Ngo-2010
Imizwilili enobuMpunga Emaphikweni Wazo
Juni 2010


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, June 2010

Imizwilili enobuMpunga Emaphikweni Wazo

Cishe eminyakeni engu 60 eyadlula, ngenkathi ngisebenza njengombhishobhi osemusha, uKathleen McKee, umfelokazi ewadini lami, washona. Kwezinye izinto zakhe kwakuyimizwilili emithathu ayeyikhonzile. Okwesibili, ngombala ophuzu ophelele du, ayezo nikezwa kubangane bakhe. Okwesithathu, uBillie, wayenombala ophuzu osulelwe ngobumpunga ezimpikweni zakhe. Udade uMcKee wabhala inothi kimi: “Ungakwazi kanye nomndeni wakho ukwenzela yena ikhaya. Akasimuhle kakhulu, kepha ingoma yakhe imnandi kakhulu.”

Udade uMcKee wayefana kakhulu njengomzwilili ophuzu wakhe onobumpunga ezimpwekweni zayo. Wayengabusisekanga ngobuhle, ophiwe ngokulinganayo, noma obongwe ngesizukulwane esizayo. Manje ingoma yakhe yasiza abanye ukuba bavumele kakhulu babekezelele imithwalo yabo futhi kakhulu bathwale kalula imisebenzi yabo.

Umhlaba ugcwele imizwilili ephuzu ezinobumpunga ezimpikweni zazo. Okudumazayo ukuthi bayigugu abambalwa abafundile ukucula. Abambalwa bangabantu abasebasha abangazazi ukuba bangobani, ukuthi bangaba yini noma kunjalo bafuna ukuba yini; konke abakufunayo ukuba ngumuntu othize. Abanye bakhothame ngeminyaka, bathwaliswe ngokunakekela, noma bagcwele ukungabaza—baphila izimpilo ngaphansi kwesigaba samakhono abo.

Ukuphila ngokuphakeme, kumele sithuthukise ikhono ukubhekana nezinkinga ngesibindi, ukudumala ngokwenama, futhi ukunqoba ngokuzithobileyo. Uyabuza, “Singaphumelela kanjani kulezinhloso?” Ngiyaphendula, “Ngokuzuza ukubona kweqiniso kokuthi singobani ngempela!” Singamadodana namadodakazi kaNkulunkulu ophilayo, loyo thina esidalwe ngomfanekiso wakhe. Cabanga ngalokho: badalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. Asikwazi ukubamba ngokuthembeka lesisiqiniseko ngaphandle kokuhlangabezana nokujula okusha okuzwakalayo kwamandla futhi negunya.

Emhlabeni wethu, isimilo esilungileyo salemihla sibonakala ngokwesibili ebuhleni noma ekubukekeni. Kepha esikhathini eside esadlulayo ukululekwa kweNkosi kuSamuweli umprofethi enanela: “iNkosi ibona hhayi lokho umuntu akubonayo; umuntu ubona ukubukeka okungaphandle, kepha iNkosi ibona enhlizweni” (1 uSamuweli 16:7).

Ngenkathi uMsindisi adinga umuntu onokholo, Akazange amkhethe esixukwinini salabo abalungileyo ngokwabo labo abatholakala ngasosonke isikhathi endlini yesonto lamaJuta. Kodwa, Yena wababiza phakathi kwabadobi base Capernaum. Ngokungabaza, ongafundile, ngokushesha uSimon waba nguPeter, uMpostoli wokholo. Umzwilili ophuzu ompunga ezimpikweni zayo wafaneleka ekuthembekeni obuphelele bukaThisha futhi nothando oluhleli.

Ngenkathi uMsindisi akhetha umfundisi oyisithunywa onentshisekelo kanye namandla, Wamthola yena hhayi phakathi kwabameli Bakhe kepha phakathi kwezitha Zakhe. uSawuli umshushisi waba nguPawuli ongumguquli.

Umhlengi wakhetha abantu abanesici ukufundisa indlela eya ebuhleni obuphelele. Wakwenza kanjalo ngalesosikhathi. Uyakwenza namanje—noma kunjalo imizwilili ephuzu enobumpunga emaphikweni azo. Uyakubiza wena futhi nami sisebenzele Yena lapha ngaphansi. Isithembiso sethu kumele siphelele. Futhi emizamweni yethu, uma sikhubeka, asicele: “Sihole, maye sihole, Mbumbi omkhulu womuntu, ngaphandle kobusuku ukuba uzame futhi.”1

Umthandazo wami ukuthi singalandela isibonelo seNdoda yaseGalilee, loyo ongatholakala ahlangene nabampofu, abaphukile, abacindezelwe, futhi nabahlukunyeziwe. Ingoma yeqiniso mayivele ezinhlizweni zethu njengoba senza njalo.

Amanothi

  1. “Iculo Lempi,” iYonkers Isikole Sebanga Eliphakeme.

Ukufundisa ngaloMlayezo

Uma ufundisa … , kuvamisile ukusiza ukuba nabafundi babuke noma balalele into esobala” (Ukufundisa, Ibizo Elingasilikhulu [1999], 55). Ukusiza amalungu omndeni ukuzwisisa umlayezo kaMongameli uMonson, cabanga ubuze bona ukuthi bazilungiselele ukwabelana ngalokho abakufundile emva kokufunda lomlayezo bebonke. Mema oyedwa umuntu ukuthi abelane ngalokho owesilisa noma owesifazane lokho akuzwayo ukuthi kuyiphuzu elibalulekileyo kulocezu. Qeda ngonkubeka ubufakazi ngomlayezo kaMongameli uMonson.

Ukufundisa izwi likaNkulunkulu, njengoba linikeziwe ngabaprofethi Bakhe, lingaba nemfundiso enamandla ezimpilweni zalobo esibafundisayo (bona Ukufindisa, Ibizo Elingasilikhulu, 50). uMongameli uMonson uthi kunamandla futhi negunya ekwazeni ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu. Emva kokufunda locezu, buza umndeni ukuthi wabelane ngalokho okusiza bona ukukhumbula ukuthi bangobani bona.

Shicilela