo e-Temple Square sekuyiminyaka ecishe ibe mihlanu kuqhubeka. Izilinganiso zamanje zikhombisa ukuthi lomsebenzi uzophothulwa ekupheleni kuka-2026. Sibonga bonke abenza lomsebenzi omkhulu.
Ezinyangeni eziyisithupha ezedlule, sinikele noma sanikela kabusha amathempeli ayisishiyagalolunye emazweni amahlanu. Phakathi kwamanje kuze kube sekupheleni konyaka, sizonikela amanye amainhlanu.
Namuhla sijabulela ukumemezela izinhlelo zokwakha amanye amathempeli ayi-17. Ngicela ulalele ngesizotha njengoba ngimemezela lezindawo.
-
eJuchitán de Zaragoza, eMexico
-
eSanta Ana, e-El Salvador
-
eMedellín, eColombia
-
eSantiago, iRiphublikhi yaseDominic
-
ePuerto Montt, eChile
-
eDublin, e-Ireland
-
eMilan, e-Italy
-
e-Abuja, eNigeria
-
eKampala, e-Uganda
-
eMaputo, eMozambique
-
eCoeur d’Alene, e-Idaho
-
eQueen Creek, e-Arizona
-
e-El Paso, eTexas
-
eHuntsville, e-Alabama
-
eMilwaukee, eWisconsin
-
eSummit, eNew Jersey
-
ePrice, e-Utah
Bafowethu nodadewethu abathandekayo, niyakubona okwenzeka phambi kwamehlo ethu? Ngiyakhuleka ukuthi singaphuthelwa ubukhosi balesi sikhathi! INkosi ngempela iyawusheshisa umsebenzi Wayo.
Kungani sakha amathempeli ngesivinini esingakaze sibonwe? Kungani? Ngokuba iNkosi isiyalile ukuba senze kanjalo. Izibusiso zethempeli zisiza ekuqoqeni u-Israyeli ezinhlangothini zombili zesisitho. Lezi zibusiso zisiza futhi ekulungiseleleni abantu abazosiza ekulungiseleleni umhlaba Ukuza Kwesibili kweNkosi!
Njengoba umphrofethi u-Izaya aphrofetha, nanjengoba kukhunjulwe kumculo kaHandel othi Messiah, lapho uJesu Kristu ebuya, “inkazimulo yeNkosi iyobonakaliswa, bonke abantu bayakuyibona kanye kanye.”
Ngalolosuku “umbuso uyokuba semahlombe akhe: igama lakhe kuyothiwa nguSimangaliso, nguMeluleki, nguNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.”
UJesu Kristu uyobusa kokubili eJerusalema elidala naseJerusalema Elisha “elakhiwe phezu kwezwekazi laseMelika.” Kulezi zikhungo ezimbili, Uzoqondisa izindaba zeBandla Lakhe.
Ngalolosuku iNkosi iyokwaziwa ngokuthi “iNkosi yamakhosi, noMbusi wabaBusi.” Labo abakanye Naye “bayobizwa, bakhethwe, futhi bathembeke.”
Bafowethu kanye nodade, manje yisikhathi sokuba mina kanye nani silungiselele Ukuza Kwesibili kweNkosi yethu noMsindisi, uJesu Kristu. Manje yisikhathi sokuba senze ubufundi bethu kube yinto ebaluleke kakhulu kithi. Ezweni eligcwele iziphazamiso ezididayo, singakwenza kanjani lokhu?
Ukukhonza njalo ethempelini kuzosisiza. Endlini yeNkosi, sigxila kuJesu Kristu. Sifunda Ngaye. Senza izivumelwano zokumlandela. Sifinyelela ekumazini. Uma sesigcina izivumelwano zethu zasethempelini, sithola ukufinyelela okukhulu emandleni eNkosi aqinisayo. Ethempelini, sithola ukuvikeleka ezinhluphweni zomhlaba. Sizwa uthando olumsulwa lukaJesu Kristu kanye noBaba wethu oseZulwini ngobuningi obukhulu! Sizwa ukuthula nokuqinisekiswa okungokomoya, ngokungafani neziyaluyalu zomhlaba.
Nasi isethembiso sami kini: Wonke umfuni oqotho ofuna uJesu Kristu uzoMthola ethempelini. Uzowuzwa umusa Wakhe. Uzothola izimpendulo zemibuzo ekukhathaza kakhulu. Uzoyiqonda kangcono injabulo yevangeli Lakhe.
Sengifundile ukuthi umbuzo obaluleke kakhulu okufanele siwuphendule ngamunye yilo: Ukuphila kwami ngizokunikela kubani noma kwini?
Isinqumo sami sokulandela uJesu Kristu siyisinqumo esibaluleke kunazo zonke engake ngazenza. Ngesikhathi sesikole sobudokotela, ngathola ubufakazi bobunkulunkulu bukaNkulunkulu uBaba kanye neNdodana Yakhe, uJesu Kristu. Kusukela lapho uMsindisi wethu usewaba idwala engizakhele phezu kwalo impilo yami. Lokho kukhetha kwenze wonke umehluko! Leso sinqumo sesenze ezinye izinqumo eziningi zabalula. Leso sinqumo singinikeze injongo nesiqondiso. Singisizile futhi ukumelana nezivunguvungu zempilo. Awuthi ngabelane ngezibonelo ezimbili:
Okokuqala, lapho umkami uDantzel eshona ngokungalindelekile, angikwazanga ukufinyelela nakweyodwa yezingane zethu. Ngilapho, ngingedwa, ngidangele, futhi ngikhala ngicela usizo. Ngibonga, ngokuthi ngoMoya Wakhe, iNkosi yangifundisa ukuthi kungani uDantzel wami othandekayo wayeyiswe ekhaya. Ngalokho kuqonda, ngaduduzeka. Ngokuhamba kwesikhathi, ngakwazi kangcono ukubhekana nosizi lwami. Kamuva, ngashadelwa nomkami engimthandayo uWendy. Wayeyingxenye ebalulekile yesibonelo sami sesibili.
Lapho mina noWendy sisesabelweni ezweni elikude, izigebengu ezazihlomile zangibeka isibhamu ekhanda zase zidubula. Kodwa isibhamu asiqhumanga. Kuso sonke leso sigameko, izimpilo zethu sobabili zazisengcupheni. Nokho mina noWendy sazizwa sinokuthula okungenakuphikwa. Kwakuwukuthula “okudlula konke ukuqonda.”
Bafowethu nodadewethu, iNkosi izoniduduza nani! Uzokuqinisa. Uyokubusisa ngokuthula, ngisho naphakathi kwezinxushunxushu.
Ngicela ulalele lesi sithembiso sikaJesu Kristu kini: “Ngizoba kwesokudla senu nakwesobunxele senu, futhi uMoya wami uyoba sezinhliziyweni zenu, futhi izingelosi zami zinizungeze, ukuze zinithwale.”
Akukho mkhawulo emandleni oMsindisi ukukusiza. Ukuhlupheka kwakhe okungaqondakali eGetsemane naseKalvari kwenzelwa wena! INhlawulo Yakhe yaphakade yenzelwa wena!
Ngiyakunxusa ukuthi unikele ngesikhathi esontweni ngalinye—impilo yakho yonke —ukukhulisa ukuqonda kwakho ngeNhlawulo kaJesu Kristu. Inhliziyo yami ibuhlungu ngalabo abacwila esonweni futhi bengazi ukuthi bazophuma kanjani. Ngikhalela labo abadonsa kanzima ngokomoya noma abathwala imithwalo enzima bodwa ngoba abaqondi ukuthi uJesu Kristu wabenzelani.
UJesu Kristu wathwala phezu Kwakhe izono zakho, izinhlungu zakho, ubuhlungu benhliziyo bakho, nobuthakathaka bakho. Awudingi ukuba uthwale konke lokhu uwedwa! Uzokuthethelela ngesikhathi uphenduka. Uzokubusisa ngalokho okudingayo. Uzophilisa umphefumulo wakho olimeleyo. Njengoba uzifaka ejokeni Naye, imithwalo yakho izobalula. Uma uzokwenza futhi ugcine izivumelwano zokulandela uJesu Kristu, uzothola ukuthi izikhathi ezibuhlungu zempilo yakho ezesikhashana. Izinhlupheko zakho ziyaku “gwinywa enjabulweni kaKristu.”
Akukasenani futhi akukephuzi kakhulu ukuba ube umfundi kaJesu Kristu ozinikele. Emva kwalokho uyothola ngokugcwele izibusiso zeNhlawulo Yakhe. Uzokwazi futhi ukusiza kangcono ukuqoqa u-Israyeli.
Bafowethu nodadewethu abathandekayo, ngosuku oluzayo, uJesu Kristu uzobuyela emhlabeni njengoMesiya weminyaka eyinkulungwane. Ngakho-ke namuhla ngiyanicela ukuba ninikele kabusha izimpilo zenu kuJesu Kristu. Ngibiza nina ukuthi nisize ekuqoqeni u-Israyeli ohlakazekile futhi nilungiselele umhlaba ngoKuza Kwesibili kweNkosi. Ngibiza nina ukuthi nikhulume ngoKristu, nifakaze ngoKristu, nibe nokholo kuKristu, futhi nijabule kuKristu!
Woza kuKristu futhi “unikele [ngomphefumulo wakho] wonke” Kuye. Lena imfihlo yempilo yenjabulo!
Okuhle kakhulu kuseza, bafowethu nodadewethu abathandekayo, ngoba uMsindisi uyeza futhi! Okuhle kakhulu kuseza ngoba iNkosi iyawusheshisa umsebenzi Wayo. Okuhle kakhulu kuseza njengoba siphendukela ngokugcwele izinhliziyo nezimpilo zethu kuJesu Kristu.
Nginikeza ubufakazi bami bokuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu. Ngingumfundi Wakhe. Ngihloniphekile ukuba yinceku Yakhe. Ekubuyeni Kwakhe Kwesibili, “inkazimulo yeNkosi iyobonakaliswa, yonke inyama ikubone kanyekanye.” Lolosuku luyogcwala injabulo kwabalungileyo!
Ngamandla ezikhiye ezingcwele zobuphristi engiziphethe, ngimemezela leliqiniso kini nasemhlabeni wonke! Egameni likaJesu Kristu, amen.
© 2024 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe-Monthly Liahona Message, November 2024. Zulu. 19349 783