Ngo-2010
Ukuqinisa Ukholo kuNkulunkulu uBaba futhi uJesu Krestu ngokuFunda Umbhalo Ongwcele Wakho
Mashi 2010


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uMashi 2010

Ukuqinisa Ukholo kuNkulunkulu uBaba futhi uJesu Krestu ngokuFunda Umbhalo Ongwcele Wakho

Ngomthandazo fundisa lemibhalo kanye nokucashuniwe noma, uma kudingeka, umthetho omunye ozobusisa odade labo obavakashelayo. Beka ubufakazi bakho ngemfundiso yobuKrestu. Mema labo obavakashelayo ukuzo kwabelana ngalokho abakuzwile nabakufundile.

“Ngenkathi Ngisengumakoti omusha, … Ngamenywa kwisidlo sasemini kubobonke odade Benhlango Yomame Ekhululekileyo ewadini yami abafunde okunani Incwadi kaMomoni noma incwadi imfishane Yomlando Webandla. Ngiyengaba nokunethezeka ekufundeni kwami umbhalo ongcwele, bese Ngavumeleka ukuya eluncheon ngokufunda incwadi emfishane ngokuba yayilula futhi yathatha isikhathi esincane. Njengoba ngangidla isidlo sami sasemini, Ngabanomuzwa onamandla ukuthi noma incwadi yomlando kwakuyiyona eyayilungile, Ngabe ngafunda Incwadi kaMomoni. Umoya Ongcwele wawufuna ukuba ngishintshe indlela engifunda ngayo umbhalo ongcwele. Lelosuku Ngaqala ukufunda Incwadi kaMomoni, futhi Angizange ngayekela. … Ngokuba Ngaqala ukufunda imibhalo engcwele ngosuku nosuku, Ngafunda ukuba uBaba wami Wasezulwini, Indodana Yakhe uJesu Krestu, futhi engikudingayo ukukwenza ukuze ngifane Nabo. …

Wonke owesifazane angaba umfundisi wemiyalelo yevangeli ekhayeni lakhe, futhi wonke udade eSontweni udinga ulwazi lwevangeli njengomholi futhi nothisha. Uma njengamanje ungakakhi indlela yokufunda imibhalo engcwele ngemihla ngemihla, qala manje futhi uqhubeke ufunde ukuze uzilungiselele umsebenzi wakho kulempilo futhi nakunaphakade.”1

uJulie B. Beck, uMongameli Jikelele Wabesifazane Abakhululekileyo.

“Isifundo semibhalo engcwele sizakusiza ubufakazi bethu futhi nobufakazi bamalungu emindeni ethu. Izingane zethu namuhla ziyakhula zizungezwe ngamazwi abaluleka ukuba bayekele lokho okulungile futhi balendele, endaweni yalokho, ubumnandi bezwe. Ngaphandle kokuba banesiqalo esiqinileyo kwivangeli likaJesu Krestu, ubufakazi beqiniso, futhi ukuzimisela ukuphila impilo elungile, basengozini kulezimfundiso. Kungumsenzi wethu ukuqinisa futhi sibavikele.”2

Umongameli uThomas S. Monson.

“Sifuna odade bethu babengaba fundi bemibhalo engcwele. … Udinga ukwazana neqiniso lakhe elingunaphakade ukuba uphile kahle, futhi nomsebenzi wokufundisa izingane zakho futhi nabanye bonke abeza emfundisweni yakho.”3

“Sifuna amakhaya ethu abusiseke ngodade abangaba fundi mbhalo ongcwele—noma awushadile noma ushadile, usemusha noma ukhulile, ungumfelokazi noma uphila emndenini. Yibani ngabafundi bemibhalo engcwele—ningababeki abanye phansi, kodwa nibaphakamise phezulu!4

uMongameli uSpencer W. Kimball (1895–1985).

Amanothi

  1. uJulie B. Beck, “Umphefumulo Wami Ujabulile Embhalweni Ongcwele,” Liahona, uMeyi 2004, 107–9.

  2. uThomas S. Monson, “Izifiso Ezintathu Ezizakuhola,” Liahona, Nov. 2007, 118.

  3. uSpencer W. Kimball, “Amalungelo futhi Imisebenzi yoDade,” Ensign, Nov. 1978, 102.

  4. uSpencer W. Kimball, “Indima Yowesifazane Olungeleyo,” Ensign, Nov. 1979, 102.

Usizo Kothisha Bokuvasha

Ngesikhathi sokuvaksha kwakho, phendula lemibuzo futhi wabelane nokuqukethwe ngokusebenzisa imibhalo engcwele. Beka ubufakazi ukuba kuza kanjani ukufunda imibhalo engcwele iqinise ukholo lwakho. Buza udade omvakashelayo ukuba abelane ngokuba kuza kanjani ukufunda imibhalo engcwele iqinise ikhaya lakhe futhi nomndeni.

Ukuzilungiselela Ngokwakho

uJohane 5:39

2 uThimothi 3:14–17

2 uNifayi 9:50–51; 31:20; 32:3–5

D&C 138:1–11

Shicilela