Ngo-2010
Bambelela kakhudlwana
uJanuwari 2010


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, JANUARY 2010

Bambezela Kakhudlwana

Enye yezifundo ezibekezelekayo zesikhathi saseKirtland wukuthi imimoya yethu idinga ukondliwa njalo-njalo. Sidinga ukuhlala duzane neNkosi nsuku zonke uma sidinga ukuphila ngobunzima lokho konke okumele sibhekane nakho.

Kulelihlobo eladlula, umkami nami sathatha abazukulu babafana abangamawele ukuya eKirtland, Ohio. Kwakuyithuba elaliyisipesheli futhi liyigugu kithina ukuchitha isikhathi kanye nabo ngaphambi kokuba bahambe baye kuyofundisa ngezenkolo.

Ngesikhathi sivakashele lapho, safunda ukuqonda kangcono izindlela zoMprofethi uJoseph Smith kanye nabaNgcwele ababehlala eKirtland Lesosikhathi somlando weBandla waziwa njengesikhathi sokuhlukunyezwa kanzima kepha futhi kuyizibusiso eziphezulu.

E-Kirtland iNkosi yanikeza ezinye izibonakaliso ngempela eziyincazelo kanye neziphiwo zikaMoya ezingakaze zibonwe kulomhlaba. Izahluko ezingamashumi ayisithupha nanhlanu yezimfundiso zobuKrestu zesivumelwano zemukelwa eKirtland kanye nasezindaweni ezizungeziwe—izambulo ezaletha ukukhanya okusha kanye nolwazi ngezihloko ezinjengoKuza okweSibili,ukunakekela abahluphekile, iplani leNsindiso, igunya lobuPristi, iZwi lokuhlakanipha, okweshumi, iThempeli, kanye nomthetho ngenhloso yobungcwele.1

Kwakuyisikhathi sokukhula ngokomoya esingahambisani. Ngempela, uMoya kaNkulunkulu njengomlilo wawusha. Umose uElija kanye nabanye abaningi abantu babonakala ngalesikhathi kanjalo noBaba wethu waseZulwini kanye neNdodana Yakhe, uMsindisi womhlaba, uJesu Krestu2

Eminye eminingi yezibonakaliso uJesu ayithola eKirtland kwangumbono ayewubiza ngokuthi yicembe “le-olive elixhunywe eSihlahleni iPharadesi futhi umlayezo weNkosi woxolo kithina” (isingeniso ku D&C 88). Lombono omuhle ufaka isimemo esizothile, “Yiza duzane nami futhi ngizosondela eduze kwakho, funa mina ngokuzimisela futhi uzongithola” (D&C 88:63). Njengoba abaNgcwele baseKirtland besondela eNkosini, Ngempela Wasondela kubona, ethela izibusiso zaseZulwini phezu kwamakhanda alabo abakholwayo.

Ukukhiphela ngaphandle koMoya

Mhlawumbe ukufika ekugcineni kwezincazelo zikamoya zenzeka ngesikhathi kubusiswa iThempeli lase Kirtland ngo Mashi 27, 1836. Kulabo ababekhona kwakungu William Draper owayeneminyaka engu-28, owachaza usuku “njengosuku lwe Phentekosti”. Ubhale kanje: “Kwakunesikhathi esinjena sokukhiphela ngaphandle uMoya weNkosi, lokho kwenza ipeni lami linganeliseki ukuba libhale ngokuphelele noma ulwimi lwami ukuba lichaze lokho. Kepha ngizosho lokhu ukuthi uMoya wakhishwa ngaphandle futhi weza njengomoya onamadla osheshayo futhi wagcwala indlu nokuthi abaningi ababekhona bakhuluma ngezilwimi futhi babenemibono futhi babona izingillosi futhi ziprofetha, futhi zinesikhathi esihle sokujabula esingazange sabakhona kwizizukulwane.3

Lezo zibonakaliso zikamoya zazinganele kuphela labo ababephakathi ethempelini kubantu ababengomakhelwane beza begijima ndawonye (ukuzwa umsindo ongajwayelekile ngaphakathi futhi nokubona ukukhanya okukhulu njengezinsika zomlilo zihleli eThempelini) futhi zazimangele ngokwenzakalayo”.4

uLorenzo Snow (1814–1901), emva kwesikhathi owaba nguMongameli weBandla, wayehlala e Kirtland ngalesikhathi esasibusisekile. Waqaphela, “Omunye umuntu ubengacabanga ukuthi emva kokuthola lezincazelo ezinhle kangaka akuzange kube nokulingeka okwakungachitha abaNgcwele”.5

Kepha, ngokunjalo, ulwazi olukhulu lukamoya alusenzi thina ukuba sisuke ekuphikiseni kanye nasekulingweni. Emveni-nje kwezinyanga ezimbalwa emva kokubusiswa kwethempeli inkathazo kwezomnotho kuyoyonke indawo yanyakazisa iMelika, futhi iKirtland yezwa imiphumela yalokho ngokujulileyo. Amabhange ehluleka, eshiya abaningi ezinkingeni ezinzima zemali. Ukwenza kubenzima kakhulu, abaningi abaNgcwele ababefuduka beya eKirtland beza nokuncane kakhulu okuyizinto zabo, bengazi nokuthi bazokwenzenjani nxa sebefikile noma-ke bazophila kanjani.

Kungekudala, ukuhlukunyezwa kwase kuqala futhi iqulu labantu lenza uzungu baphikisa abaNgcwele. Amalungu eBandla—nalabo ababesondelene kakhulu kuMprofethi, abaningi babo babekhona ngenkathi kubusiswa ithempeli behlubuka futhi begxeka uJoseph njengomprofethi owile.

Ngenkathi ngihamba eduze kweThempeli iKirtland kanye nonkosikazi wami kanye nabazukulu babafana, ngadlinza ngokuthi kwakubuhlungu kangakanani ukuthi abanye abazange basale bangamakholwa noma emva kwencazelo kamoya ababengofakazi kuyona. Kwaba buhlungu kangakanani ukuthi abakwazanga ukubekezela ukugconwa nokubekwa izici zokungakholwa. Kwaba buhlungu lokho, ngenkathi bebhekene nezilingo noma-ke ezinye izinkinga, abazange bakwazi ukufinyelela ngaphakathi kubona futhi bathole amandla okuhlala bekholwa. Kubuhlungu kangakanani ukuthi bona balahla ukubona isivuno esingumangaliso sikamoya ngenkathi kubusiswa iThempeli.

Izifundo

Singafundani ngalesikhathi esimangalisayo emlandweni weBandla?

Enye yezimfundo zokubekezela ezinkulu, zesikhathi zase Kirtland ngukuthi imimoya yethu idinga ukwondliwa njalo. Njengoba uMongameli uHarold B. Lee (1899–1973)afundisa: “Ubufakazi akuyona into ongaba nayo namuhla bese uyigcina njalo. Ubufakazi bungahle bukhule futhi bukhule ebuhleni bangempela, noma buzoshabalalisa ukuze kuthembele ekutheni senzani ngakho. Ngithi, ubufazi lobu esibutholayo ngosuku nosuku yinto esisizayo thina ekuweni engozini yesitha.”6 Sidinga ukuhlala duzane neNkosi nsukuzonke uma sifuna ukuphila esitheni okumele thina sonke sibhekane naso.

Ngezinye izindlela umhlaba wethu namuhla ufana ne Kirtland ka 1830. Nathi ngokwethu siphila esikhathini sokuhlupheka kwezezimali. Kukhona labo abahluphayo futhi abathuka iBandla kanye namalungu alo. Izivivinyo zomunye nomunye kanye nezihlangene ngesinye isikhathi zibukeka zinkulu.

Yilokho-ke esikudingayo, ngaphezu kunaphakade, ukusondela eduzane neNkosi. Uma senza njalo, sizokwazi ukuthi kushoni ukuba neNkosi eduzane nathi. Njengoba simfuna njalo Yena ngaphezu kokuzimisela, ngempela sizomthola Yena. Sizobona ngokucacile ukuthi iNkosi ayilahli iBandla Lakhe noma abaNgcwele Bakhe abakholwayo. Amehlo ethu azovuleka, futhi sizombona evula amafasitela wezulu asithele kakhulu thina ngokukhanya kwakhe. Sizothola amandla kamoya ukuba siphile noma ngabe kungubusuku obumnyama kakhulu.

Noma-ke abanye abaNgcwele e Kirtland balahlekelwa ngukukhanya kolwazi lukamoya abanye abazange. Iningi, kanye no William Draper, babambelela baqinisa kulwazi lukamoya lolo uNkulunkulu abanike lona futhi baqhubeka nokulandela uMprofethi. Endleleni bathola izilingo eziningi ezimbi kepha futhi ukukhula okumnandi kwazo, ekugcineni nenjabulo, labo ababekezela kwaze kwaba sekugcineni “batholwa eku … isimo esingasoze saphela” (uMozaya 2:41).

Ungabambelela

Uma ngabe uyalingeka ukuba udangale noma ungabi nokholo, khumbula labo abaNgcwele abangamakholwa abahlezi eqinisweni e Kirtland. Bambelela kakhudlwana. Ungakwenza lokhu! Uyingxenye eyisipesheli yesizukulwane. Ukuzilungiselela futhi wagcina ukuba uphile kulesikhathi esibalulekile emhlabeni wethu omuhle oyiplanethi ekhona. Uneshadi lasezulwini futhi ngakho-ke kunawo onke amathalente adingekayo ukwenza impilo yakho ibe yindaba ephumelelayo yaphakade.

INkosi ikubusisile wena nobufakazi beqiniso. Uzwile imfundiso Yakhe futhi kwaba nobufakazi ngamandla Akhe. Futhi uma uqhubeka ukufuna Yena, Uzoqhubeka nokunikeza ulwazi olungcwele. Ngalokhu kanye nokunye okuyisipho sikamoya, uzokwazi hhayi kuphela ukuguqula impilo yakho ukuba ibe ngcono kepha futhi nokubusisa amakhaya enu, amawadi noma amagatsha, umphakathi, amadolobha, izwe, kanye nezizwe ngobuhle bakho.

Kungahle kube nzima ukubona lokho kwesinye isikhathi, kepha bambelela kakhudlwana, ngokuba “iso alibonanga, noma ukuzwa ngendlebe, noma kungene enhliziyweni yomuntu, izinto uNkulunkulu azilungiselele labo abamthandayo” futhi bamlindile Yena (1 Kwabase Khorinte 2:9; bona futhi D&C 76:10; 133:45).

Ngibeka ubufakazi ngeqiniso levangeli lika Jesu Krestu elibusiselwe kabusha futhi iqiniso lalokhu, yiBandla Lakhe. Ngibeka ubufakazi bami ngenhliziyo yonke kanye nomphefumulo ukuthi uNkulunkulu uyaphila, nokuthi uJesu Krestu uyiNdodana Yakhe futhi umile ekhanda laleliBandla elikhulu Sinomphrofethi emhlabeni futhi, okunguMongameli u Thomas S Monson.

Masikhumbule njalo isifundo sase Kirtland bese sibambelela kakhudlwana—noma-ke izinto zibukeka zimfiliba. Yazini futhi nikhumbule lokhu: iNkosi iyakuthanda. Uyakukhumbula wena. Futhi izakusingatha njalo labo “ ababekezelayo ngokholo kuze kufike ekugcineni” (D&C 20:25).

AmaNothi

  1. Bheka, isibonelo, izingxenye 45; 56; 76; 84; 89; 97; futhi 104.

  2. Bona D&C 76:23; 110:2–4, 11–13.

  3. UWilliam Draper, “UMdwebi ngoMlando weMpilo kanye noHambo nokuZalwa nokuba nguMzali ka William Draper” (1881), ibhalwe, Umlando weBandla eqoqweni lamabhuku, 2; ispelingi kanye nomgomo webanga nokuguqulwa.

  4. UMlando weBandla, 2:428.

  5. ULorenzo Snow, “Ingxoxo,” iDeseret Izindaba Zeviki, uJuni 8, 1889, 26.

  6. Izimfundiso zoMongameli beBandla: uHarold B. Lee (2000), 43.

Shicilela