Ngo-2011
Ibhayisikili Lekusasa
Januwari 2011


Intsha

Ibhayisikili Lekusasa

Abaningi besilisa abasebasha bazilungiselela ngokwemali ukuyosebenza kumishini. E-Afrika ingxenye yokuzilungiselela ukuhola imali eyanele ye pasipoti. uShedrick Tshiambine wahola lokho ebekade ekudinga ngendlela ehlakaniphileyo: ngokuthengisa obhanana emva kwebhayisikili.

uSedrick uhlala eLuputa, eDemocrathic Riphabliki yase Congo. Ungomunye wabangu 45 wabesilisa abasebasha kwisifunda saseLuputa osebenzela ukuwonga imali yepasipoti ukuya kumishini. E DR Congo ipasipoti libiza $250, okungaba kubili-kwezintathu imali ebiza ukwakha indlu.

Kepha uSedrick wayengakhathazekile. Wahola imali yemishini ngokushova 15–30 wamakhilomitha (9–19 yamamayili) kusuka eLuputa ukuya emadolobhaneni, lapho athenga khona obhanana, bese eshova emuva ukudabula isavanna yeAfrika eshisayo, ibhayisikili lakhe eligcwele kakhulu ngezithelo ezizothengiswa edolobheni. Evikini ngalinye wahamba cishe amakhilomitha angu 180 (112 yamamayili) eduzane nemigwaqo yenhlabathi, futhi kwaba kanye kuphela umthwalo ongahlalanga ngokuqondile wela phansi.

Ngokusebenza kwakhe kanzima wahola cishe $1.25 ngeviki, noma $65.00 ngonyaka. Kwamthatha iminyaka emine ukuwonga okwanele ukuthenga ipasipoti lakhe, kepha manje uyazi ikusasa lakhe liqukethe imishini yezinsuku zonke ngokuba uselungele ngokwemali ukuphendula ibizo lokusebenza.

Shicilela