Ngo-2011
iNkosi Idinga abaFundisi bezeNkolo
Januwari 2011


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli

Inkosi Idinga abaFundisi bezeNkolo

uOkthoba wokugcina kwinkomfa jikelele Ngabiza abafundisi benkolo abaningi. Wonke umfana olungileyo osemncane kumele azilungiselele ukuya kumishini. Umsebenzi onjengalona ngumsebenzi wobupristi—ungumsebenzi lowo iNkosi ewulindele kithina esinikeze okuningi kakhulu. Bafana abasebancane, Ngiyaninxusa ukuba nenze umsebenzi njengabafundisi bezenkolo. Zigcineni nihlanzekile futhi nimsulwa futhi nilungile ukuze nimelane neNkosi. Thola impilo yakho kanye namandla. Funda imibhalo eNgcwele. Lapho kubonakala khona, yiba yingxenye kuseminari nakwinhlangano. Zijwayeze wena nebhuku labafundisi bezenkolo Shumayela Ivangeli Lami.

Bodade, ngenkathi ungenalo igunya elifanayo lobupristi njengabafana abasebancane lokusebenza njengabafundisi bezenkolo ngokuphelele, uyakwazi ukwenza umnikelo owusizo njengabefundisi bezenkolo, futhi siyakwamukela ukusebenza kwakho.

Kubafowethu nabodade beNkonzo asebekhulile, Ngiyanikhumbuza ukuthi iNkosi idinga abaningi, ningi kakhulu benu ukuba bayosebenza njengabafundisi bezenkolo ngokuphelele. Uma ungakafiki esikhathini sempilo yezikhathi zonyaka ukuyosebenzela ubufundisi njengabashadikazi, Ngiyaninxusa ukuba nizilungiselele manje lolusuku usuku lapho, lapho isimo sakho sivuma, wena noshade naye mhlawumbe nikwenze lokho. Zimbalwa izikhathi ezimpilweni zethu lapho uzojabulela umoya omnandi futhi ogculisayo obuya ekunikezeni umsebenzi ngokuphelele ndawonye emsebenzini kaThisha

Manje-ke, abanye benu bangaba namahloni ngokwendalo noma ucabange wena ungaphelele ukuba aphendule ngokugcwalisekile kubizo lokusebenza. Khumbula ukuthi lona ngumsebenzi weNkosi, futhi uma sesithunywe iNkosi, sivumelekile ukuba sisizwe yiNkosi. iNkosi izolungisa ngemuva ukuze sithwale umthwalo obekwe phezu kwethu.

Abanye, noma-ke belungile ukuba basebenze, bangazizwa ukuthi banezinto eziningi ezibalulekile kakhulu ezingaphambili. Ngakho-ke Ngisakhumbula isithembiso seNkosi: “Kulabo abahlonipha mina Ngizobahlonipha” (1 uSamuweli 2:30). Akekho namunye wethu ozohlonipha uBaba Wethu waseZulwini futhi onguMsindisi wethu ukwedlula ukusebenza njengomfundisi wezenkolo ozinikeleyo, onothando.

Isibonelo somsebenzi onjengalona ulwazi lomfundisi wezenkolo uJuliusz kanye noDorothy Fussek, abathola ubizo lokugcwalisa umsebenzi ePoland. uMfo uFussek wazalelwa ePoland. Wayekhuluma ulimi. Ethanda abantu. Udade uFussek wazalelwa eNgilandi futhi azi okuncane ngePoland futhi engazi lutho ngabantu bakhona. Ekuthembeleni eNkosini, bawuthatha lomsebenzi. Umsebenzi wawunesizungu, umsebenzi wabo wawumkhulu. iMishini ngalesosikhathi yayingakakhiwa ePoland. Umsebenzi owawunikezwe abakwaFussek kwakungukulungisa indlela ukuze imishini yakhiwe.

Ingabe iGosa nodade uFussek bazisola ngenxa yomsebenzi wabo omkhulu? Hhayi okwamanje. Babazi ukuthi ubizo lwabo lwaluvela kuNkulunkulu. Bathandaza ukuze bathole usizo olugcwele Lwakhe, futhi bazinikela bona ngokwabo ngezinhliziyo zonke zabo emsebenzini wabo.

Ngesikhathi iGosa uRussell M. Nelson weKhoramu yabaPosoli beshumi nambili; iGosa uHans B. Ringger, ngalesosikhathi ongawaMashumi ayisikhombisa; kanye nami, siphelekezelwa yiGosa uElder Fussek, owahlangabezana nomfundisi okholiwe, uAdam Wopatka, wohulumeni wasePolish. Samuzwa ethi, “iBandla lakho livumelekile lana. Ungakha amabhilidi akho, ungathumela abafundisi bakho. Lendoda,” ekhomba kuJuliusz Fussek, “isebenze ebandleni lakho kahle. Ungathokoza ngombono wakhe futhi nangomsebenzi wakhe.”

Njengabakwa Fusseks, asenzeni okumele sikwenze emsebenzini weNkosi. Ngakho-ke sizokwazi, ngoJuliusz futhi noDorothy Fussek, enanela amaHubo:

“Usizo lwami luvela eNkosini, edale izulu nomhlaba.

“… Lowo ogcine yena angeke angenzi lutho.

“Bheka, lowo ogcina uIsrayeli akasoze ozela noma alale” (amaHubo 121:2–4).

Ukufundisa Ngalo Mlayezo

Ukufundisa, Akulona Ubizo Olukhulu kusho: “Yabelana nolwazi lwakho mayelana nokuphila umthetho wevangeli uyewabusisa impilo yakho. Mema labo obafundisayo ukuba babelane kancane ngalokho abakwaziyo bona” ([1999], 159). Funda lomlayezo futhi ubuze amalungu omndeni ukuba ubani uMongameli uMonson athi kumele ayosebenza kumishini. Yabelana ngolwazi lwakho ukuthi wena noma abanye niyenaluthola ngenkathi nisebenza njengabafundisi benkolo nsukuzonke. Noma abelana ngamalungiselelo akho ukuyosebenza njengomfundisi wenkolo esikhathini esizayo. Cela amalungu omndeni ukuba abelane ngamalungiselelo kanye nolwazi oluhle lwabo.

Shicilela