Ulusha
Ukholo Lwami Oluyisivivinyo
Ngenkathi Ngineminyaka engu 13, Ngaqala ukufunda Incwadi kaMomoni nsuku zonke, futhi ngiyengabusiswa nsuku zonke kusukela.
Ikilasi leSikole langeSonto lethu lweminyaka engu 13 ubudala belingaziwa kahle ngokuhlonipha kwethu. Kepha, sasinothisha omuhle owazama ngawowonke amandla akhe ukufundisa isifundo ngasinye ngoMoya. Isifundo leso esisodwa kwakungukufunda izincwadi zenkolo.
Ekugcineni kwesifundo wasinikeza isivivinyo. Sasihloswe kithina sonke, kepha ngesinye isizathu wangibheka nqo njengoba ethi, “Ngininikeza isivivinyo ukuba nifunde eNcwadini ka Momoni nsuku zonke!” Ngacabanga kimina, “Ngizakubonisa. Ngizakwenza lokho!
Ngaqala ngo 1 Nefayi isiqephu 1 kulobobusuku futhi ngaqhubeka ukufunda nsuku zonke. Mhlawumbe angizange ngibeneqondo eyamampela ngenkathi ngiqala, kepha ngokuhamba kwesikhathi ngaqala ukuthanda indlela yokufunda iNcwadi kaMomoni engenza ngizizwe ngayo. Ukufunda ubusuku nobusuku kwaba ukujwayeleka okumnandi.
Izinyanga ezadlulayo ngafika ku Alma 32 futhi ngajabula ngeplani lokholo lwesivivinyo. Esikoleni sasiqeda ukufunda ngokwenza izivivinyo ezosayensi, bese ngaguqa phansi futhi ngatshela uBaba waseZulwini ukuthi ngangiqala isivivinyo. Ngacela ukuthi ngifike ekwazini uma iNcwadi kaMomoni yayingeyeqiniso.
Embonweni, ngiyazi ukuthi uBaba waseZulwini uphendulile imithandazo yami ezikhathini eziningi. Ukufunda iNcwadi kaMomoni nsuku zonke kwanginikeza ikhono eliphezulu ukuba ngihlule ubukhohlakali. Ngazizwa ngiseduzane nakuBaba wami waseZulwini. Ngazizwa ngiqinile ngamandla woMoya Ongcwele ukuhlula izinkinga. Lokho uAlma akusho ngokuvivinya ngegama likaNkulunkulu kuyiqiniso: “Kwaqala ukukhulisa umphefumulo wami; futhi, kwasekuqala ukucacacisa ukuzwisisa kwami, futhi, kwaqala ukubamnandi kimina” (uAlma 32:28).