Ngo-2010
Yiba Ngozimele Ngokwakho
uJanuwari 2010


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, JANUARY 2010

Yiba Ngozimele Ngokwakho

Fundisa lemibhalo kanye nokucashuniwe noma, uma kunesidingo, umthetho omunye ozobusisa odade labo obavakashelayo. Beka ubufakazi bakho ngemfundiso yobuKrestu. Mema labo obavakashelayo ukuzo kwabelana ngalokho abakuzwile nabakufundile.

Kuyini ukuzimela Ngokwakho?

“‘Ukuzimela ngokwakho kusho ukuthi sebenzisa zonke izibusiso ezivela kuBaba waseZulwini ukuba sizinakekele thina kanye nemindeni yethu nokuba sithole isisombululo mayelana nezinkinga zethu.’Omunye nomunye wethu unesibopho sokuzama ukugwema izinkinga ngaphambi kokuba zenzeke futhi sifunde ukuzinqoba izinselele uma zenzeka. …

“Singazimela ngokwethu kanjani? Singakwazi ukuzimela ngokwethu ngokuthola ulwazi olwanele, imfundo, kanye nokwazi ukufunda nokubhala; ngokuphatha izimali neminyombo ngokuhlakanipha, ngokuba namandla kamoya, uzilungiselele izikhathi eziphuthumayo kanye nokungahle kwenzeke; nokuba nempilo enhle emzimbeni nokuba nobudlelwano nozwelo.”1

UJulie B. Beck, uMongameli jikelele weNhlangano Yamame Ekhululekileyo.

Isibopho seVangeli

“Njengoba siphila ngokungamoshi nokukhulisa izipho namathalente, sizozimela ngokwethu. Ukuzimela ngokwakho kungukuthatha isibopho esingesethu sikamoya kanye nobudlelwane obuhle besikhashana nakulabo uBaba waseZulwini abathembayo ekunakekeleni kwethu. Kuphela uma sizimele ngokwethu singakwazi ngempela ukulandela uMsindisi ngokusiza nokubusisa abanye.

“Kubalulekile ukuqonda ukuthi ukuzimela ngokwakho kuyinto yokufika ekugcineni. Inhloso yethu ekugcineni ukuba sifane noMsindisi, futhi leyo nhloso izakukhushulwa yimisebenzi yethu enganabugovu kwabanye. Ulwazi lwethu lokusebenza luyakhula noma kunciphe ngokulinganisa ngokuzimela ngokwakho.”2

IGosa uRobert D. Hales weKhoramu yabaPostoli Beshumi Nambili.

“Ukuzimela ngokwakho kungumphumela womsebenzi kanye nokukhulisa bonke abanye abazifundele kwezenhlalakahle. Kuyinto ebalulekile kakhulu emoyeni yethu engcwele nasezintweni zesikhashana. Ukubhekisisa lomthetho, uMongameli uMarion G. Romney [1897–1988] wathi: ‘Masisebenze kulokhu esikudingayo. Make sibe ngabazimele bodwa futhi sikhululeke. Insindiso ingatholakala ngaphandle kwemithetho eminye. Insindiso iyinto eyodwa, futhi kumele sisebenzele eyethu insindiso okwesikhashana kanti futhi nasezintweni zikamoya.’ …

“UMongameli uSpencer W. Kimball [1895–1985] wasifundisa kakhulu ngokuphathelene nokuzimela wedwa: ‘Isibopho somuntu ngamunye sokuzwana, sikamoya, umzimba, noma somnotho sihleli okokuqala kuyena, okwesibili phezu komndeni wakhe, futhi okwesithathu phezu kweBandla uma eyilungu elikholwayo kulokho.’”3

UMongameli uThomas S. Monson.

Amanothi

  1. “Isibopho kwezenhlalakahle kaMongameli we Relief Society,” Isisekelo Somthetho kwezenhlalakahle nokuzimela ngokwakho (2009), 4–5.

  2. “Isambulo ngeVangeli: Ukholo Ekwenzeni,” Isisekelo somthetho kwezenhlalakahle nokuzimela ngokwakho (2009), 1–2.

  3. “Umthetho wokubonisa ngabanye kanye nomndeni kwezenhlalakahle,” Liahona, Feb. 1987, 3.

Shicilela