Ngo-2010
Umsebenzi wethu Ukwabelana eThempelini kanye nomsebenzi ngoMlando woMndeni
Disemba 2010


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uDIsemba 2010

Umsebenzi wethu Ukwabelana eThempelini kanye nomsebenzi ngoMlando woMndeni

Funda lomlayezo futhi ngokufanelekile, xoxa ngayo nalabo dade obavakashele. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yomame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho.

Isithombe
Relief Society seal

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

Ngaphezu kweminyaka eyikhulu abantu abaningi bafa ngaphandle kolwazi levangeli. Abanye balaba bantu yizihlobo eziseduzane nawe futhi nezikude. Bakulindile wena ukuthi wenze ucwaningo uhlanganise imindeni yakho ndawonye bese wenza izimiselo ezingcwele wenzele bona.

Amathempeli amaningi emhlabeni awekho matasatasa ngokwanele. INkosi isithembisile ukuthi izinhliziyo zenu ziyophendukela koyise ukuze umhlaba ungabi nokumosheka ngempela ngenkathi eza Yena (bona D&C 2:2–3).

Kukhona izibusiso zomuntu eyedwa ozithola ngenxa yokuba uthathe inxenye ethempelini nasemsebenzini womlando womndeni. Ezinye yazo ukuthola injabulo njengoba usebenzela abakini abangasekho. Ezinye futhi wukuthi uyakwazi ukuba nelungelo lokuthola incwajana yokuba yilunga lethempeli, okukhomba ukuthi ufanelekile ukuba phambi kweNkosi Labo abangalungile namuhla ngokuzuza ithuba lokuthola imvume kumele basebenze nobhishobhu noma umongameli wegatsha ukuze bathole imvume yokuzuza ngokushesha okukhulu. Ngiyakuncenga musa ukuhlala ungenayo lemvume ebalulekile kangaka. Ngibeka ubufakazi bami ukuthi Ukuhlawulelwa kuyiqiniso nokuthi izono zingaxolelwa uma uguquka ngokufanele.

Njengoba sithatha ingxenye ethempelini kanye nasemsebenzi womlando womndeni, sinethemba lokuba noMoya Ongcwele uzosiduduza thina kwinselele yethu futhi usikhombise indlela uma sithatha izinqumo ezibalulekile. Umsebenzi weThempeli kanye nomlando ngomndeni kuyingxenye yomsebenzi wokunika ukukhululeka, noma indlela yokusiza, abangasekho bethu.

Kuvela Emlandweni Wethu

“Umprofethi uJoseph Smith wathi, ‘Umsebenzi omkhulukazi kulomhlaba lowo uNkulunkulu asinikeze wona ngukufuna labo bethu abangasekho (Umlando Webandla, 6:313). Kusukela ekuqaleni, Inhlangano Yomame Ekhululekileyo iyeyaxhasa lomsebenzi omkhulu kangaka. eNauvoo ngo1842, isifiso sikaSarah M. Kimball sokusiza izisebenzi ezakha ithempeli sasungula ukuba ahlanganise idlanzana lodade ukuba basebenze ngandlela thize ezakuba ngusizo olukhulu. Ngenkathi beqala ukuhlangana, uMprofethi … wahlanganisa Inhlangano Yomame Ekhululekileyo yokuqala emva kwephethini yobupristi. Kusukela ngalesosikhathi, Inhlangano Yomame Ekhululekileyo yasiza ukuqhubekisa umsebenzi Ethempelini laseNauvoo. …

“Ngo 1855, emva kweminyaka eyisishagalombili abaNgcwele bafika okokuqala eUtah, Indlu yokuthola Izibusiso Zasethempelini yasungulwa. uEliza R. Snow, owayekade engomunye welunga lokuqala Lenhlangano Yomame Ekhululekileyo futhi wayegcine amarekhodi enhlangano leyo, wabizwa ngumongameli uBrigham Young ngo1866 ukuba abe ngumongameli jikele Wenhlangano Yomame Ekhululekileyo. Yena nabenye odade babengabasenzi abanokholo Endlini yokuthola Izibusiso Zasethempelini. Kwase, njengamaThempeli iSt. George, Logan, kanye neManti esephelile, labo dade bahamba baya ethempeli ngalinye ngalinye ukuze benze imisebenzi yabangasekho lapho.”1

Amanothi

  1. uMary Ellen Smoot, “Umlando Womndeni: Umsebenzi Wothando,” Ensign, Mar. 1999, 15.

Ngingenzenjani?

  1. Ngingabasiza kanjani odade bami ukuba bacwaninge ngabantu abangasekho ukuze benze umsebenzi wabo ethempelini? Cabanga izehlakalo zabodade ngamunye ngamunye ngenkathi ucabanga ngokuhlangabezana nezedingo zabo. Ungahle ucabange ukuthi umlando womndeni ungahle uqinise amalungu kabusha, abuyile, kanye nalawo angasezi kahle eBandleni.

  2. Kunini lapho ithempeli kanye nomsebenzi womlando womndeni ungiduduza mina ngenkathi sezivivinyo noma kwangiholela kwizinqumo ezibalulekile?

Uma udinga ulwazi olunye, iya ku www.reliefsociety.lds.org.

Shicilela