Ngo-2011
Ukuthola Okuhle
Mashi 2011


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, uMashi 2011

Ukuthola Okuhle

Ngenkathi sifuna indlu entsha, abashadikazi abasebancane abaNgcwele bezinsuku zokugcina bakhuluma komakhelwane abafanele mayelana nendawo kanye nezikole endaweni.

Omunye umame abakhulume naye wathi mayelana nesikole lapho abantwana bakhe bebeya khona: “Lena yindawo enhle kakhulu! Umphathisikole uyindoda enhle futhi elungile; othisha baqeqeshwe ngokwanele, balungile, futhi banobuntu. Ngijabule kakhulu ukuthi abantwana bethu bangaya kulesisikole esihle kangaka. Uzothanda lapha!”

Umama omunye wathi ngesikole sabantwana bakhe: “Kuyindawo embi kakhulu. Umphathisikole ungumuntu ozazisayo; othisha abaqeqeshwanga ngokwanele, baluhlaza, futhi abanabuntu. Uma ngingakwazi ukuphuma kulendawo, Ngingakwenza lokho ngokushesha!”

Into ejabulisayo wukuthi bobabili omame babekhuluma ngomphathisikole oyedwa, othisha abafanayo, kanye nesikole esifanayo.

Uke waqaphela ukuthi abantu imvamisa yabo bangathola nanoma yini abayifunayo? Bhekisisa ngempela, futhi ungathola kokubili okuhle nokubi cishe kunoma ngubani futhi nanoma yini. Abantu benze njalo ngokufanayo ngeBandla likaJesu Krestu Lezinsuku zokugcina zabaNgcwele kusukela ekuqaleni kwalo. Labo abafuna okuhle bazothola abantu abalungile futhi abanothando—abantu abathanda iNkosi futhi abafisa ukumsebenzela Yena futhi babusise izimpilo zabafowabo. Kepha kuyiqiniso futhi ukuthi labo abafuna okubi ngempela bazothola izinto ezingezinhle kangako.

Ngeshwa, kwesinye isikhathi lokhu kuyenzeka ingakumbi phakathi eBandleni. Asikho isiphelo ekwakhiweni, futhi nekhono lalabo ababheke izizathu zokugxeka. Abangeke bakwazi ukudalula ukubambelela kwabo kumagqubu. Bayahleba futhi bathole amaphutha kwabanye. Bahlenga izilonda iminyaka neminyaka, bathathe ithuba njalo lokubhidliza futhi bacekele phansi abanye. Lokhu akuyijabulisi neze iNkosi, “ngokuba lapho kukhona ukuhalelela kanye nokungezwani, kunokudideka kanye nomsebenzi wonke wobubi,” (uJames 3:16).

uMongameli uGeorge Q. Cannon (1827–1901) babemazi uMongameli uBrigham Young (1801–77) kahle, besebenza ndawonye naye iminyaka eminingi, kokubili njengelunga leKhoramu labaPostoli abayishumi nambili futhi njengekhansela lakhe kubuMongameli bokuQala. Emva kokushona kukaMongameli uYoung, uMongameli uCannon wabhala lokhu kujenali lakhe: “Angizange ngigxeke noma ngithole iphutha ngokuziphatha kuka Brigham Young, ikhansela lakhe noma izimfundiso zakhe nanoma yisiphi isikhathi enhliziyweni yami, okuncane kakhulu emagameni ami noma izenzo. Lokhu kuyinjabulo kimi manje. Umcabango owawukade uhleli nami kwakungukuthi: Uma ngigxeka noma ngithole iphutha ngalokhu, noma ngahlulele uMfowethu uBrigham, ngizofika kuphi na; uma ngiqala, ngizophelela kuphi? Angingeze ngazethemba mina kulento enjena. Ngangazi ukuthi ukulahla ukholo umphumela wokuzinikela emoyeni wokugxeka kanye nokuthola amaphutha. Abanye, abamandla amakhulu, ulwazi nokufunda kunami, bangenza izinto eziningi futhi baphunyuke emiphumeleni yobubi leyo engingeke ngayenza.”1

Isexwayiso esinamandla sikaMongameli uCannon kuyinto thina abangamalungu eBandla okumele sikucabangisise ngokucophelela okukhulu. Izwi likaNkulunkulu linxusa abalandeli bakaKrestu ukuba babe “msulwa, … nokuthula, okuthambileyo, babelula ukuba basetshenziswe, bagcwale uzwelo kanye nezithelo ezinhle, ngaphandle kokhetha okunye phezu’kokunye, futhi ngaphandle kokuba yiphixiphixi.”Kulabo abenza uxolo, “isithelo sokwenza okulungileyo sitshalwe ngoxolo” (uJames 3:17, 18).

Sinokuzikhethela. Singafuna okubi kwabanye. Noma senze uxolo futhi sisebenze ukukhulisa kwabanye ukuqonda, ukungakhethi, futhi nokuxolelwa esikufisa ngempela kithina. Singazikhethela; ngokuba nanoma yini esiyifunayo, ukuthi sizoyithola ekugcineni.

Amanothi

  1. uGeorge Q. Cannon, iJenali, Jan. 17, 1878; ukuphela okusesikhathini samanje.

Ukufundisa ngalo Mlayezo

“Ungazizwa sengathi awuqondi eminye imithetho leyo oyilungiselele ukuyifundisa,” amanothi Ukufundisa, Ubizo Olukhulu ([1999], 19). “Noma kunjalo, ngokuthandaza ufunda kona, phokophela ukuphila yona, lungiselela ukuyifundisa, bese-ke wabelana nayo nabanye, ubufakazi bakho buzokhula futhi bugxile.”

Njengoba ubheka okuhle empilweni nakwabanye kulenyanga, uzobe uzilungiselele kakhulu ukufundisa lomlayezo kanye nobufakaza ngokweqiniso.

Shicilela