Ngo-2012
Thanda, Qapha, futhi Qinisa
Apreli 2012


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, April 2012

Thanda, Qapha, futhi Qinisa

Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxa ngayo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yomame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho.

Ukholo, Umndeni, Inkululeko

NjengoMsindidi, abothisha ngokuvakasha bafundisa omunye nomunye (bona 3 uNifayi 11:15 Siyazi siphumelele ekufundiseni njengabothisha bokuvakasha uma odade bethu bethi: (1) uthisha wami ngokuvakasha ungisiza ngikhule ngokomoya; (2) Ngiyazi uthisha wami ngokuvakasha ungikhathalele kakhulu mina kanye nomndeni wami (3) uma nginenkinga ngiyazi ukuthi uthisha wami uzakwenza okuthize ngaphandle kokulinda ukuba acelwe.1

Singaba nothando kanjani njengabothisha bokuvakasha, siqaphe, futhi siqinise udade? Okulandelayo imibono emine etholakala kwisahluko 7 sa Madodakazi Embusweni Wami: Umlando futhi Umsebenzi Wenhlangano Yabesimame Yenkululeko ukusiza othisha ngokuvakasha bafundise odade babo:

  • Khulekela yena nsuku zonke futhi nomndeni wakhe.

  • Funa ugqozi lokwazi yena kanye nomndeni wakhe.

  • Vakashela yena njalo ukuba uthole ukuba uphila njani umduduze futhi umqinise.

  • Hlala njalo uxhumene ngokuvakasha, ngocingo, izincwadi, e-mail, imilayezo ebhaliwe, futhi nezenzo ezilula ezinomusa.

  • Mbingelele emihlanganweni yeBandla.

  • Msize uma enesenzakaliso esisheshayo, egula, noma isidingo esisheshayo.

  • Mfundise ivangeli ngezincwadi zemibhalo engcwele futhi Nomlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha.

  • Mgqugquzele ngokukhombisa ngesibonelo esilungile.

  • Bika kumholi weNhlangano Yabesimame Yenkululeko ngomsebenzi yabo nangesimo somoya wodade kanye nempilo yabo.

Kuvela embhalweni Ongcwele

uLuka 10:38–39; 3 Nifayi 11:23–26; 27:21

Kuvela Emlandweni Wethu

“Ukufundisa ngokuvakasha kuyekwaba inqola kubodade Abangcwele Bezinsuku Zokugcina kumhlaba wonke wonke ukuba bathande, banakekele, futhi basebenzele abanye —ukuba ‘benze ngalelozwelo lolo olutshalwe nguNkulunkulu phakathi [ezi] fubeni zethu,’ njengoba uJoseph Smith wafundisa.”2

Udade osanda kushonelwa ngumyeni wakhe wakhulumo ngothisha bokuvakasha bakhe: “Balalela. Bangiduduza. Bakhala nami. Futhi bangigona. … [Bangisiza] ngaphandle kokudangala okunzulu kanye nokudumala kwezinyanga lezo ezimbalwa zokuqala zokuba nesizungu.”3

Ukusiza ngemisebenzi ephelayo enye yendlela yokufundisa. Kwinkomfa kawowonke ngomhlaka Okthoba 1856, uMongameli uBrigham Young wamemezela ukuthi amaphayoniya wezinqola zezandla babhajwa kwiqhwa elalinzulu 270–370 yamamayela (435–595 km) ngokuqhela. Wabiza Abangcwele bezinsuku –Zokugcina eSalt Lake City ukuba basindise futhi ukuba “babheke ngokuqinileyo kulezo zinto esizibiza ngokuthi ezidlulayo.”4

uLucy Meserve Smith wabhala phansi ukuthi abesifazane bakhumula izingubo zokumbhatha zabo ezangezansi ezifudumele kanye namasokisi khona lapho ethabenekeli futhi baziqoqa bezifaka ezinqoleni ukuze bazihambisele amaphayoniya agodolayo. Bese-ke beqoqa izingubo zokulala futhi nezingubo zalabo abazakuza ekugcineni nezinto ezimbalwa. Ngenkathi inkampani yenqola yezandla ifika, ibhilidi “edolobheni laligcwele izimpahla zabo.”5

Amanothi

  1. Bona uJulie B. Beck, “Yini Engikuthembile ukuthi Abazukulwane Bami Abangamantombazane (kanye Nabangabafana) Bazakuzwisisa mayelana neNhlangano Yabesimame Yenkululeko,” iLiahona, Nov. 2011, 113.

  2. Amadodakazi Embusweni Wami: Umlando kanye Nomsebenzi Wenhlangano Yabesimame Yenkululeko (2011), 112.

  3. Amadodakazi Embusweni Wami, 119–20.

  4. uBrigham Young, “Ukuphawula,” Deseret News, Oct. 15, 1856, 252.

  5. Bona Amadodakazi Embusweni Wami, 36–37.

Ngingenzenjani?

  1. Ngingazi kanjani ukuthi odade bami badingani?

  2. Bangakwazi kanjani odade bami ukuthi ngibakhathalele kakhulu?

Shicilela