Ngo-2011
Ingxenye eKhanyayo Yenxeba Lenja
Mashi 2011


Intsha

Ingxenye eKhanyayo Yenxeba Lenja

Ehlotsheni ngo2009, Ngalunywa ebusweni bami yinja yomngane wami. Ngeshwa, ukulunywa kwahlephula udebe lwami futhi ngathola ukuthungwa.

Emva kokulimala, Ngaphelelwa amandla. Ngavumela ishwa ukuba lithathe imicabango yami, futhi ngazizwa sengathi impilo yami yonke imoshakele. Ngangizizwa ngiphatheke kabi mayelana nodebe lwami futhi ngingafuni ukuphumela phandle nhlobo. Engqondweni yami amalungiselelo ami ngepiyano, ivolleyball, isonto, ukubhukuda, kanye nesikole kwabhidlizwa ukulimala kwami.

Kepha njalo uma ngithandaza, ngithola izibusiso zobupristi, ngikhulume nabazali bami, noma ngibe nokuvakashela umndeni kanye nabangani, umoya wami wawuphakama futhi ngizwa ukujabula ngesikhathi sokudumala. Ngashesha ngabona ukuthi uma abantu bangacabanga ngokulimala kwami, babezwa uzwelo.

Lesisifundo sangisiza ukwakha ubumina, futhi angaze ngafunda ukuba ngiphatheke kabi ngabanye abantu ukuthi bacabangani ngami. Ngabusiseka ngoba ukulimala kwami kwangisiza ukuba ngibone ukuthi ngingayeka ukucabanga ngami ngiqale ukunakekela kakhulu abanye. uMoya wami waphakama kakhulu ngalesisikhathi.

Ngafunda ukuthi ishwa yingxenye yeplani likaBaba oseZulwini lethu. Uma sibheka okuhle hhayi okubi, singakwazi ukunqoba ishwa, ube ngumuntu ongcono, wenze kube yinto eqinisa ubufakazi bethu.

Shicilela