Ngo-2010
Ukuvuselela Izivumelwano Ngesidlo seNkosi
Juni 2010


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha. June 2010

Ukuvuselela Izivumelwano Ngesidlo seNkosi

Fundisa lemibhalo kanye nokucashuniwe noma, uma kunesidingo, umthetho omunye ozobusisa odade labo obavakashelayo. Beka ubufakazi bakho ngemfundiso yobuKrestu. Mema labo obavakashelayo ukuzo kwabelana ngalokho abakuzwile nabakufundile.

uJesu Krestu wahlanganisa Isidlo seNkosi

“uJesu wathatha isinkwa, wasibusisa futhi wasihlephula, futhi wasinikeza abaPostoli bakhe, esho, ‘Thatha, idla (uMatt. 26:26). ‘Lona umzimba wami lowo onikeziwe kinina: lokhu nikwenze ngesikhumbulo sami’ (uLuka 22:19). Ngendlela efanayo wathatha inkomishi enewayini, ngokwesizukulwane ehlanganiswe ngamanzi, washo isibusiso sokubonga kuwo, futhi wasidlulisela kulabo abahlangene naye, esho: ‘Lenkomishi iyitestamende elisha egazini lami,’ elichithiweyo … ukuthethelelwa kwezono.’ ‘Lokhu nikwenze ukukhumbula mina.’ …

“Kusukela kulesosifundo kulelogumbi eliphezulu kusihlwa eGethsemane futhi eGolgotha, izingane zesithembiso balokhu bengaphansi kwesivumelwano ukukhumbula umnikelo kaKrestu kulendlela entsha, ephuzulu, engcwele kakhulu futhi ngendlela eyakhe yedwa.1

iGosa uJeffrey R. Holland weKhoramu yabaPostoli Beshumi Nambili.

Sivuselela Izivumelwano Zethu Zokubhabhadiswa ngeSidlo seNkosi

“Uma sibhabhadiswa, sithatha kithina igama elingcwele likaJesu Krestu. Ukuthatha igama Lakhe kithina kungenye yezifundo ezibalulekileyo kakhulu esinazo empilweni. …

“Evikini linye emhlanganweni wesidlo seNkosi sithembisa ukukhumbula umnikelo wokuhlawulelwa koMsindisi wethu njengoba sivuselela izivumelwano zokubhabhadiswa kwethu. Sithembisa ukwenza lokho uMsindisi akwenza—ukulalela uBaba futhi sigcine imiyalo Yakhe. Isibusiso esisitholayo njengenzuzo ukuba noMoya Wakhe ube nathi njalo.”2

IGosa uRobert D. Hales weKhoramu yabaPostoli Beshumi Nambili.

“Nganginentombazana eneminyaka eyisishagalolunye ngalelosuku sokubhabhadiswa kwakhe. Ekupheleni kosuku washo ngokuzithemba okukhulu, ‘Ngibhabhadisiwe usuku lonke, futhi ankaze ngona nakanye!’ Kepha usuku lwakhe elilungile alizange lihlale isikhathi eside, futhi ngiqinisekile uyafunda njengamanje, njengoba sonke sifunda, ukuthi njengoba kunzima njengoba sizama, asivikeli njalo isimo esibi, konke ukukhetha okungalungile. …

“… Angeke kwenzeke ushintsho lwangempela ngokwethu kuphela. Amandla ethu okuzenzela futhi izinhloso ezilungile zethu aziphelele. Uma senza amaphutha noma sikhetha ngokungalungile, kumele sibe nosizo kuMsindisi ukubuyela endleleni. Sithabatha isidlo seNkosi amaviki namviki ngokulandela ukubonisa ukholo lwethu emandleni Akhe ukushintsha thina. Sivuma izono zethu futhi sithembise ukuziyeka.”3

uJulie B. Beck, uMongameli Jikelele Wabesifazane Abakhululekileyo.

Amanothi

  1. uJeffrey R. Holland, “Lokhu Nikwenze Ukukhumbula Mina,” Ensign, Nov. 1995, 67.

  2. uRobert D. Hales, “Isivumelwano Sokubhabhadiswa: Ukuba Sembusweni futhi Yombuso,” iLiahona, Jan. 2001, 8.

  3. uJulie B. Beck, “Khumbula, Phenduka, futhi Shintsha,” iLiahona, uMeyi 2007, 110–11.

Usizo Ngokufundisa Ngokuvakasha

Njengoba uzama ukwazana nodade kanye nomndeni wakhe, buka izindlela ezingahle zisize yena ekuvuseleleni izivumelwano zakhe ngesidlo seNkosi. Uma engabikhona emhlanganweni wesidlo seNkosi, ungakwazi ukumema yena noma unikele ngokusiza yena enze njalo (ukuthutha, ukusiza ngezingane, umngani ozohlalisana naye, njalo njalo)?

Ukuzilungiselela Ngokwakho

uLuka 22:7–20

1 abaseKhorinte 11:23–28

3 Nifayi 18:1–12

Shicilela