Ngo-2012
Ngizakumbona Yena Futhi
Apreli 2012


Intsha

Ngizakumbona Yena Futhi

Ubaba wenza omunye nomunye wethu azizwe ekhethekile. Wayesithanda futhi ekwazi ukusixolela kalula. Wenza konke okusemandleni akhe ukuqiniseka ukuthi omunye nomunye wethu wayejabulile, futhi wenza kwabasobala ukuthi wayefuna okuhle kakhulu ngathi. Ngangimthanda kakhulu.

Ngenkathi ngikwibanga lesithupha, ubaba wami washona engozini yenqola. Umndeni wami futhi nami sasidumele. Kwaba nesigodi esikhulu emndenini wami. Ubaba wayenguyena engangiqamele kuyena, loyo engangiya kuyena uma ngihlangabezana nezinkinga. Esikhundleni sokuba ngifune usizo, Ngavumela intukuthelo futhi nokukhubazeka kwahlala. Ekugcineni nganquma ukuthi kwakuyiphutha likaNkulunkulu. Ngayeka ukufunda izincwadi zemibhalo ezingcwele kanye nokukhuleka. Ngaya esontweni kuphela ngoba uMama wayefuna. Ngazama ukuba kude kunoBaba wami waseZulwini.

Bese-ke ngaya kwinkampu Yabesifazane Abasebasha okokuqala. Ngangithanda ukuhlangana nabangane abasha, kepha ngaqhubeka ngangafundi izincwadi zemibhalo engcwele. Ebusuku bokugcina, saba nenhlangano yokubeka ubufakazi. Ngezwa into esekuyisikhathi eside ngingayizwa: uMoya. Ngathanda amantombazane asukuma abeka ubufakazi babo, kepha angizange ngasukuma ngokuba ngacabanga ukuthi nganginganabo. Masishane ngazizwa sengathi kwakumele ngiphakame. Ngavula umlomo wami, ngicabanga ukuthi ngingathini. Ngase ngithi ngiyabonga ngenkampu Yabesifazane Abasebasha. Bese ngazithola ngisho ukuthi Ngangikwazi ukuthi uJesu Krestu wangifela futhi ukuthi uBaba wami waseZulwini wayengithanda nokuthi iBandla lalingeleqiniso.

Ngangigcwele uxolo olumangazayo. Ngiyabonga ngalesifundo Ngingasho ukuthi Ngiyazi ngizakubona ubaba wami futhi ngenxa Yokwehlawulelwa kanye Nokuvuka Kwabafileyo koMsindisi.

Shicilela