Ngo-2011
Ngaphansi kobuPristi futhi nangemva kwePhethini yobuPristi
Mashi 2011


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, Mashi 2011

Ngaphansi kobuPristi futhi nangemva kwePhethini yobuPristi

Funda lomlayezo futhi ngokufanelekile, xoxa ngayo nalabo dade obavakashele. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yomame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho.

Isithombe
Relief Society seal

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

Bodade bami abathandekayo, sibusiseke kangakanani na! Hhayi kuphela ukuthi singamalungu eBandla, kepha singamalungu futhi eNhlangano Yabesimame Yenkululeko—“inhlangano yeNkosi yabesimame.”1 Inhlangano Yabesimame Ekhululekile ingubufakazi bothando bukaNkulunkulu kumadodakazi Akhe.

Ingabe inhliziyo yakho ayijabuli uma ukhumbula iziqalo ezijabulisayo zalenhlangano? NgoMashi 17, 1842, uMprofethi uJoseph Smith wabumba abodade “ngaphansi kobupristi emva kwephethini yobupristi.”2

Ukubunjwa “emva kwephethini yobupristi” kwanika odade igunya kanye nendlela. uEliza R. Snow, umongameli-jikelele weNhlangano Yabesimame Ekhululekile, wafundisa ukuthi Inhlangano Yabesimame Ekhululekile“angeke ibe khona ngaphandle kobuPristi, ngesizathu sokuthi konke okunegunya kuvela futhi kukhuthazwa yilapho ivela khona.”3 iGosa Dallin H. Oaks weKhoramu yabaPostoli beshumi nambili wachaza kanje, “Igunya kumele lisetshenziswe yilabo abanegunya kanye nabothisha beNhlangano Yabesimame Ekhululekile … yayiyigunya lelo elizohamba liye kubona ngenxa yokuhlangana kwenhlangano kanye nebandla lika Jesu Krestu Lezinsuku Zokugcina kanye nokugcotshwa kwabantu ngamunye ngaphansi kwezandla zabaholi bobupristi ababiziweyo.”4

Ukubunjwa “emva kwephethini yobupristi” kunika odade igunya elingcwele. uJulie B. Beck, weNhlangano Yabesimame Ekhululekile ongumongameli jikelele, wachaza: “Sisebenza ngendlela yobupristi—okuchaza ukuthi siyafuna, sithole, bese senza ngokwambuleka; senze izinqumo kumakhansela; bese siyazindla ngokwethu ngokunakekela labo bantu ngamunye ngamunye. Okwethu kuyinjongo yobupristi ukulungiselela thina izibusiso zokuphila okungunaphakade ngokwenza futhi sigcina imiyalelo. Ngakho-ke, njengabafowethu abaphethe ubupristi, okwethu ngumsebenzi wesambulo, umsebenzi, kanye nokuba ngabantu abangcwele.”5

UBarbara Thompson, oyikhansela lesibili kubuMongameli beNhlangano Yabesimame Ekhululekile jikelele.

Kuvela embhalweni Ongcwele

1 AbaseKhorinte 11:11; Imfundiso neZivumelwano 25:3; 121:36–46

Kuvela Emlandweni Wethu

Ngenkathi kwakhiwa iThempeli laseNauvoo, iqembu lodade babanesifiso sokuhlangana ukusiza umzamo wokwakha. uEliza R. Snow wabhala umthetho waleliqembu elisha. Ngenkathi ebabonisa bona kuMprofethi uJoseph, waphendula wathi: “Tshela odade ukuba iminikelo yabo yamukelwe yiNkosi, futhi unento engcono azobenzela yona. … Ngizohlanganisa abesimame ngaphansi kobupristi emva kwephethini yobupristi.”6 Emva kwesikhashana, uMprofethi watshela Inhlangano Yabesimame Ekhululekile entsha eqeda kubunjwa: “Mina manje sengijikisa isikhiye kuwe egameni likaNkulunkulu, kanye nelenhlangano nizakujabula, futhi nolwazi nokuhlakanipha kuzogeleza phansi kusukela manje.”7 Abodade babebheke ukwenyuka kuye kwelinye izinga lobuNgcwele futhi nokulungiselela imiyalelo yobupristi masishane ukuba iphathwe ethempelini.

Amanothi

  1. uSpencer W. Kimball, “Inhlangano Yabesimame Yenkululeko—Isithembiso sayo kanye Nekhono,” kwiEnsign, Mar. 1976, 4.

  2. uJoseph Smith, wacaphuna kuSarah Granger Kimball, “Umlando Wempilo Yomuntu,” Isibonelo Somfazi , Sept. 1, 1883, 51.

  3. uEliza R. Snow, “Owesifazane Wenhlangano Yabesimame Ekhululekileyo,” kwiDeseret News, Apr. 22, 1868, 81.

  4. uDallin H. Oaks, “Inhlangano Yabesimame Ekhululekile kanye neBandla,” kwiEnsign, uMeyi 1992, 36.

  5. uJulie B. Beck, “Inhlangano Yabesimame Ekhululekile: Umsebenzi oNgcwele,” kwiLiahona, Nov. 2009, 111.

  6. Joseph Smith, wacaphuna eKimball, “Umlando Wempilo Yomuntu,” 51.

  7. Izimfundiso zaboMongameli beBandla: uJoseph Smith (2007), 64.

Ngingenzenjani?

  1. Ngingenzenjani ukusiza odade eNgibavakashelayo ukuba bajabulele izibusiso zeNhlangano Yabesimame Ekhululekile zomsebenzi wabo ongcwele?

  2. Ngingenzenjani kulenyanga ukukhulisa ulwazi lwami ukuze ngithole isambulo sami ngedwa na?

Shicilela