Ngo-2010
Ukuzimesela Ngokulungileyo
Mashi 2010


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, Mashi 2010

Ukuzimisela Ngokulungileyo

Enye yezinjongo yokufa ngonkwenyama ukubonisa kuNkulunkulu ukuthi sizakugcina imithetho Yakhe lapho lokho kudinga isibindi. Sadlula kulesosivivinyo ezweni langomoya. Kepha omunye wesithathu wasezulwini walwa ngokuphikisa isicelo ukuthi bona bavivinywe empilweni yangenyama lapho kwakunengozi ukuthi bangahluleka.

Ngaphambi kokuba sizalwe, sasimazi uNkulunkulu uBaba kanye neNdodana Yakhe, uJesu Krestu, ngokwethu. Sasikwazi ukubabona futhi sibalalele Bona njengoba Besifundisa futhi besikhuthaza. Manje ingubo ibekiwe ezingqondweni zethu kanye nasekukhumbuleni. uSatani, ubaba wamanga, ungaphambili ngokuba thina kumele sibone iqiniso ukuba singobani ngaphandle kwamehlo okholo, ngenkathi imizimba yethu isenza singene esilingweni futhi nokuba lula komzimba.

Sino sizo olukhulu olusinikeza isibindi thina kulempilo. Olukhulu Ukuhlawulela kuka Jesu Krestu Ngenxa yalokhu Yena akwenza, izono zingahlanzulula emanzini okubhabhadisa. Singavuselela lesosibusiso lapho sithabatha isidlo sangesonto ngokholo futhi ngenhliziyo eguqukileyo.

Izipho zomoya ezinye zosizo. Sithola Umoya kaKestu ekuzalweni. Okusinikeza amandla ukwazi lapho ukhetho ngaphambi kwethu kuzasiholela eduzane nempilo yangaphakade. Izincwadi zenkolo zingumholi wempela lapho sifunda zona ngoMoya Ongcwele njengomngani wethu.

uMoya Ongcwele usivumele ukuba sizibonise ukubonga futhi sicele usizo emthandazweni ngokuchaziwe futhi ngokuzithemba thina esike sakujabulela kanye noBaba wethu Wasezulwini futhi esizakuzithola ngenkathi sibuyela kuYena. Ukukhulumisana noNkulunkulu kusiza ukususa ukwesaba ezinhlizweni zethu njengoba kwakha ukholo futhi nothando lukaBaba Wasezulwini kanye no Jesu Krestu.

Ubupristi obungcwele businikeza thina isibindi kumsebenzi wethu. Kuzimiso thina sithola amandla ukusebenzela abantwana bakaNkulunkulu futhi sime siqine emfundisweni yobukhohlakali. Ngenkathi Yena esibiza ukuba sisebenze, sinalesithembiso: “Futhi loyo onitholayo, kuzakuba futhi, ngizakuya phambi kobuso bakho. Ngizoba ngasesandleni sakho sokudla, futhi uMoya wami uzakuba ezinhlizweni zenu, futhi izingelosi zami zizungeze nina, ukuze zinibonise nina” (D&C 84:88).

Umprofethi uJoseph Smith emisebenzini wakhe wayenaso isizathu sokwesaba. Kepha uNkulunkulu wamunikeza isibindi nalesiqiniseko sesibonelo sikaThisha:

“Futhi uma wena uzakuphonselwa emgodini, noma ezandleni zababulali, futhi isigwebo sokufa sinikezwa wena; uma wena uzakuphonselwa emgodini oshona ngaphansi kakhulu; uma umoya okubhaluni ushesha ukulwa nawe; uma imimoya ethukuthele iba izitha zakho; uma amazulu ahlangana ngobumnyama, futhi zonke izinto zihlangana ukubalekela indlela; ngaphezu kwalokho, uma lawo mazinyo amkhulu wesihogo azakuvuleka kakhulu emilomeni ngaphambi kwakho, yazi kodwa, ndodana yami, ukuthi zonke lezi zinto zizakukunikeza isifundo, futhi zizakuba usizo kuwena.

“Indodana yeNdoda iyehlele phansi kubo bonke. Kanti wena awumkhulu na ukwedlula yena? (D&C 122:7–8).

Unkulunkulu usinekeze okwedlulele ukusiza ukususa ukwesaba futhi kusinikeze isibindi, noma ingaba ikuphi esingahlangabezana nakho empilweni. Njengoba sifuna usizo Lwakhe, Yena angasiphakamisa ukusondela duzane kuleyo mpilo engunaphakade esiyifunayo.

Ukufundisa ngaloMlayezo

uJesu Krestu, uThisha Omkhulu, uhlala ebuza imibuzo ukugqugquzela abantu ukuba badlinze futhi basebenzise lemithetho Yena ayifundisile. … Imibuzo Yakhe yagqugquzela umcabango, ukufuna umphefumulo, futhi nokuzibophezela” (Fundisa, Alukho Ubizo Olukhulu  [1999], 68). Cabanga ukwenza futhi ubuze abambalwa imibuzo ukusiza omunye nomunye ukuzwisiza futhi ukusebenzisa amaqiniso ukufundisa kulomlayezo. Isibonelo, ungabuza ukuthi, “Uluphi usizo uNkulunkulu alinikeze wena ukususa ukwesaba futhi ukunikeza wena isibindi?” noma “uNkulunkulu ukusize kanjani wena ukwehlula ukwesaba kwakho?” Gqugquzela omunye nomunye ukuba badlinze ezimpendulweni zabo ngaphambi kokuba baphendule.

Shicilela