Ngo-2010
Umsebenzi Omkhulu kaNkulunkulu
Apreli 2010


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, uApril 2010

Umsebenzi omkhulu ka uNkulunkulu

uApril 6, 1830

Eminyakeni eyikhulu nesishagalombili eyadlula, uJoseph Smith, Oliver Cowdery, futhi nabanye abambalwa bahlanganyela bonke ukuhlanganisa iBandla lika Jesu Krestu Labangcwele Bezinsuku Zokugcina. Kuzozonke izincwadi kwakungumhlangano olula kepha umhlangano owomoya. uJoseph wabhala phansi ukuthi emva kwesidlo esingcwele, “uMoya Ongcwele wathelwa phezu kwethu kakhulu—abanye baprofitha, ngenkathi sonke sidumisa iNkosi, futhi sajabula kakhulu.”1

Izehlakalo zalolosuku zadlula zinganakiwe yizwe; zazingalandelwanga ngezindaba eziphezulu noma ngabathuli zindaba. Nomakunjalo, amazulu ajabula futhi adumisa uNkulunkulu—ngalolosuku, iBandla likaJesu Krestu labuyela emhlabeni!

uSolomon Chamberlain

Kusukela ngalolosuku kuzekubemanje, abayizinkulungwane abangamadodana kanye namadodakazi agcwele ukholo akaBaba waseZulwini balandelile imiyalo woMoya Ongcwele futhi bangene emanzini angcwele wokubhabhasiswa. Omunye oyindoda leyo kwakungu Solomon Chamberlain.

uSolomon wayeyindoda enomoya ongcwele futhi wachitha amahora amaningi ngokuthandaza, efuna ukuthethelelwa izono futhi ecela kuBaba waseZulwini ukuba amholele eqinisweni. Ngesinye isikhathi duzane no1816, uSolomon wathenjiswa kumbono ukuthi uzakuphila ukubona usuku lapho iBandla lika Krestu lizakuhlanganiswa emva kwendlela yobupostoli izakwaziwa futhi emhlabeni.

Eminyakeni eyadlulayo uSolomon wayehamba ngomkhumbi ukuya eKhanada ngenkathi umkhumbi wakhe uma edolobheni elincane lasePalmyra, eNew York. Lapho wezwa amandla aqinileyo emululeka ukuba aphumele esihhlabathini. Wayengazi ukuba yingani wayelapho, waqala wakhuluma nabantu basedolobheni. Kwasekuyisikhathi eside ezwa inkulumo ye “Bhayibheli eliyigolide.” Washo lawo magama amabili thumela “amandla anjengogesi [lawo] ahamba kusukela phezu kwekhanda lami ukuya ekugcineni kwezinyawo zami.”

Ukubuza kwakhe kwamuholela ekhaya lakwaSmith, lapho akhuluma nalabo ababekhona ngezindaba ezinhle zevangeli elibuyisiwe. Emva kokuchitha amalanga amabili lapho futhi nokwamukela ubufakazi beqiniso, uSolomon waqhubeka uhambo lwakhe lokuya eKhanada, ethatha ezintsha ezingu 64 ezibhaliwe, amakhasi avuliwe weNcwadi kaMomoni. Yonke indawo ayihamba, wafundisa abantu, “ababili abaphakemeyo nabaphansi, abayizigwili futhi nabampofu, … ukulungiselela umsebenzi omkhulu kaNkulunkulu lowo manje wawuseduzane ukuvela.”2

Umsebenzi Omkhulu kaNkulunkulu

Kusukela ngalolosuku lukaApril 1830, abayizinkulungungwane bathole iqiniso lwebandla elibuyisiwe futhi bangene emanzini wokubhabhadisa. Ngibeka ubufakazi bami ukuthi lona “umsebenzi omkhulu kaNkulunkulu” usemhlabeni namuhla. Ngibeka ubufakazi ukuthi iNkosi iqaphe iBandla Lakhe futhi uyaliqondisa ngabaprofethi Bakhe, uMongameli uThomas S. Monson. Kuyisibusiso esingajwayelekile ukuphila kulezinsuku zokugcina. Lezi izikhathi ezinhle kakhulu, ezabonwa ngabaprofethi bakudala futhi ezihanjelwa ngabaqaphi, besixuku sabalungileyo. iNkosi iliqaphile iBandla Lakhe. Futhi yena uqaphile labo aba, njengo Solomon Chamberlain, landela imiyalo woMoya Ongcwele futhi abahlangana nabafowabo kanye nodadebabo kumhlaba wonke ukusiza ukuletha phambili lomsebenzi omkhulu kaNkulunkulu.

Amanothi

  1. uJoseph Smith, ku Mlando weBandla, 1:78.

  2. “Umdwebo omfishane wempilo kaSolomon Chamberlain,” ,” umbhalo, Amarekhodi Omlando weBandla (kwi Inthanethi e www.boap.org/LDS/Early-Saints/SChamberlain.html); bona futhi uWilliam G. Hartley, “Wonke Oyilungu wayeNgumfundisi,” iEnsign, Sept. 1978, 23. Amalanga ambalwa emva kokunhlanganiswa kweBandla, uSolomon Chamberlain wabhabhadiswa nguJoseph Smith emanzini aseSeneca Lake, New York.

Ukufundisa ngaloMlayezo

Isibonelo somuntu kungenye yamathulusi anamandla kakhulu wokufundisa esinawo” (Ukufundisa, Akulona Ibizo elikhulu [1999], 18). Njengoba wabelana indaba kaSolomon Chamberlain, mema umndeni ukuba ufune izikhathi lapho yena alandela imiyalo womoya. Xoxisana ukuba kuzakanjani isibonelo sakhe sisize abanye. Mema amalungu omndeni ukuba babelane ngesikhathi ngenkathi isibonelo esihle somunye umuntu siyesasiza bona.

Shicilela