Umyalezo wanyanga zonke Okwakha Intsha, ngoNovemba 2024
Ilula Imfundiso KaJesu Kristu
Okucashuniwe
Izwi likaNkulunkulu liyimfundiso eyafundiswa uJesu Kristu kanye nabaphrofethi Bakhe. …
… Lemfundiso ithi ukukholwa eNkosini uJesu Kristu, ukuphenduka, ukubhabhadiswa, ukwamukela isipho sikaMoya oNgcwele, kanye nokubekezela kuze kube sekugcineni kubusisa bonke abantwana bakaNkulunkulu.
Ngesikhathi sifundisa lemigomo kulabo esibathandayo, uMoya oNgcwele uzosisiza ukuba sazi iqiniso. Ngoba sidinga ukugqugquzelwa nguMoya oNgcwele, kufanele sigweme ukuqagela noma ukutolika komuntu siqu okudlula ukufundisa imfundiso eyiqiniso.
… Enye yezindlela eziqinisekile zokugwema ngisho nokusondela emfundisweni yamanga ukukhetha ukuba lula ekufundiseni kwethu. …
Ukufundisa kumane kusivumela ukuthi sabelane ngemfundiso esindisayo kusenesikhathi, lapho abantwana bengathintwa izilingo zomkhohlisi abayobhekana nazo kamuva, kudala ngaphambi kokuba amaqiniso okudingeka bawafunde acishwe umsindo wezinkundla zokuxhumana, ontanga, kanye nemizabalazo yazo siqu. …
Uma senza konke okusemandleni ethu ukufundisa labo esibathandayo ngemfundiso kaJesu Kristu, abanye bangase bangasabeli. Ukungabaza kungase kungene emqondweni wakho. … Ungakuvumeli lokho kungabaza. Phendukela kuNkulunkulu ukuze uthole usizo. …
… Uyoba okhuthele futhi nenhliziyo ende. Futhi-ke ungazi ukuthi wenze konke ongakwenza ukuze usize labo obathandayo nalabo obathandazelayo ukuba baphume emzamweni kaSathane wokubakhipha endleni.
© 2024 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. All rights reserved. Igaywe eMelika. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sikhishwe ngesiNgisi: 6/19. Usuku okuvunywe ngalo ukuba lesi sifundo sihunyushwe: 6/19. Ukuhunyushwa kwe-Monthly For the Strength of Youth Message, November 2024. Zulu. 19345 783