Ngo-2010
Akekho umuntu Olunge ngokudlulele
Mashi 2010


Ulusha

Akekho umuntu Olunge ngokudlulele

Njalo ngangifisa ukuba njengo Nifayi: ukulalela ngokuqinileyo, ukukholwa kakhulu, futhi ukubangcwele ngokuphelele. Emehlweni ami uNifayi wayeyisibonelo esiphezulu sokulunga. Izinto ezimbalwa zafaka isicelo kimina ukwedlula umcabango wokukhula ukuba njengaye—noma okungenani kwaqala ukuba nohlangothi lwakhe lobuhlakanipha.

Ngolunye usuku ngaba nenkinga encane, eyabangwa imizwa engaphelele. Nganginezifiso futhi namaphupho amaningi. Kepha azange ngibonakale ngiyandawo. Ezinyembezini zethemba elingasekhoyo, Ngatshengisa lemizwa kubaba wami. Wasukuma masishane, wase ehamba eya ekasini lezincwadi, futhi wakhipha elinye lamakhophi Encwadi kaMomoni. Ngaphandle kokuba asho igama, wayivula 2 Nifayi 4 futhi waqala wafunda ivesi 17.

Ukubanda kwadlulela emzimbeni wami njengogesi njengoba Ngilalela lamazwi anamandla: “O ndoda engajabulile eyimina!” Imicabango yami yagijima. Kanjani uNifayi, umqobi wami futhi oyisibonelo, athi yena “wayengajabulile”? Uma wayengajabulile, lokho kwakungenzenjani mina?

Futhi, ugesi wagijima kimina njengoba ubaba wami efunda ivesi 28: “Vuka, mphefumulo wami! Ungabe usahlala esonweni.” Kwezwakala kimina sengathi amafu amnyama engqondweni yami asukile futhi avulela ukuveza ukufudumala futhi ubuhle obesibhakabhaka esiphuzu kanye nelanga elikhanyayo. Kunzima ukuchaza indlela leli vesi elakhanyisa umphefumulo wami. Ambalwa amavesi encwadi yenkolo agcwalisa mina ngethemba elikhulu, ukugqugquzeleka, futhi nenjabulo njengoba leli lenza.

Evesini 30, uNifayi washo okuyikona engangikucabanga, kuphela ngamazwi anamandla kakhulu: “Umphefumulo wami uzakujabula kuwena, Nkulunkulu wami, futhi dwala lwensindiso yami.” Lelivesi leza nemizwa yokuthula futhi nokubonga kozwelo oluthambile lweNkosi kanye nothando.

Ubaba wami wavala incwadi futhi wachaza ukuthi lamavesi ngesinye isikhathi abizwa ngamahubo kaNifayi. Wase efundisa kancane mina ukuthi nabantu abakhulu emhlabeni abalungile ngokupheleleyo, futhi lababantu kumele bakwazi ukubona ukungalungile ngokupheleleyo kwabo noma bazakuba nokuzikhukhumeza futhi, bangabi bakhulu.

Ngazwisisa. Ngoba Nganginobuthakathaka kwakungasho ukuba ngangingakwazi ukufana noNifayi. Ukubona ubuthakathaka bami kwangisondeza eduzane kwesimo sikaNifayi. uNifayi wayemkhulu ngokuba, futhi wayelalela futhi enokholo, wayezithobile futhi wayezimisele ukuvuma amaphutha akhe.

Kusukela kulesosifundo, Ngiwathandile lamagama akhe uNifayi. Ngasosonke isikhathi ngiwafunda, Ngithola isifundo sokujabula esifanayo kanye nokugqugquzeleka okufanayo njengesikhathi sokuqala Ngiwafunda wona. Lamavesi acula ngaphandle kimina ukuthi ngiyindodakazi kaNkulunkulu, nginekhono elidlulele umcabango wami. Ngiyazi ukuthi uma ngikholwa futhi ngiphushela phambili, izibusiso ezingakatshelwa zisesitolo.

Shicilela