Ngo-2010
Ukufuna futhi Nokwamukela Isambulo Sakho
Apreli 2010


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uApril 2010

Ukufuna futhi Nokwamukela Isambulo Sakho

Fundisa lemibhalo kanye nokucashuniwe noma, uma kunesidingo, umthetho omunye ozobusisa odade labo obavakashelayo. Beka ubufakazi bakho ngemfundiso yobuKrestu. Mema labo obavakashelayo ukuzo kwabelana ngalokho abakuzwile nabakufundile.

Ngingafuna Kanjani Isambulo Sami?

“Silungiselela ukwamukela isambulo sethu njengoba abaprofethi benza, ngokufunda izincwadi zenkolo, sizile, sithandaze, futhi sakhe ukholo. Ukholo lwiyisikhiye. Khumbula ukuzilungiselela kukaJoseph kuMbono Okuqala:

‘“Uma omunye wenu akanayo inhlakanipho, mvumele acele kuNkulunkulu. …

“Kepha kumele acele ngokholo, kungabibikho ukunyakaza.’”1

IGosa uRobert D. Hales weKhoramu yabaPostoli Beshumi Nambili.

“Umthandazo uyisikhiye sakho sokuya ezulwini. Ilokhi isengxenyeni ngakuwe yeveyili.

“Kepha akusikona lokho kuphela. Kuloyo owafundisa ukuthi isambulo sizakuhamba ngaphambi komzamo, iNkosi yathi:

“‘Awukazwisisi; ucabanga ukuthi Ngizakunikeza kuwena, ngenkathi ungazange ucabange ukuzigcina kwakuwukubuza kimi.

“‘Kepha, Bheka, Ngithi kuwena, ukuthi kumele ufunde nge nqondo; bese ungibuze mina uma kulungile, futhi ukuba kulungile Ngizakwenza ukuthi isifuba sakho sivuthe kuwe; ngakho-ke, uza kuzwa lokho okulungile.’”2

uMongameli uBoyd K. Packer, uMongameli weKhoramu labaPostoli Beshumi Nambili.

Ngingasithola Kanjani Isambula Sami?

“Ngezimo zayo ezijwayelekile, isambulo noma ugqozu luza ngendlela yamagama noma imicabango ekhulumisana nenqondo (bona uEnosi 1:10; D&C 8:2–3), ukucacelwa obuvela bunganakiwe (bona D&C 6:14–15), ngemizwa esizayo noma engasizi ngenxa embangela yezenzo, noma futhi ngokwenza okunogqozu, njengokwenza ngekhono. Njengo Mongameli uBoyd K. Packer, … uMongameli weKhoramu labaPostoli Beshumi Nambili, wakhuluma ngokuqinile, ‘Ugqozi luvela kakhulu njengokuzwa ukwedlula umsindo.’”3

iGosa uDallin H. Oaks weKhoramu labaPostoli Beshumi Nambili.

“Ithempeli liyindlu yokufundela. Imiyalo eminingi etshelwa ethempelini iyimibhalo futhi efundwa ngoMoya. Lokhu kusho ukuthi sifundiswa ngokuvela phezulu. … Ukuzwisisa kwethu kwezimiso nezivumelwano ukuthi zisho ukuthini kuzakukhula njengoba sibuyela ethempelini njalo ngenqondo yokufunda futhi sicabanga ngokufundiswa kweqiniso elingunaphakade. … Asivumele ukujabulela amandla womoya futhi nesambulo esisamukelayo njengoba siya ethempelini njalo.”4

uSilvia H. Allred, ikhansela lokuqala kubuMongameli Jikelele kwiNhlangano Yomame Ekhululekileyo.

Amanothi

  1. “Isambulo Sakho: Izifundiso kanye Nezibonelo zabaProfethi,” iLiahona, Nov. 2007, 88.

  2. “Isambulo Sakho: Isipho, Isivivinyo, kanye Nesithembiso,” iEnsign, Nov. 1994, 59–60.

  3. “Izizathu Eziyisishagalombili ngeSambulo,” iLiahona, Sept. 2004, 8.

  4. “Amathempeli Angcwele, Izivumelwano Ezingcwele,” iLiahona, Nov. 2008, 113, 114.

Usizo Ngokufundisa Ngokuvakasha

Njengothisha wokuvakasha, ungamukela isimo soMoya njengezidingo zabodade bakho futhi uzifeze kanjani lezozidingo. Njengoba ufundisa lomlayezo, abelana, ngokufanelekile, noma ugqozu luphi noma usizo wena olamukelile mayelana nokufundisa ngokuvakasha.

Ukuzilungiselela Ngokwakho

1 uSamuweli 3:10

1 Amakhosi 19:11–12

uAlma 5:46; 26:22

3 Nifayi 19:19–23

D&C 8:2–3; 9:8–9; 88:63–64

Shicilela