Ngo-2010
Umbono ovela Ngaphezulu koMhlaba
Agasti 2010


Intsha

Umbono ovela Ngaphezulu koMhlaba

Njengomuntu omusha benginamathuba amaningi okuba ngenze umbhabhadiso walabo asebashona eSan Diego eThempelini laseKhalifoniya. Noma-ke nganginolwazi oluhle, uhambo olulodwa eqinisweni yilona engilukhumbulayo engqondweni yami.

Ngangineminyaka engu 16, futhi udade wethu wayeqeda iminyaka engu 12 futhi wayenza uhambo lwakhe lokuqala lokwenza umbhabhadiso wabafileyo. Njengoba bekuwusuku lwakhe lokuqala, sacabanga ukuba sihambe ngaphandle kwebhilidi lethempeli emva kokuba siqedile.

Umhlabathi wethempeli unezindawana ezimbalwa zokubukelwa ngasohlangothini olulodwa, ngakho-ke saya ngalapho. Ngokuba ithempeli laseSan Diego liseduzane nomgqwaqo omkhulu oluphithizelayo, uma umile ngasohlangothini lokubuka, ubona ngokweqiniso phansi emgwaqweni.

Uma umile emhlabathini wethempeli ophezudlwana ngalolosuku ngabona umbono omusha ngempilo. Ngangibheke phansi emhlabeni kanye nomsindo wezinqola, izindawo ezingcwele zokuthenga, kanye nezimpawu zomgwaqo ezibhalwe igrafithi.

Yingaleso sikhathi lapho umcabango wafika engqondweni yami: “Awufuni ukuba ube yingxenye yalokho; akuyona impilo leyo.” Ngangifundiswa njalo ukuthi injongo ngempilo ukubuyela uyohlala noBaba wethu waseZulwini futhi sifane Naye. Ngangazi ukuthi angidingi izinto zomhlaba ukuze ngifeze leyo njongo.

Ngaphenduka ngabheka ubuhle bethempeli, futhi ngajabula ngolwazi lwevangeli kanye nombono onginikeza wona. Bengazi ukuthi ebumnyameni izwe elidunguzelayo futhi elingathembakali, ngithole umhlaba ophakeme kakhulu wokuma kuwo.

Ngalolosuku ethempelini ngathembisa uBaba wami waseZulwini ukuthi ngizokuma njalo Ngakuyena hhayi ngakomhlaba. Noma ngabe umhlaba uphonsela kithi, singanqoba ngokuba sigcine imiyalelo esayenza futhi sime ezindaweni ezingcwele (bona D&C 87:8).

Shicilela